1KWA ti, uJeremia se e qedile ukukuluma kubantu bonke amazwi onke ka Jehova uTixo wabo, a e m tumele kubo uJehova uTixo wabo ngawo, lawamazwi.
2uAzaria indodana ka Hoshaia, noJohanani indodana ka Karea, nabantu bonke abazidhlayo ba kuluma ba ti kuJeremia, U kuluma amanga; uJehova uTixo wetu ka ku tumanga ukuba u ze u ti, Ni nga yi Egipite ukuba ni hlale kona;
3Kepa uBeruki indodana ka Neria u ku vusile ngati, ukuba si nikelwe ezandhleni zamaKaldea, ukuba a si bulale, a si tumbele eBabulona.
4Kwa njalo uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi, nabantu bonke, a ba lalelanga izwi lika Jehova lokuba ba hlale ezweni la kwaJuda.
5Kepa uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi, ba tabata aba insalo yonke ya kwaJuda ababuyileyo ezizweni zonke, aba be xotyelwe kuzo, ukuba ba hlale ezweni la kwaJuda;
6Amadoda, nabafazi nabantwana, nanadodakazi enkosi, nabantu bonke uNebuzaradani induna yamapolisa a e ba shiyile noGedalia indodana ka Ahikamu indodana ka Shafani, noJeremia umprofeti, noBaruki indodana ka Neria.
7Kwa njalo ba ya ezweni la sEgipite; ngokuba a ba lalelanga izwi lika Jehova; ba ya ba fika eTapanesi.
8Izwi lika Jehova la fika kuJeremia eTapanesi, la ti,
9Tabata amatye amakulu ngezandhla zako, u wa fihle odakeni endaweni yokubumba isitini, e ngasemnyango wendhlu ka Faro eTapanesi, pambi kwabantu bonke ba kwaJuda.
10U ti kubo, U tyo uJehova wemikosi uTixo ka Israeli, Bheka, ngi ya kutuma, ngi m tabate uNebukadrezari inkosi ya seBabulona, inceku yami, ngi beke isihlalo sake pezu kwalawamatye engi wa fihlileyo; u ya kuwembesa ngesivunulo sake.
11U ya kufika a tyaye izwe la sEgipite, a nikele ekufeni aba za kufa, na sekutunjweni aba za kutunjwa, na senkembeni aba miselwe inkemba.
12Ngi ya kupemba umlilo ezindlini zotixo ba sEgipite; u ya kubatyisa, a ba tumbe; u ya kwambata izwe la sEgipite njengomalusi e mbata ingubo yake, a pume kahle kona.
13U ya kufohloza izitombe zeBetshemeshi, eli sezweni la sEgipite; a tyise ngomlilo izindhlu zotixo ba sEgipite.