1KONA abaka Israeli bonke ba puma, isizwe sa butana ku nga ti umuntu munye, ku suka eDani ku ze ku fike eBeresheba, nezwe la seGiladi, kuJehova eMizpa.
2Amakosi abantu bonke, ezizwe zonke zika Israeli, ema emhlanganweni wabantu baka Tixo, abantu aba hamba ngezinyawo ba be izinkulungwane ezimakulu amane aba hloma inkemba.
3(Kepa abaka Benjamini bezwa ku tiwa abaka Israeli ba kupukele eMizpa.) Kona abaka Israeli ba ti, Si tyeleni ukuba lesisono senziwa kanjani.
4Wa pendula umuntu, umLevi, indoda yomfazi owa e bulewe, wa ti, Nga fika eGibea la kwaBenjamini, mina nepilegeshi lami, ukuba si lale.
5Aba seGibea ba ngi vukela, ba ngi haqa endhlini ebusuku, ba ti ba za kungibulala; ipilegeshi lami ba lona la za la fa.
6Nga tabata ipilegeshi lami, nga li hlahlela, nga li tuma ezweni lonke lefa la kwaIsraeli; ngokuba benzile isono nento embi kwaIsraeli.
7Bhekani, nina nonke ni ngabaka Israeli; vezani lapa izwi necebo.
8Besuka abantu bonke ku nga ti umuntu munye, ba ti, A si yi kuya namunye kutente wake, a si yi kupambukela namunye endhlini yake.
9Kepake loku esi ya kukwenza eGibea; si ya kukwenza kulo ngenkato;
10Si ya kutabata abantu aba ishumi ekulwini kuzo zonke izizwe za kwaIsraeli, aba ikulu enkulungwaneni, aba inkulungwane ezinkulungwaneni ezi ishumi, ukuba ba tabatela abantu ukudhla, benze, ngokufika kwabo eGibea la kwaBenjamini, ngako konke ukona aba kwenzileyo kwaIsraeli.
11Kwa njalo abantu bonke ba kwaIsraeli ba butana emzini, be hlangene ku nga ti umuntu munye.
12Izizwe za kwaIsraeli za tuma abantu ezizweni zonke za kwaBenjamini, za ti, Bu ini lobububi obenziweyo pakati kwenu?
13Ngakoke kipani labobantu, abantu ababi, aba seGibea, ukuba si ba bulale, si suse okubi kwaIsraeli. Kodwa abaka Benjamini ka ba vumanga ukulalela izwi labafo wabo abaka Israeli.
14Abaka Benjamini ba puma emizini ba butana eGibea, ukuba ba pume, ba lwe nabaka Israeli.
15Kwa balwa ngalesosikati abaka Benjamini aba vela emizini, izinkulungwane ezimashumi amabili nesitupa aba hloma inkemba, ngapandhle kwabantu ba seGibea, aba balwa be ngamakulu a isikombisa abantu abaketiweyo.
16Kwa ku kona pakati kwa labobantu bonke abantu abaketiweyo abamakulu a isikombisa, amanxele; bonke labo bazi ukuponsa amatye, be nga beki pansi, na sonweleni.
17Abantu ba kwaIsraeli, ngapandhle kwabakwa Benjamini, ba balwa be izinkulungwane ezimakulu amane zabantu aba hloma inkemba; bonke labo ba be ngabantu bempi.
18Abaka Israeli besuka ba kupukela endhlini ka Tixo, ba buza kuTixo, ba ti, Ubani o ya kusikupukela kuqala ukuya kulwa nabaka Benjamini? uJehova wa ti, Ku ya kukupuka uJuda kuqala.
19Abaka Israeli besuka kusasa, ba misa eGibea.
20Abantu ba kwaIsraeli ba puma ukuya kulwa nabakwa Benjamini; abantu bakwaIsraeli ba zihlela ukulwa naba seGibea.
21Abaka Benjamini ba puma eGibea, ba bulala pansi ngalolosuku abantu ba kwaIsraeli aba izinkulungwane ezimashumi amabili nambili.
22Kepa abantu, abantu bakwaIsraeli, ba be nesibindi, ba buya ba hlela impi endaweni aba zihlela kuyo ngosuku lokuqala.
23Abaka Israeli ba kupuka, ba kala pambi kuka Jehova kwa za kwa hlwa, ba buza kuJehova, ba ti, Ngi ya kupinda, ngi sondele ukulwa nabaka Benjamini, umfo wetu na? uJehova wa ti, Kupukelani kuye.
24Abaka Israeli ba sondela kwabaka Benjamini ngosuku lwesibili.
25Abakwa Benjamini ba puma eGibea ba hlangana nabo ngosuku lwesibili, ba bulala pansi futi abakwaIsraeli abantu aba izinkulungwane ezi ishumi na shiyagalombili; labo bonke a ba hloma inkemba.
