1NGALESOSIKATI ngi ya kuba uTixo wezindhlu zonke zika Israeli, zona zi ya kuba abantu bami.
2U tyo uJehova u ti, Abantu abasindileyo enkembeni ba fumene umusa ehlane; suka ukuba u m pumuze, ngi tyo uIsraeli.
3uJehova wa bonakala kimi e vela kude; ngi ku tandile ngotando olupakade; ngako ngi kwenezelele ububele.
4Ngi ya kubuya ngi kwake, u ya kwakiwa, Ntombi ka Israeli; u ya kubuya u hlobe ngezigubu zako, u ye ekusineni kwabatokozayo.
5U ya kubuya u tyale izivini ezintabeni za seSamaria; abatyali ba ya kuzityala ba dhle izitelo zazo.
6Ngokuba ku ya kufika usuku aba ya kumemeza ngalo abalindi ba sentabeni ka Efraimi, be ti, Sukani, a senyuke, si ye eZioni, kuJehova uTixo wetu.
7Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Bongani uJakobe ngokutokoza, nenanele enhlokweni yezizwe; memezelani, ni bonge, ni ti, E Jehova, ba sindise abantu bako, insali ka Israeli.
8Bheka, ngi ya kubatabata ezweni la senyakato, ngi ba bute ekugcineni komhlaba; kanye nabo aba izimpumputi, nezinyonga, nabakulelweyo, nababeletayo; isizwe esikulu si ya kubuyela lapa.
9Ba ya kuza be lila; ngi ya kubahola be kuleka; ngi ya kubahambisa ngasemifuleni yamanzi ngendhlela eqondayo, aba nga yi kukubeka kuyo; ngokuba ngi nguyise ka Israeli, uEfraimi u izibulo lami.
10Yizwani izwi lika Jehova, nina zizwe, ni li memezele eziqingini ezikude, ni ti, Lowo owa m citayo uIsraeli u ya kubuya a m bute, a m linde njengomalusi e linda umhlambi wake.
11Ngokuba uJehova u m hlaulele uJakobe, wa m hlenga esandhleni sonamandhla amakulu kunaye.
12Ba ya kufika, benanela eZioni pezulu, ba butane lapa ebuhleni buka Jehova, ngamabele, na ngewaini, na ngamafuta, na ngamaundhlu ezimvu, na ngamatole; umpefumlo wabo u ya kuba njengensimu e telwa amanzi; a ba sa yi kubuya ba pele mandhla.
13Kona intombi i ya kutokoza ekusineni, nabesilisa abatya nabadala ndawonye; ngi ya kupendula ukukala kwabo ku be ukutokoza ngi ba duduze, ngi ba jabulise ba nga bi nasizi.
14Ngi ya kukolisa umpefumlo wabapristi ngamafuta; abantu bami ba ya kusuta ubuhle bami, u tyo uJehova.
15U tyo uJehova, u ti, Izwi lezwakala eRama, ukulila nokukala okunzima, uRakeli e kalela abantwana bake ala ukududuzelwa abantwana bake, ngokuba ka ba se ko.
16U tyo uJehova, u ti, Gcina izwi lako u nga lili, namehlo ako u nga kali izinyembezi; ngokuba umsebenzi wako u ya kuba nomvuzo, u tyo uJehova; ba ya kubuya ezweni lesita.
17Ku kona itemba ngokugcina kwako, u tyo uJehova; abantwana ba ya kubuyela ezweni la kubo.
18Impela ngi m zwile uEfraimi, e zikalela, e ti, U ngi tyayile, nga tyaywa njengenkabi e nga jwayeli ijokwe; ngi buyise ngi ze ngi buye, ngokuba wena u nguJehova, uTixo wami.
19Impela emva kokuhlubuka kwami nga ba nosizi, na ngasemva kokubona kwami nga tyaya itanga lami; nga ba namahloni, nga jaba, ngokuba nga twala ihlazo lobutya bami.
20uEfraimi u indodana yami etandekayo ini, umntwana omnene na? ngokuba nxa ngi kuluma okubi ngaye ngi ya m kumbula; ngako izibilini zami zi katazeke ngaye; ngi ya kumhaukela impela, u tyo uJehova.
