1KU tiwa, uma indoda i lahla umkayo, a muke kuyo a be owenye indoda, i ya kubuyela kuye na? a li yi konakala lelozwe na? wena u pingile nabatandiweyo abaningi, kepa buyela kimi, u tyo uJehova.
2Bheka ezintabeni, u bone; ipi indawo o nga lalwanga kuyo? nga sezindhleleni u ba hlalele okomArabi ehlane; u lonile izwe ngokupinga kwako na ngokona kwako.
3Kwa nqatyelwa ukuba li ne, a ya bi ko nemvula yamuva; kodwa wa u nobuso besifebe, wa nqaba ukuba namahloni.
4A u sa yi kukuleka kimi ini u ti, Baba wetu wena, mhlobo wobutya bami!
5U ya kuba nolaka njalonjalo na? u ya kulugodhla ku ze ku be pakade na? bheka, u tyilo, wenzile okubi, wahlulile.
6Wa ti kimi uJehova na sezinsukwini zika Josia inkosi, U bonile loko a kwenzileyo uIsraeli ohlubukileyo. U yile ezintabeni zonke ezinde na pansi kwemiti yonke eluhlaza, wa pinga kona.
7E senzile konke loku, nga ti, Buyela kimi. Kodwa ka buyanga. Wa bona loku uJuda udade wabo ongatembekiyo.
8Nga bona, noma be ngi m lahlile uIsraeli ohlubukileyo ngokuba e pingile, nga m nika incwadi yesahlukaniso, ka sabanga uJuda udade wabo ongatembekiyo kodwa wa ya wa pinga naye.
9Kwa ti, ngokuzwakala kokupinga kwake, wa lona izwe, wa pinga namatye nemiti.
10Noko ngako konke loku uJuda udade wabo ongatembekiyo ka buyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kepa ngokuzenzisa, u tyo uJehova.
11uJehova wa ti kimi, uIsraeli ohlubukileyo u zilungisile ku noJuda ongatembekiyo.
12Hamba, u wa memezele lawamazwi ngasenyakato, u ti, Buya, Israeli ohlubukileyo, u tyo uJehova, a ngi yi kukutukutelela: ngi nomusa, u tyo uJehova, a ngi yi kuba nolaka ku ze ku be pakade.
13Li vume kodwa icala lako o wone ngalo kuJehova uTixo wako, wa ya izindawo zonke kwabezizwepansi kwemiti yonke eluhlaza, a ni lalelanga izwi lami, u tyo uJehova.
14Buyani, bantwana abahlubukileyo, u tyo uJehova; ngokuba ngi umyeni wenu; ngi ya kunitabata, a be munye emzini, nababili esizweni, ngi ni zise eZioni;
15Ngi ni nike abalusi abenhliziyo yami, aba ya kunalusa ngokwazi na ngokuqonda.
16Ku za kuti, nxa nanda ni cume ezweni, nga lezozinsuku, u tyo uJehova, a ku sa yi kutyiwo ukuti, Umpongolo wesivumelwano sika Jehova; a u sa yi kungena enhliziyweni, u nga be u sa kunjulwa, u nga be u sa gcinwa; u nga be u sa buya wenziwe.
17Nga lesosikati iJerusalema li ya kutiwa isihlalo sika Jehova; izizwe zonke zi ya kubutana kulo, iJerusalema, ngegama lika Jehova, zi nga be zi sa hamba ngobulukuni benhliziyo yazo embi.
18Nga lezozinsuku abendhlu ka Juda nabendhlu ka Israeli ba ya kuhamba ndawonye, ba vele ezweni la senyakato beze kanye kanye ezweni, enga ba nika lona oyihlo li be ifa labo.
19Kepa, nga ti, Ngi nga ku beka kanjani pakati kwabantwana, ngi ku nike izwe elihle, ifa elihle kakulu ezizweni? Nga se ngi ti, U ya ku ngi biza ngokuti, Baba, u nga buyi u ngi fulatele.
20Impela uma umfazi wa ke wa pata indoda yake okomdimbili, kanjalo na ni ngi patile okomdimbili, nina bendhlu ka Israeli, u tyo uJehova.
21Kwezwakala izwi ezintabeni, ukukala nokunxusa kwabantwana baka Israeli, ngokuba bedukile, ba kohlwa uJehova uTixo wabo.
22Buyani, bantwana abahlubukileyo; ngi ya kutetelela ukuhlubuka kwenu; naku se si za kuwe, wena u nguJehova, uTixo wetu.
23Impela amagquma a ize, izintaba zi umsindo, kepa ukusindiswa kuka Israeli ku kuye uJehova, uTixo wetu.
24Izitombe zi dhlile imisebenzi ya obaba iloku sa zalwayo, izimvu zabo nezinkomo zabo, abafana babo namantombazana abo.
25A si lale pansi si jabile, si gutyuzelwe amahloni; ngokuba sonile kuJehova uTixo wetu, tina nobaba betu, iloku sa zalwa ku ze ku be namhla, si nga laleli izwi lika Jehova uTixo wetu.