26Kona bonke abakaIsraeli, nabantu bonke, ba kupuka, ba ya endhlini ka Tixo, ba kala, ba hlala kona pambi kuka Jehova, ba zila ukudhla ngalolosuku kwa za kwa hlwa, ba nikela iminikelo yokutyiswa, neminikelo yokutula pambi kuka Jehova.
27Abaka Israeli ba buza kuJehova, (ngokuba umpongolo wesivumelwano sika Tixo wa u kona ngalezozinsuku.
28uFinehasi, indodana ka Eleazari, indodana ka Aroni, wema pambi kwawo ngalezozinsuku,) ba ti, Ngi ya buza ukuba ngi ya kupinda futi, ngi pume ukuya kulwa nabaka Benjamini umfo wetu, nokuba ngi za kuyeka? uJehova wa ti, Kupukani, ngokuba ngomso ngi ya kubanikela esandhleni sako.
29AbakaIsraeli ba beka abalaleli, ba haqa iGibea.
30Abaka Israeli ba kupukela kwabaka Benjamini ngosuku lwesitatu, ba zihlela eGibea, njenga kwezinye izikati.
31Abaka Benjamini ba puma ukuya kuhlangana nabantu, ba holwa be suka emzini; ba qala ukunqoba abantu, be bulewe, njenga kwezinye izikati, ezindhleleni, enye yenyuka ukuya endhlini ka Tixo, nenye i ya eGibea la sendhle, ku nga ti abantu abamashumi amatatu kwabaka Israeli.
32Abaka Benjamini ba ti, Si ba nqobile njengokuqala. Kepa abaka Israeli ba ti, A si baleke, si ba hole, ba suke emzini, ba ye ezindhleleni.
33Abantu bonke ba kwaIsraeli besuka endaweni yabo, ba zihlela eBaltamari; kanjalo abalaleli ba kwaIsraeli besuka endaweni yabo, egcekeni la seGibea.
34Beza pambi kweGibea abantu aba izinkulungwane ezi ishumi abaketiweyo kubo bonke ba kwaIsraeli; ukulwa kwa kunzima; kepa ba be ngazi ukuti ububi ba bu sondele kubo.
35uJehova wa nqoba uBenjamini pambi kuka Israeli; abaka Israeli ba bulala ngalolosuku abantu bakwaBenjamini aba izinkulungwane ezimashumi amabili nanhlanu nekulu; labo bonke a ba hloma inkemba.
36Abaka Benjamini ba be bonile ukuti (abaka Israeli) ba nqotyiwe; kepa abantu ba kwaIsraeli ba dedela aba kwaBenjamini ngokuba betemba abalaleli a be ba bekile ngaseGibea.
37Abalaleli ba tyetya, ba gijimela eGibea; abalaleli ba qubeka, ba nqoba umuzi wonke ngobukali benkemba.
38Isiboniso esimisiweyo abantu ba kwa Israeli nabalaleli sa si ilesi sokuba ba tunqise umusi omkulu wenyuke emzini.
39Abantu bakwa Israeli ba buyela emva ekulweni, aba kwaBenjamini ba qala ukunqoba be bulewe kubantu ba kwaIsraeli ku nga ti abantu abamashumi amatatu; ngokuba ba ti, Impela ba nqotyiwe pambi kwetu njenga se kulweni kwa kuqala.
40Nxa se ku qalile ukutunqa emzini insika yomusi, aba kwaBenjamini ba bheka emva, bheka, umusi wonke wenyukela ezulwini.
41Abantu baka Israeli ba penduka, abantu ba kwaBenjamini ba jaba; ngokuba ba bona ukuti behlelwe ububi.
42Ngako ba penduka pambi kwabantu ba kwaIsraeli ba ya ngendhlela ya sehlane; kodwa ukulwa kwa ba landela; ba ba bulala pakati kwayo aba semizini.
43Ba haqa aba kwaBenjamini, ba ba xotya, be sa pumula, ba ba nyatela, ba za ba fika pambi kweGibea ngasempumalanga.
44Ba wa abantu ba kwaBenjamini aba izinkulungwane ezi ishumi na shiyagalombili; labo bonke ba be ngamaqawe.
45Ba penduka, ba baleka ba bheka ehlane, edwaleni leRimoni; ba ba kotoza kubo ezindhleleni abantu aba izinkulungwane ezi isihlanu; ba ba xotya ba za ba fika eGidomi, ba bulala abantu aba izinkulungwane ezimbili kubo.
46Kwa njalo bonke abakwaBenjamini aba wayo ngalolosuku ba be izinkulungwane ezimashumi amabili nesihlanu zabantu aba hloma inkemba; labo bonke ba be ngamaqawe.
47Kepa abantu abamakulu a isitupa ba penduka, ba balekela ehlane, edwaleni leRimoni, ba hlala edwaleni leRimoni izinyanga ezine.
48Abantu baka Israeli ba buyela kwabaka Benjamini, ba ba bulala ngobukali benkemba, konke okwa semzini, nezinkomo, nako konke okwa funyaniswa; ba i tyisa ngomlilo imizi yonke eya funyaniswayo.