1UJehova wa ti kimi, Noma oMosi noSamueli be mi pambi kwami, inhliziyo yami i nge tande lababantu; ba kipe ebusweni bami ba suke.
2A ko ti uma be ti kuwe, Si ya kuya ngapi na? u ti kubo, U tyo uJehova u ti, Aba miselwe ukufa a ba ye ekufeni, naba miselwe inkemba, a ba ye enkembeni, naba miselwe indhlala a ba ye endhlaleni, naba miselwe ukutunjwa, a ba tunjwe.
3Ngi ya kubamisela izinhlobo ezine, u tyo uJehova, inkemba yokubulala, nezinja zokuhudula, nezinyoni zomkati, nezilo zomhlaba zokudhla zi qede.
4Ngi ya kubanikela emibusweni yonke yomhlaba ukuba ba hlupeke, ngenxa ka Manasa, indodana ka Hezekia, inkosi ya kwaJuda, na ngenxa ya loko, a kwenzayo eJerusalema.
5Ngokuba ubani o za kuba nomusa kuwe, Jerusalema, ubani o za kukuhaukela, ubani o za kupambukela ukubuza ukuba u hlezi kahle?
6Wena u ngi lahlile, u tyo uJehova, wa buyela emuva; ngi ya kolula isandhla sami kuwe, ngi ku bubise; ngi katele ukuhaukela.
7Ngi ya kubela ngeselo emasangweni ezwe; ngi ya kubamuka abantwana babo, ngi cite abantu bami, loku be nga buyi ezindhleleni zabo.
8Abafelokazi babo ba vamile kimi ku nesihlabati solwandhle; ngi ba letele, kunina wabaketiweyo, umpangi, emini; nga mehlisela ngokuzuma uvalo nokututumala.
9Yena owa zala aba isikombisa wa pela amandhla, wa fa: ilanga lake la tyona ku semini; wa hlazeka, wa jaba; abaseleyo kubo ngi ya kubanikela enkembeni pambi kwezita zabo, u tyo uJehova.
10Nako kimina, mame, ngokuba u ngi zele ngi be umuntu wenkani, nomuntu wokupikisana nezwe lonke; a ngi tyelekanga muntu uto, a ngi tyelekanga uto kumuntu, kepa bonke ba ngi tuka.
11uJehova wa ti, Impela ngi ya ku kataza ngokuhle kwako; impela ngi ya kwenza ukuba isita si ze si ku kulekele ngesikati sokubi na ngesikati sezinsizi.
12Insimbi i ya kwapula insimbi ya senyakato netusi na?
13Ngi ya kukunikela ku pangwe imfuyo yako nomcebo wako, ku nga bi ngentengo, kepa ngenxa yezono zonke zako, na semazweni onke ako.
14Ngi ya kumukisa wena nezita zako, ni ye ezweni o nga laziyo; ngokuba umlilo u basiwe emakaleni ami, o ya kunityisa.
15U yazi, Jehova, ngi kumbule, u hambele kimi, u ngi pindisele kwaba ngi zingelayo; u nga ngi susi ekubekezeleni kwako; yazi ukuti ngenxa yako ngi hlazekile.
16Nga fumana amazwi ako, nga wa dhla; amazwi ako a ba kimi ukujabula nokutokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngi bizwa ngegama lako, Jehova, uTixo wamabandhla.
17A ngi hlalanga nebandhla labahlekayo, a ngenamanga; nga hlala ngedwa pambi kwesandhla sako, ngokuba u ngi gcwalisile ngolaka.
18Ubuhlungu bami bu kona njalonjalo ngami, nenxeba lami li nge nakusinda, li nqaba ukupola ngani na? u ya kuba kimi njengomfula o kohlisayo, amanzi a nqamukayo na?
19Ngako u tyo uJehova u ti, Uma u buya, ngi ya kukubuyisa u me pambi kwami; uma u veza okuhle ku nga bi nokubi, u ya kuba njengomlomo wami; a ba buyele kuwe, kodwa u nga buyeli kubo.
20Ngi ya ku kwenza u be ku lababantu utango lwetusi, olu vimbayo; ba ya kulwa nawe, kepa a ba yi kwahlula; ngokuba ngi nawe ukuba ngi ku sindise, ngi ku kulule, u tyo uJehova.
21Ngi ya kuku kulula esandhleni sababi, ngi ku kipe emandhleni abapangayo.