1LAWA a ngamazwi encwadi uJeremia umprofeti a i tumayo e seJerusalema ya ya ensalweni yamalunga a e tunjiwe na kubapristi, na kubaprofeti, na kubantu bonke a ba tumbayo uNebukadnezari eJerusalema wa ba yisa eBabulona;
2(uJekonia inkosi, nenkosikazi, nezinceku, izikulu za seJuda neza seJerusalema, nababazi, nabakandi, se be mukile eJerusalema;)
3Wa i tuma ngesandhla sika Elasa indodana ka Shafani, noGemaria indodana ka Hilkia, aba tunywa uZedekia inkosi ya seJuda ukuya eBabulona kuNebukadnezari inkosi ya seBabulona, e ti,
4U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, kubo bonke abatunjiweyo, engi benzileyo ukuba ba tunjwe eJerusalema ba yiswe eBabulona, u ti,
5Yakani izindhlu, ni hlale kuzo; tyalani amasimu, ni dhle izitelo zawo.
6Tabatani abafazi, ni zale amadodana namadodakazi; tabatelani amadodana enu abafazi, nendise izintombi zenu emadodeni, ukuba ba zale amadodana namadodakazi, ni ze nande kona, ni nga ncipi;
7A no funa ukutula kwa lowomuzi engi nenzileyo ukuba ni tunjwe ni yiswe kuwo, ni u kulekele kuJehova; ngokuba ekutuleni kwawo nani ni ya kuba nokutula.
8U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Ni nga kohliswa abaprofeti nezanusi aba kona pakati kwenu, ni nga laleli amapupo enu eni zipupisa wona.
9Ngokuba ba profeta amanga kini ngegama lami; a ngi ba tumanga; u tyo uJehova.
10Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Se ku pelile iminyaka emashumi a isikombisa eBabulona, ngi ya kuhambela kini, ngi ni fezele izwi lami elihle ngokunibuyisela kulendawo.
11Ngokuba ngi ya zazi izizindhlo, engi zi zindhla ngani, u tyo uJehova, izizindhlo zokutula, a zi sizo ezobubi, ukuba ngi ni nike ukugcina netemba.
12Kona ni ya kungibiza, ni ye ni kuleke kimi, ngi ya kuniyalela.
13Ni ya kungifuna, ni ngi fumane, nxa ni ngi funa ngenhliziyo yenu yonke.
14Ngi ya kufunyanwa ini, u tyo uJehova; ngi ya kunibuyisa ekutunjweni kwenu, ngi ni bute ezizweni zonke, na sezindaweni zonke, engi ni xotyele kuzo, u tyo uJehova; ngi ya kunibuyisela kuleyondawo enga nenzayo ukuba ni tunjwe kuyo.
15Ni tyilo ni ti, uJehova u si vusele abaprofeti eBabulona;
16U tyo uJehova ngenkosi e hleziyo esihlalweni sika Davida, na ngabantu bonke abahleziyo kulowomuzi, na ngabafo wenu aba nga tunjiwe kanye nani;
17U tyo uJehova wamabandhla, u ti, Bheka ngi ya kutumela kubo inkemba, nendhlala, nesifo, ngi benze ba be njengamakiwane amabi, a nge nakudhliwa ngobubi bawo.
18Ngi ya kubalandela ngenkemba, na ngendhlala, na ngesifo, ngi ba nikele emibusweni yonke yomhlaba ukuba ba hlupeke, ba tukwe, ba citeke, beiswe, ba delelwe, ezizweni zonke engi ba xotyele kuzo;
19Ngokuba a ba lalelanga amazwi ami, u tyo uJehova, enga wa tumayo kubo ngesandhla sezinceku zami abaprofeti, nga qinisa nga tuma; kepa a ni lalelanga, u tyo uJehova.
20Yizwani izwi lika Jehova, nina zitunjwa, engi ni kipile eJerusalema, nga ni yisa eBabulona;
21U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, ngaye uAhabi, indodana ka Kolaia, na ngaye uZedekia, indodana ka Maseia, aba profeta amanga kini ngegama lami, u ti, Bheka, ngi ya kubanikela esandhleni sika Nebukadnezari, inkosi ya seBabulona; yena u ya kubabulala pambi kwenu.
22Izitunjwa zonke za seJuda ezi seBabulona zi ya kutabata kubo isituko sokuti, uJehova a kwenze u be njengoZedekia na njengoAhabi eya bosayo inkosi ya seBabulona emlilweni;
23Ngokuba benzile amanyala kwaIsraeli, ba pinga nabafazi babakelene nabo, ba kuluma amanga ngegama lami, engi nga ba yalelanga kona; ngi yazi mina impela, ngi ngufakazi, u tyo uJehova.
24Yityo na kuShemaia umNehelami, u ti,
25U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Ngokuba u tumile izincwadi ngegama lako kubantu bonke aba seJerusalema, na kuZefania, indodana ka Maseia umpristi, na kubo bonke abapristi, wa ti,
26uJehova u kwenzile u be umpristi esikundhleni sika Jehoiada umpristi, ukuba ni be izinduna zendhlu ka Jehova, ukuze u fake etilongweni ohlanyayo nozenzayo umprofeti u m bope.
27Ngani u nga nqabeli uJeremia wa seAnatoti, o zenza umprofeti kini?
28Ngokuba ngaloku wa tuma incwadi kitina eBabulona, e ti, Ku ya kuba isikati eside lokukatunjwa; yakani izindhlu, ni hlale kuzo; tyalani amasimu, ni dhle izitelo zawo.
29uZefania umpristi wa funda lencwadi ezindhlebeni zika Jeremia umprofeti.
30Kona izwi lika Jehova le za kuJeremia, li ti,
31Tuma kuzo zonke izitunjwa, u ti U tyo uJehova ngaye uShemaia umNehelami, u ti, Loku uShemaia u profetile kini, ngi nga m tumile, wa netembisa amanga;
32Ngako u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kumtyaya uShemaia umNehelami, nenzalo yake; a ka yi kuba namuntu o za kuhlala pakati kwalababantu; a ka yi kubona ubuhle engi ya kubenzela abantu bami, u tyo uJehova; ngokuba u cebile ukuhlubuka kuJehova.