1UKONA kuka Juda ku lotyiwe ngoti lwensimbi, ngenhloko yendaimani; ku lotyiwe esibhebheni senhliziyo yabo, na sezimpondweni zamalati enu;
2Abantwana babo be kumbula amalati abo, nezitombe zabo zika Ashera nga semitini eluhlaza, nga semagqumeni amade.
3Intaba yami kanye nezwe, imfuyo yako nempahla yonke yako, ngi ya kuinikela i pangwe, amagquma ako, ngenxa yezono zako emazweni ako onke.
4U ya kubuyisela ifa engi ku nikile lona; ngi ya kukwenza u konze izita zako ezweni o nga laziyo; Ngokuba ni basile umlilo emakaleni ami o za kutya ku ze ku be pakade.
5U tyo uJehova, u ti, U ya tukwa lomuntu o temba ebantwini, a yenze inyama i be ingalo yake, onhliziyo yake i muke kuJehova.
6U ya kuba njengodingayo ehlane, e nga boni nxa ku fika okuhle; u ya kuhlala ezindaweni ezomileyo za sehlane, ezweni eli usaoti, eli ngakiwa muntu.
7U ya busiswa lomuntu o temba kuJehova, o temba lake li nguJehova.
8U njengomuti otyaliweyo nga semanzini, owenabisa izimpande zawo nga semfuleni, o ngesabi nxa ku fudumele, iqabunga lawo li luhlaza, o nga bi naluvalo nga lowomnyaka elomisa ngawo, o nga nqamuki ukutela.
9Inhliziyo i ya kohlisa ku nako konke; yonakele kakulu; ubani o nga yaziyo.
10Mina Jehova ngi hlola inhliziyo, ngi linga izibilini, ukuba ngi pe ilowo njengokuhamba kwake, njengokutela kwemisebenzi yake.
11Itendele li yondhla amazinyane eli nga wa fukumelanga, u njengalo yena o fuya imfuyo ngokungalungi; u ya ku i shiya pakati kwezinsuku zake, ekupeleni kwake u ya kuba isiula.
12Sihlalo sobukosi, ukupakama na sekuqaleni, ndawo engcwele yetu,
13Temba lika Israeli, Jehova, bonke aba ku lahlayo ba ya kujaba; aba ngi shiyayo ba ya kulotywa emhlabatini, ngokuba ba lahlile uJehova, umtombo wamanzi agijimayo.
14Ngi pilise, Jehova, ukuba ngi piliswe; ngi sindise ukuba ngi sindiswe, ngokuba wena u udumo lwami.
15Bheka, ba ti kimi, Li pi izwi lika Jehova na? a li ze manje.
16A ngi pumanga ukuba ngi nga bi umalusi wokukulandela; lolosuku losizi a ngi lu funanga, u yazi wena; okupumayo emlonyeni wami kwa ku lungile kuwe.
17U nga bi okwesabekayo kimi: u inkosi yami yokupepela ngosuku olubi.
18A ba jabe aba ngi zingelayo, ngi nga jabiswa mina; a ba tyaywe uvalo, mina ngi nga tyaywa ilo; behlisele usuku olubi, u ba bulale ngokubulala okubili.
19U tyo uJehova kimi, u ti, Hamba, u ye u me esangweni labantwana babantu bami, a ngena ngalo amakosi a kwaJuda, a puma ngalo, na semasangweni onke a seJerusalema,
20U tyo kubo, Yizwani izwi lika Jehova, nina makosi akwaJuda, noJuda wonke, nabo bonke abakileyo eJerusalema aba ngena nga lawamasango.
21U tyo uJehova, u ti, Qapelani, ni nga twali umtwalo ngosuku lwesabata, ni nga u ngenisi ngamasango a seJerusalema;
22Ni nga pumi nomtwalo ezindhlini zenu ngosuku lwesabata, ni nga sebenzi namunye umsebenzi, kepa gcinani isabata li be ngcwele, njengaloku nga yala oyihlo benu,
23Kepa a ba lalelanga, a ba bekanga indhlebe, benza lukuni intamo yabo, ukuba ba ngezwa, ba nga lulekwa.
24Ku za kuti, nxa ni ngi lalela kahle, u tyo uJehova, ni nga ngeni nomtwalo ngamasango a lomuzi ngosuku lwesabata, kepa ni gcine usuku lwesabata, lu be ngcwele, ni nga sebenzi namunye umsebenzi ngalo;
25Kona ku ya kungena ngamasango a lomuzi amakosi nezikulu, ba hlale esihlalweni sika Davida; ba hambe ngezinqola na ngamahashi, bona nezikulu zabo, abantu ba kwaJuda, nabakileyo eJerusalema; lomuzi u ya kwakiwa ku ze ku be pakade.
26Ba ya kupuma emizini ya kwaJuda, na semapandhleni a seJerusalema, na sezweni la kwaBenjamini, na sezihlanjeni, na sezintabeni, na ngaseningizimu, beze neminikelo yokutya nemihlatyelo neminikelo nempepo, beze endhlini ka Jehova neminikelo yokubonga.
27Kodwa uma ni nga ngi laleli ni gcine usuku lwesabata lu be ngcwele, ukuba ni nga twali umtwalo, ni nga ngeni emasangweni a seJerusalema ngosuku lwesabata; kona ngi ya ku basa umlilo emasangweni alo, u ya kuqeda izindhlunkulu, u nga citywa.