1KWA ti ngenyanga yesikombisa, uIshamaeli indodana ka Netania indodana ka Elishama, owenzalo yenkosi, nezikulu zenkosi, abantu aba ishumi kanye naye, beza kuGedalia indodana ka Ahikamu eMizpa; ba dhla kona ukudhla ndawonye naye eMizpa.
2Wa se esuka uIshmaeli indodana ka Netania, nabantu aba ishumi a e nabo, ba m gwaza uGedalia indodana ka Ahikamu indodana ka Shafani ngenkemba, ba m bulala, yena inkosi ya seBabulona e bi m enzile umbusi wezwe.
3uIshamaeli wa bulala nabaJuda aba be naye uGedalia eMizpa, namaKaldea a e funyanwa kona, amabuto.
4Kwa ti ngosuku lwesibili emva kokumbulala kwake uGedalia, ku ngaziwa muntu,
5Kwa fika abantu be vela eShekemu, na seShilo, na seSamaria, abantu abamashumi ashiyagalombili, izilevu zabo zi puciwe, nezingubo zabo zi dabukile, be zisikile, be pete iminikelo nempepo, ukuba ba i yise endhlini ka Jehova.
6uIshmaeli indodana ka Netania wa puma eMizpa ukuya kubahlangabeza, e hamba e kala. Kwa ti, e sa hlangana nabo, wa ti kubo, Wozani kuGedalia indodana ka Ahikamu.
7Kwa ti, se be ngenile pakati komuzi, uIshamaeli indodana ka Netania wa ba oulala, wa ba ponsa emgodini, yena nabantu aba be naye.
8Kepa kwa funyanwa kubo abantu aba ishumi aba ti kuIshmaeli, U nga si bulali, ngokuba si nemfuyo endhle yokolweni nebarle namafuta nezinyosi. Wa ba yeka e nga ba bulalanga kanye nabafo wabo.
9Umgodi, uIshmaeli a ponsa kuwo izidumbu zonke zabantu a e ba bulele ngesandhla sika Gedalia, wa u iwo a e wenzile uAsa inkosi ngenxa ka Basha inkosi ya kwaIsraeli; uIshmaeli indodana ka Netania wa u gcwalisa ngababuleweyo.
10uIshmaeli wa tumba insalo yonke yabantu aba seMizpa, amantombazana enkosi, nabantu bonke abaseleyo eMizpa, uNebuzaradani induna yamapolisa a e ba nikele kuGedalia indodana ka Ahikamu; uIshmaeli indodana ka Netania wa ba tumba, wemukela nabo kwabaka Amoni.
11Kepa uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi eza zi naye, se be zwile okubi konke uIshmaeli indodana ka Netania a e kwenzile,
12Ba tabata abantu bonke, ba ya ukulwa noIshmaeli indodana ka Netania, ba m fumana ngasemanzini amakulu a seGibeoni.
13Kwa ti abantu bonke aba be noIshmaeli, se be bonile uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi eza zi naye, ba jabula.
14Ba penduka abantu bonke a e ba tumbile eMizpa uIshmaeli, ba buya ba ya kuJohanani indodana ka Karea.
15Kepa uIshmaeli indodana ka Netania wa sinda kuJohanani yena nabantu abashiyagalombili, ba ya kwabaka Amoni.
16Kona uJohanani indodana ka Karea, nezinduna zonke zempi eza zi naye; ba tabata insalo yonke yabantu, a e ba buyisile kuIshmaeli indodana ka Netania, eMizpa, e se m bulele uGedalia indodana ka Ahikamu, amaqawe, amabuto, nabafazi, nabantwana, nezinceku, a e ba buyisile eGibeoni;
17Bemuka ba hlala emzini ya seKimehamu, eli ngaseBetlehema, ukuya kungena Egipite,
18Ngenxa yamaKaldea, ngokuba ba wesaba, ngokuba uIshmaeli indodana ka Netania wa e m oulele uGedalia indodana ka Ahikamu, inkosi ya seBabulona e be m enzile umbusi wezwe.