1EKUQALENI kokubusa kuka Jehoakimu, indodana ka Josia, inkosi ya seJuda, kwa fika lelizwi li vela kuJehova, la ti,
2U tyo uJehova, u ti, Yima egcekeni lendhlu ka Jehova, u kulume kuyo yonke imizi ya seJuda, ezayo ukukuleka endhlini ka Jehova, amazwi onke engi ku yala ngawo, ukuba u wa kulume kubo, u nga yeki nalinye izwi.
3Mhlaumbe ba ya kulalela, ba penduke, ku be ilowo a penduke endhleleni yake embi; ukuba ngi guquke kuko okubi engi ti ngi ya kukwenza kubo, ngemisebenzi yabo emibi.
4Yityo kubo, u ti, U tyo uJehova, u ti, Uma ni nga ngi laleli, ni hambe ngomteto wami, engi u misile pambi kwenu,
5Ni lalele izinceku zami, abaprofeti, engi ba tumele kini, ngi qinisa ngi ba tuma, kepa a ni lalelanga;
6Kona ngi ya kwenza lendhlu i be njengeShilo, ngi wenze lomuzi u tukwe ezizweni zonke zomhlaba.
7Abapristi nabaprofeti nabantu bonke bezwa uJeremia e kuluma lawamazwi endhlini ka Jehova.
8Kwa ti, uJeremia e se qedile ukukuluma konke a be m yalile ukuba a ku kulume kubantu bonke, abapristi nabaprofeti nabantu bonke ba m bamba, ba ti, U ya kufa impela.
9U profeteleni ngegama lika Jehova, u ti, Lendhlu i ya kuba njengeShilo, na lomuzi u ya kuciteka, u ngakiwa muntu? Abantu bonke ba butanela kuJeremia endhlini ka Jehova.
10Izikulu za seJuda, se zi zwile loku, zesuka endhlini yenkosi, za kupuka za ngena endhlini ka Jehova, za hlala ngasesangweni elitya lendhlu ka Jehova.
11Abapristi nabaprofeti ba se be tyo kuzo izikulu na kubo bonke abantu, ba ti, Lomuntu u fanele ukufa; ngokuba u profetile ngalomuzi njengaloku ni zwile ngezindhlebe zenu.
12uJeremia wa tyo kuzo zonke izikulu, na kubantu bonke, wa ti, uJehova wa ngi tuma ukuba ngi profete ngalendhlu na ngalomuzi lawamazwi onke, eni wezwileyo.
13A ke ni lungise ukuhamba kwenu nemisebenzi yenu, ni lalele izwi lika Jehova uTixo wenu, kona uJehova u ya kuguquka kuko okubi a ku tyiloyo ngani.
14Mina, bheka, ngi sesandhleni senu; yenzani kimi okulungileyo nokufaneleyo ngokubona kwenu.
15Kepa yazini impela ukuti, uma ni ngi bulala, impela ni ya kwehlisela igazi eli nge nacala kinina, na kulomuzi, na kwabake kuwo; ngokuba ngi qinisile uJehova u ngi tumele kini ukuba ngi kulume lawamazwi onke ezindhlebeni zenu.
16Izikulu nabantu bonke ba se be ti kubapristi na kubaprofeti, Lomuntu ka fanele ukufa; ngokuba u kulumile kitina ngegama lika Jehova, uTixo wetu.
17Kwa se ku suka amalunga ezwe, a kuluma kuwo wonke umhlangano wabantu, a ti,
18uMika wa seMorasha wa profeta ngezinsuku zika Hezekia, inkosi ya seJuda, wa tyo kubantu bonke ba seJuda, wa ti, U tyo uJehova wamabandhla, u ti, iZioni li ya kulinywa njengensimu, neJerusalema li ya kuba izincwaba, nentaba yendhlu i ya kuba imimango yehlati.
19uHezekia, inkosi ya seJuda, naba seJuda bonke ba m bulala na? a ka m esabanga uJehova ini, wa m nxusa uJehova, uJehova wa guquka ebubini, a be bu tyilo ngabo? kepa se si za kuyona imipefumlo yetu ngokona okukulu.
20Kwa ku kona futi umuntu owa profeta ngegama lika Jehova, uUrija, indodana ka Shemaia wa seKirjatjearimi, wa profeta ngalomuzi na ngalelizwi, njengamazwi onke ka Jeremia.
21uJehoakimu, inkosi, namaqawe onke ake, nezikulu zonke, se zi zwile amazwi ake, inkosi ya funa ukumbulala; kepa uUrija, se e ku zwile, wesaba, wa baleka wa ya Egipite.
22uJehoakimu, inkosi, wa tuma abantu, ba ya Egipite, uElnatani, indodana ka Akbori, nabantu abatile kanye naye ba ya Egipite.
23Ba m kipa uUrija Egipite, ba m yisa kuJehoakimu, inkosi; wa m bulala ngenkemba, wa ponsa isidumbu sake ematuneni abantu.
24Kepa isandhla sika Ahikamu, indodana ka Shafani, sa si naye uJeremia, ka nga nikelwa esandhleni sabantu ukuba ba m bulale.