1IZWI ela fika kuJeremia ngabo bonke abantu ba kwaJuda ngomnyaka wokuqala ka Nebukadrezari, inkosi ya seBabulona,
2A li tyoyo uJeremia, umprofeti, kubo bonke abantu ba kwaJuda, na kubo bonke abakileyo eJerusalema, e ti,
3Iloku kwa ba umnyaka weshumi nantatu ka Josia, indodana ka Amoni, inkosi ya kwaJuda ku ze ku be namhla, leminyaka emashumi mabili nantatu, izwi lika Jehova li fikile kimi, ngi kulumile kini, ngi qinisa, kepa a ni lalelanga.
4uJehova u tumile kini zonke izinceku zake, abaprofeti, e qinisa, kepa a ni lalelanga, a ni bekanga indhlebe ukuba ni zwe.
5Ba ti, Buyani manje, ku be ilowo endhleleni yake embi, na kuyo imisebenzi yenu emibi, kona ni ya kuhlala ezweni, a ni nikile lona uJehova, nina noyihlo benu, li be elenu ku ze ku be pakade:
6Ni nga landeli abanye otixo ukuba ni ba konze, ni kuleke kubo; ni nga ngi tukutelisi ngemisebenzi yezandhla zenu, kona a ngi yi kunenzela okubi.
7Kepa a ni ngi lalelanga, u tyo uJehova, ukuba ni ngi tukutelise ngemisebenzi yezandhla zenu, nenzelwe okubi.
8Ngako u tyo uJehova wamabandhla, Loku ni nga lalelanga amazwi ami,
9Bheka, ngi ya kutuma, ngi tabate izindhlu zonke za senyakato, u tyo uJehova, neNebukadrezari, inkosi ya seBabilona, inceku yami, ngi ba lete ukuba ba hlasele kulelizwe, na kubantu balo, na ku lezizizwe zonke ezi kona, ngi zi qede, ngi zenze zi be isimangaliso, nesinengiso, zi hlale zi citekile ku ze ku be pakade.
10Ngi ya kunqamula izwi lokujabula, nezwi lokutokoza, nezwi lomnyeni nezwi lomlobokazi, ukuhlokoma kwamatye okugaya, nokukanya kwekandeli.
11Lelizwe lonke li ya kuciteka, li be isimangaliso; lezizizwe zi ya kukonza inkosi ya seBabilona iminyaka emashumi a isikombisa.
12Ku za ku ti, nxa ku pelile iminyaka emashumi a isikombisa, ngi ya kwehlela inkosi ya seBabulona, na lesosizwe, u tyo uJehova, ngokona kwabo, nezwe lamaKaldea, ngi lenze li hlala li citekile njalonjalo.
13Ngi ya kuyisa kulelozwe amazwi onke ami, engi wa tyiloyo ngalo, konke okulotyiweyo kulencwadi, a ku profetileyo uJeremia ngezizwe zonke.
14Ngokuba lezizizwe eziningi namakosi amakulu a ya kuzisebenzisa; ngi ya kuzivuza ngokwenza kwazo, na ngemisebenzi yezandhla zazo.
15Ngokuba u tyo kimi uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, Tabata isitya sewaini la lolulaka esandhleni sami, u puzise kuso izizwe zonke, engi ku tumela kuzo.
16Zi ya kupuza, zi pubazele, zi hlanye, ngenxa yenkemba, engi ya kuituma pakati kwazo.
17Nga se ngi tabata isitya esandhleni sika Jehova, nga puzisa izwe zonke a be ngi tumele kuzo uJehova;
18iJerusalema, nemizi ya seJuda, namakosi alo, nezikulu zalo, ukuba ba citeke; ba be isimangaliso, nesinengiso, ba tukeke, njengaloku ku njalo na namhla;
19uFaro, inkosi ya sEgipite, nezinceku zake, nezikulu zake, nabantu bonke bake,
20Nabo bonke abezizwe ngezizwe, namakosi onke ezwe la seUze, namakosi onke ezwe lamaFilisiti, neAshkeloni, neAza, neEkroni, nensali ka Ashdodi,
21iEdomi, neMoabi, nabantwana baka Amoni,
22Namakosi onke a seTire, namakosi onke a seZidoni, namakosi eziqingi ezi ngapesheya kolwandhle,
23iDedani, neTema, neBuzi, nabo bonke aba puculwa isilevu emacaleni.
24Namakosi onke a seArabia, namakosi abezizwe ngezizwe, aba hlala ehlane,
25Namakosi onke a seZimri, namakosi onke a sElamu, namakosi onke a seMedia,
26Namakosi onke a senyakato, a kude na seduze, amanye ngamanye, nemibuso yonke yezwe e semhlabeni wonke; inkosi ya seSheshaki i ya kupuza emva kwabo.
27U ya kuti kubo, U tyo uJehova, wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Puzani, ni dakwe, ni hlanze, ni we, ni nga be ni sa vuka, ngenxa yenkemba engi ya kuituma pakati kwenu.
28Ku za kuti, nxa bala ukutabata isitya esandhleni sako, ukuba ba puze, u ya kuti kubo, U tyo uJehova wamabandhla, u ti, Ni ya kupuza impela.
29Ngokuba, bheka, ngi ya qala ukwehlisela okubi emzini o bizwa ngegama lami, nina ni ya kutetelelwa ini na? A ni yi kutetelelwa; ngokuba ngi ya kubiza inkemba, ngi i tumele kubantu bonke bomhlaba; u tyo uJehova wamabandhla.
30Kepa profeta kubo lawamazwi onke, u ti kubo, uJehova u ya kuduma pezulu, a pumise izwi lake endaweni yake engcwele; u ya kuduma kakulu pezu kwedhlelo lake; ngokwenanela njengabanyatela amavini u ya kubapendula abantu bonke bezwe.
31Ukuhlokoma ku ya kufinyelela emkaulweni womhlaba; ngokuba uJehova e pikisana nezizwe; u ya mangalela abantu bonke; ababi u ya kubanikela enkembeni; u tyo uJehova.
32uJehova wamabandhla u tyo, u ti, Bheka, okubi ku ya kupuma kwesinye isizwe ku ye kwesinye isizwe; isivunguvungu esikulu si ya kuvuswa emikaulweni yomhlaba.
33Ngalolosuku ababuleweyo baka Jehova ba ya kuba kona ku qala komunye umkaulo womhlaba ku ze ku fike komunye umkaulo womhlaba; a ba yi kulilelwa, a ba yi kubutwa, a ba yi kumbelwa; ba ya kuba umquba emhlabeni.
34Kalani, nina balusi, ni lile, ni bukuzeke, nina zikulu zomhlambi; ngokuba izinsuku zenu zokubulala zi pelile; ngi ya kunihlakaza, ukuba ni we njegesitya esihle.
35Abalusi ba nga bi nakubaleka; nezikulu zomhlambi zi nga bi nakusinda.
36Ku ya kuzwiwa izwi lokukala kwabalusi nelokulila kwezikulu zomhlambi; ngokuba uJehova u ya qeda idhlelo labo.
37Amakaya amahle a ya citwa ulaka olukulu luka Jehova.
38U shiyile umhume wake njengengonyama; ngokuba izwe labo li citekile ngolaka lobulalayo, na ngokutukutela kwake okukulu.