1KWA ti ngalowomnyaka, ekuqaleni kokubusa kuka Zedekia, inkosi ya seJuda, ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHanania, indodana ka Azuri, umprofeti wa seGibeoni, wa kuluma kimi endhlini kaJehova, pambi kwabapristi nabantu bonke, wa ti,
2U tyo uJehova wamabandhla uTixo ka Israeli, u ti, Ngapulile ijokwe lenkosi ya seBabulona.
3Ku nga ka peli iminyaka emibili ngi ya kubuyisela kulendawo izitya zonke zendhlu ka Jehova, a zi tabatayo kulendawo uNebukadnezari, inkosi ya seBabulona, wa zi yisa eBabulona;
4Ngi ya kubuyisela kulendawo uJekonia, indodana ka Jehoakimu inkosi ya seJuda, kanye nezitunjwa zonke za seJuda eza ya eBabulona, u tyo uJehova, ngokuba ngi ya kwapula ijokwe lenkosi ya seBabulona.
5Kona uJeremia umprofeti wa ti kuHanania umprofeti pambi kwabapristi, na pambi kwabantu bonke abemiyo endhlini ka Jehova;
6Wa ti uJeremia umprofeti, Ameni; a kenze njalo uJehova; uJehova ma wa qinise amazwi ako o wa profetileyo, ngokubuyisa izinto zendhlu ka Jehova, nezitunjwa zonke, eBabulona zi ze kulendawo.
7Kodwa yizwake izwi engi li kulumayo ezindhlebeni zako, na sezindhlebeni zabantu bonke;
8Abaprofeti aba be pambi kwami na pambi kwako kwa sendulo ba profeta ngamazwe amaningi, na ngemibuso emikulu, na ngokulwa, na ngesifo.
9Umprofeti o profeta ngokutula, nxa izwi lomprofeti li qiniseka, u ya kwaziwa lomprofeti ukuti uJehova u m tumile impela.
10Kona uHanania umprofeti wa susa ijokwe entanyeni ka Jeremia, umprofeti, wa lapula.
11uHanania wa kuluma pambi kwabantu bonke, wa ti, U tyo uJehova, u ti, Ngi ya kulapula kanjena ijokwe lika Nebukadnezari, inkosi ya seBabulona entanyeni yezizwe zonke, ku nga ka peli iminyaka emibili, uJeremia umprofeti wa e semuka.
12Kona izwi lika Jehova leza kuJeremia, uHanania umprofeti se e lapulile ijokwe entanyeni ka Jeremia umprofeti, li ti,
13Hamba u ye u m tyele uHanania, u ti, U tyo uJehova, u ti, U wapulile amajokwe emiti, kepa wo wenza amajokwe ensimbi endaweni yawo.
14Ngokuba u tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Ngi fakile ijokwe lensimbi entanyeni yalezizizwe zonke, ukuba zi m konze uNebukadnezari, inkosi ya seBabulona; zo m konza; ngi m nikile nezilwane za sendhle.
15Kona uJeremia umprofeti wa ti kuHanania umprofeti, Yizwake, Hanania, uJehova ka ku tumanga; kepa u ya benza lababantu betembe amanga.
16Ngako u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kukuxotya ebusweni bomhlaba; u za kufa nonyaka, ngokuba u fundisile ukuhlubuka kuJehova.
17Wa fa uHanania ngalowomnyaka, ngenyanga yesikombisa.