21Zibekele izibonakaliso, u zi misele izibonda, beka inhliziyo yako emendhlweni, endhleleni owa hamba ngayo. Buya, ntombi ka Israeli; buyela kulemizi yako.
22U ya kuhambahamba ku ze ku be nini, wena ndodakazi ehlubukayo? ngokuba uJehova wenzile into entya emhlabeni, owesifazana u ya kupahla indoda.
23U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Ku sa kutyiwo lelizwi ezweni la seJuda, na semizini yalo, nxa ngi buyisa izitunjwa zabo, lokuti, uJehova a ku busise, wena kaya lokulunga, ntaba yendawo engcwele.
24Ba ya kuhlala eJuda na semizini yonke yalo ndawonye, abalimi nabo abapumayo nemihlambi.
25Ngokuba ngi ya kumpuzisa owomileyo, ngi ba sutise bonke abapelamandhla.
26Nga se ngi vuka, nga bheka; ubutongo bami ba bu mnandi kimi.
27Bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kutyala ngazo indhlu ka Israeli, nendhlu ka Juda, ngembeu yabantu, na ngembeu yezinkomo.
28Ku za kuti njengaloku ngi ba lindile ukuze ngi ba sipule, ngi ba dilize, ngi ba cite, ngi ba bulale, ngi ba qede; ngi ya kubalinda ukuze ngi bake, ngi ba tyale, u tyo uJehova.
29Ngalezozinsuku a ku sa yi kutyiwo ukuti, Oyise ba dhlile amavini ababayo, amazinyo abantwana a butuntu;
30Kepa ilowo u ya kufa ngokona kwake; lowo odhlayo amavini ababayo amazinyo ake a ya kuba butuntu.
31Bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova, engi ya kwenza ngazo isivumelwano esitya nendhlu ka Israeli, nendhlu ka Juda;
32Si nga bi njengesivumelwano enga senzayo noyise babo msukwana ngi bamba isandhla sabo, ukuba ngi ba kipe ezweni la sEgipite; aba sapula isivumelwano sami, noma be ngi umyeni wabo, u tyo uJehova.
33Kepa lesi si isivumelwano engi ya kusenza nendhlu ka Israeli emva kwa lezozinsuku, u tyo uJehova; ngi ya kubeka umteto wami pakati kwabo, ngi u lobe enhliziyweni yabo; ngi be uTixo wabo, ba be abantu bami.
34A ba sa yi kufundisana, umuntu owakelene naye, nomuntu umfo wabo, be ti, Yazini uJehova; ngokuba ba ya kungazi bonke, nabancinyane nabakulu, u tyo uJehova; ngokuba ngi ya kutetelela ububi babo, a ngi sa yi kukumbula ukona kwabo.
35U tyo uJehova, owenza ilanga li be ukukanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zi be ukukanya ebusuku; o vusa ulwandhle ku dume amadhlambi alo; uJehova wamabandhla igama lake, u ti,
36Uma lezizimiso zi dhlula zi nga bi ko pambi kwami, u tyo uJehova, se i za kupela inzalo ka Israeli i nga bi isizwe pambi kwami.
37U tyo uJehova, u ti, Nxa amazulu a pezulu e linganiswa, nezisekelo zomhlaba zi hlolwa pansi, kona ngi ya kulahla inzalo yonke ka Israeli, ngako konke aba kwenzileyo, u tyo uJehova.
38Bheka, izinsuku zi yeza, u tyo uJehova, o ya kwakiwa ngazo umuzi ka Jehova, u qale embotyongweni ka Hananeli u ze u fike esangweni legumbi.
39Intambo yokulinganisa i ya kupuma i dhlule, i qonde i ze i fike entabeni eGarebi, i pendukele ngaseGoati;
40Isihlambo sonke sezidumbu nesomlota, nezwe lonke ku ze ku fike emfuleni eKedroni, ku ze ku fike egumbini lesango lamahashi ngasempumalanga, ko ba ngcwele kuJehova, ku nga be ku sa citwa, ku qedwe ku ze ku be pakade.