1UZEDEKIA indodana ka Josia wa ba inkosi esikundhleni sika Konia indodana ka Jehoakimu, a m enzayo inkosi ezweni la seJuda uNebukadrezari inkosi ya seBabulona.
2Kepa yena, nezinceku zake, nabantu bezwe, a ba lalelanga amazwi ka Jehova, a wa kulumayo ngoJeremia umprofeti.
3uZedekia inkosi wa tuma Jehukali indodana ka Shelemia, noZefania indodana ka Maseia umpristi, ukuya kuJeremia umprofeti, e ti, Si kulekele kuJehova uTixo wetu.
4uJeremia wa e ngena e puma ebantwini; ngokuba wa e nga ka fakwa etilongweni.
5Kwa fika impi ka Faro, i vela Egipite, a ti amaKaldea, a vimbezela iJerusalema, se e zwile ngayo, a buya e muka eJerusalema.
6Izwi lika Jehova la buya la fika kuJeremia, la ti,
7U tyo uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, A no tyo kuyo inkosi ya seJuda, e ni tumileyo ukuza kimi ukungibuza, ni ti, Bheka, impi ka Faro e pumele ukunisiza, i sa buyela Egipite, ezweni.
8A ya kubuya, amaKaldea eze a lwe na lomuzi, a u nqobe, a u tyise ngomlilo.
9U tyo uJehova, u ti, Ni nga zikohlisi ngokuti, amaKaldea a ya kumuka kitina impela, ngokuba a ka yi kumuka.
10Ngokuba noma be ni tyayile impi yonke yamaKaldea e lwa nani, kwa za kwa sala kubo abantu abalimeleyo bodwa, ba be ya kusuka, ku be ilowo etenteni lake, ba tyise lomuzi ngomlilo.
11Kwa ti, impi yamaKaldea se i mukile eJerusalema ngenxa yempi ka Faro,
12uJeremia wa puma eJerusalema ukuya ezweni la kwaBenjamini, ukuba amkele kona isabelo sake pakati kwabantu.
13Kwa ti, e se sangweni lika Benjamini, kwa ku kona induna yokulinda, igama layo la li nguIrija, indodana ka Shelemia, indodana ka Hanania; ya bamba uJeremia umprofeti, ya ti, U ya hlubukela kuwo amaKaldea.
14uJeremia wa ti, Amanga; a ngi hlubukeli kuwo amaKaldea. Kepa a i m lalelanga. Kwa njalo uIrija wa bamba uJeremia, wa m yisa ezikulwini.
15Izikulu za m tukutelela uJeremia, za m tyaya, za m faka etilongweni endhlini ka Jonatani, ngokuba za zi yenzile i be itilongo.
16uJeremia e se ngenile endhlini emnyama, emgodini, uJeremia e se kona izinsuku eziningi;
17uZedekia inkosi wa tuma wa m tabata; inkosi ya m buza ngasese endhlini yayo, ya ti, Li kona ini izwi eli vela kuJehova? uJeremia wa ti, Li kona; u ti, u ya kunikelwa esandhleni senkosi ya seBabulona.
18uJeremia wa ti kuZedekia inkosi, Ngonile ngantoni kuwe, na sezincekwini zako, na kubantu bako, ukuba u ngi fake etilongweni?
19Bapi abaprofeti benu aba profeta kini, ba ti, Inkosi ya seBabulona a i yi kuza kini, na kulelizwe?
20Ngabo lalelake, nkosi yami, nkosi, yizwake ukunxusa kwami, ukuba u nga ngi buyiseli endhlini ka Jonatani umbali, funa ngi fe kona.
21uZedekia inkosi wa e se yala ukuba ba m beke uJeremia ebaleni letilongo, ba m nike imihla ngemihla ucezu lwesinkwa sa sesitalateni sabapeki, ku ze ku pele isinkwa emzini kwa njalo uJeremia wa hlala ebaleni letilongo.