1IZWI ela fika kuJeremia li vela kuJehova, ezinsukwini zika Jehoakimu, indodana ka Josia, inkosi ya seJuda, la ti,
2Suka u ye endhlini yabaRekabi, u kulume nabo, u ze nabo endhlini ka Jehova, kwelinye ikamelo layo, u ba puzise iwaini.
3Nga se ngi tabata uJazania, indodana ka Jeremia, indodana ka Habazinia, nabafo wabo, namadodana onke ake, nendhlu yonke yabaRekabi;
4Nga ba zisa endhlini ka Jehova, endhlini yamadodana ka Hanani, indodana ka Igdalia, umuntu ka Tixo, e ngasendhlini yezikulu, e ngapezu kwendhlu ka Maseia indodana ka Shalumi, umlindi womnyango.
5Nga beka pambi kwamadodana endhlu yabaRekabi amagaba e gcwele iwaini, nezindebe, nga ti kubo, Puzani iwaini.
6Kepa ba ti, A si yi kupuza iwaini; ngokuba uJonadabi, indodana ka Rekabi ubaba wetu, wa si yala, wa ti, Ni nga puzi iwaini, nina nabantwana benu ku ze ku be pakade;
7Ni ngaki izindhlu, ni nga hlwanyeli imbeu, ni nga tyali ivini, ni nga bi nako; kepa ni ya kuhlala ematenteni izinsuku zonke zenu, ukuba ni hlale izinsuku eziningi ezweni eni ngabezizwe kulo.
8Si m lalele uJonadabi, indodana ka Rekabi, ubaba wetu, ngako konke a si yala ngako, ukuba si nga puzi iwaini izinsuku zonke zetu, tina, nomketu, namadodana etu, namadodakazi etu.
9Si nga zaki izindhlu ukuba si hlale kuzo; a si nasivini, nazwe, nambeu;
10Kepa si hlezi ematenteni, si m lalele, senza konke a si yala kona uJonadabi ubaba wetu.
11Kwa ti, uNebukadnezari, inkosi ya seBabulona, se e kupukile ezweni, wa ti, Yizani si ye eJerusalema ngenxa yempi yamaKaldea na ngenxa yempi yamaSiria; kunjalo si sa hlezi eJerusalema.
12Izwi lika Jehova la buya la fika kuJeremia, la ti, U tyo uJehova, wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti,
13Hamba, u tyo kubantu ba seJuda, na kwabakileyo eJerusalema, u ti, A ni yi kululekwa ini ukulalela amazwi ami? u tyo uJehova.
14Amazwi ka Jonadabi, indodana ka Rekabi, a wa yalayo amadodana ake, okuti a nga puzi iwaini, a gcinwa; ngokuba ka li puzanga ku ze ku be namhla, kepa a lalela umyalo ka yise; ngi kulumile kini, nga qinisa nga kuluma, kepa a ni ngi lalelanga.
15Ngi tumile kini izinceku zami zonke, abaprofeti, nga qinisa nga ba tuma, nga ti, Pendukani nonke ekuhambeni kwake okubi, ni lungise imisebenzi yenu, ni nga landeli abanye otixo, ukuba ni ba konze, kona ni ya kuhlala ezweni, engi ni nikile lona, nina noyihlo benu, kepa a ni bekanga indhlebe yenu, a ni ngi lalelanga.
16Ngokuba amadodana ka Jonadabi, indodana ka Rekabi, a gcinile umyalo ka yise, a wa yala wona; kepa lababantu a ba ngi lalelanga;
17Ngako u tyo uJehova uTixo wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Bheka, ngi ya kwehlisela eJuda, na kubantu bonke ba seJerusalema okubi konke engi ku tyiloyo kubo; ngokuba ngi kulumile kubo, kepa a ba ngi lalelanga; ngi ba memezile, kepa a ba sabelanga.
18uJeremia wa ti kuyo indhlu yabaRekabi, U tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, Ngokuba ni lalele umteto ka Jonadabi uyihlo, ni gcinile imiyalo yonke yake, nenza konke a ni yala kona,
19Ngako u tyo uJehova wemikosi, uTixo ka Israeli, u ti, uJonadabi indodana ka Rekabi, a ka yi kuswela umuntu wokuma pambi kwami ku ze ku be pakade.