1UPASHURI, indodana ka Imeri, umpristi, e ngumbusi omkulu endhlini ka Jehova, wezwa uJeremia e profeta lezozindaba.
2Kona uPashuri wa m tyaya uJeremia, umprofeti, wa m faka etilongweni eli nga sesangweni lika Benjamini eli ngasenhla, nga sendhlini ka Jehova.
3Kwa ti ngangomso uPashuri wa kipa uJeremia etilongweni, uJeremia wa ti kuye, uJehova a ka li qambanga igama lako uPashuri, kodwa uMagormisabibi.
4Ngokuba u tyo uJehova, u ti, Bheka, ngi ya kukwenza u be umuntu osabekayo kuwena na kuzo zonke izihlobo zako; ba ya kuwa ngenkemba yezita zabo; u ya kubona ngamehlo ako; abaJuda bonke ngi ya kubanikela esandhleni senkosi ya seBabulona; i ya kubatumba i ba yise eBabulona, i ba bulale ngenkemba.
5Imfuyo yonke ya lomuzi, nemisebenzi yonke yawo, noku inani konke kwawo, namagugu onke amakosi a kwaJuda, ngi ya kukunika esandhleni sezita zabo, ezi ya kubapanga, zi ba tabate, zi ba yise eBabulona.
6Nawe, Pashuri, nabo bonke aba hlala endhlini yako, ni ya kutunjwa; u ya kuya eBabulona, u ya kufa kona, u mbelwe kona, wena nezihlobo zako zonke, o profetile kuzo amanga.
7Wa ngi gcinca, Jehova, nga gcinceka; wa ngi cindezela, wa ngahlula; ngeiswa imihla ngemihla, bonke ba ngi delela.
8Nxa ngi kuluma, noma ngi kala, ngi memeza ngokupanga na ngokubulala; loku izwi lika Jehova li ihlazo namahloni kimi imihla ngemihla.
9Kepa uma ngi ti, A ngi sa yi kumkumbula, a ngi sa yi kukuluma ngegama lake, ku senhliziyweni yami njengomlilo o tyisayo, u valelwe ematanjeni ami; nga zikataza ngokuzikuza, ngahluleka.
10Ngi zwa ukuhleba kwabaningi; ukwesabeka inxa zonke; bikani, nati, si ya kubika; bonke engi hlangene nabo ba linda ukuxuka kwami; be ti, Mhlaumbe a nga yengwa, kona si ya kumahlula si zipindisele ngaye.
11Kepa uJehova u nami e njengesiqwaga esinamandhla; ngako aba ngi zingelayo ba ya kukubeka ba ngahluli; ba ya kujaba kakulu, ngokuba be nga bi nanhlanhla; ukujaba kwabo ku nge kohleke.
12Kepa uJehova wamabandhla u ya linga ngokulunga, u ya bona izibilini nenhliziyo; ngi ya kubona ukubapindisela kwako, ngokuba ngambulile kuwe icala lami.
13Hlabelelani kuJehova; bongani uJehova, ngokuba e ba sindisile abampofu esandhleni sababi.
14A ku tukwe usuku enga zalwa ngalo: a ku nga busiswa usuku a ngi beletwa ngalo umame.
15A ka tukwe lowomuntu owa m tyela ubaba, e ti, U zalelwe umntwana wesilisa, e m tokozisa kakulu.
16Lowomuntu a ka be ngangemizi, a i citayo uJehova, e nga bi namusa, a kezwe ukumemeza kusasa, nokuhlaba umkosi emini,
17Ngokuba e nga ngi bulalanga esiswini, kona umame wa ba ituna lami, isisu sake si kulelwe njalo.
18Nga pumelani esiswini ukubona ukuhlupeka nosizi nezinsuku zami zi pela ehlazweni.