1NGALEZOZINSUKU kwa ku nge ko inkosi kwabaka Israeli; na ngalezozinsuku isizwe samaDani sa zifunela izwe lokwaka; ngokuba ngalolosuku ba be nga kamkeliswa izwe ezizweni zika Israeli.
2Abaka Dani ba tuma abantu abahlanu ba sesizalweni sakubo, kuso sonke isizwe sakubo, abantu aba ngamaqawe, ba sezora na seEshtaoli, ukuya kuhlola izwe nokulibona; ba ti kubo, Hambani, ni bone izwe. Ba fika entabeni ya kwa Efraimi, endhlini ka Mika, ba ngenisa kona.
3Nxa se be kona ngasendhlini ka Mika, ba lazi izwi lensizwa e ngumLevi; ba pambukela kona, ba ti kuye, Wa yiswa ubani lapa? wenzani kulendawo? u nani lapa?
4Wa ti kubo, uMika u ya ngenzela ukuti nokuti, wa ngi tola, nga ba umpristi wake.
5Ba ti kuye, Buza kuTixo, ukuze sazi ukuba indhlela esi hamba ngayo i ya kuba nenhlanhla.
6Umpristi wa ti kubo, Hambani kahle, i pambi kuka Jehova indhlela yenu eni hamba ngayo.
7Besuka labobantu aba isihlanu, ba ya ba fika eLaisha, ba bona abantu aba pakati kwalo, be sa hlezi be nge nalo uvalo, njengokuma kwamaZidoni, be tula, be nge navalo; kwa ku nge ko ezweni umbusi onqobayo o ba hlupayo ngaluto, ba be kude namaZidoni, be nge namsebenzi nabanye abantu.
8Ba buya ba fika kubafo wabo eZora na seEshtaoli; abafo wabo ba ti kubo, Ni tini na?
9Ba ti, Sukani, a si kupukele kubo; ngokuba si bonile izwe; bheka, li hle kakulu; ni ya tula ini? ni nga nqeni ukuhamba ukuya kufuya izwe.
10Nxa ni hamba ni ya kufika kubantu aba nge nalo uvalo, na sezweni elikulu; uTixo u li nikele esandhleni senu; indawo e nga sweli luto olu sezweni.
11Besuka kona aba sesizalweni samaDani, eZora na seEshtaoli, abantu abamakulu a isitupa aba be hlomile izikali zokulwa.
12Ba kupuka, ba misa eKirjat-jearimi, kwaJuda; ngako ba biza leyondawo ngokuti iMahanedani na namhla; bheka, li ngasemva kweKirjatjearimi.
13Ba dhlula kona ba ya entabeni ya kwaEfraimi, ba fika endhlini ka Mika.
14Labobantu aba isihlanu, aba ya ukuhlola izwe la seLaisha, ba kuluma ba ti kubafo wabo, Ni yazi ini ukuti ku kona ku lezizindhlu iefodi, neterafimi, nesitombe esibaziweyo, nesitombe esipekiweyo? ngako qondani kaloku ukuba ni ya kwenzani;
15Besuka ba pambukela kona, ba fika endhlini yensizwa e ngumLevi, endhlini ka Mika, ba m bingelela.
16Labobantu abamakulu a isitupa aba be hlomile izikali zokulwa, aba kwabaka Dani, be ma esangweni.
17Abantu aba isihlanu aba ya ukuhlola izwe, benyuka, ba ngena kona, ba tabata isitombe esibaziweyo, neefodi, neterafimi, nesitombe esipekiweyo; umpristi we ma esangweni nabantu abamakulu a isitupa aba hlomile izikali zokulwa.
18Labo se be ngenile endhlini ka Mika, ba tabata isitombe esibaziweyo, neefodi, neterafimi, nesitombe esipekiweyo, umpristi wa ti kubo, Nenzani na?
19Ba ti kuye, Tula, beka isandhla emlonyeni, u hambe nati, u be ubaba wetu nompristi wetu. Ku hle ini ukuba u be umpristi wendhlu yomuntu munye, ku nokuba u be umpristi wesizwe nowesizalo kwaIsraeli?
20Inhliziyo yompristi ya tokoza, wa tabata iefodi, neterafimi, nesitombe esibaziweyo, wa ngena pakati kwabantu.
21Ba penduka, be muka, ba beka abantwana, nezinkomo, nempahla pambi kwabo.
22Se be hambile kude nendhlu ka Mika, abantu, aba be sezindhlini ea zi kufupi nendhlu ka Mika, ba butana, ba ya ba fumana abaka Dani.
23Ba memeza kwabaka Dani. Ba penduka ba ti kuMika, U nani, ni butene ngani na?
24Wa ti, Ni tabatile otixo bami enga benzayo, nompristi, nemuka; ngi se nani na? ku ini loku eni ku tyoyo kimi, ni ti, U nani na?
25Abaka Dani ba ti kuye, Izwi lako ma li nga zwiwa pakati kwetu, funa abantu aba nolaka ba kwehlele, u zibulale wena nabendhlu yako.
26Abaka Dani ba hamba ngendhlela yabo; uMika wa bona ukuti ba namandhla ku naye, wa penduka wa buyela endhlini yake.
27Ba tabata a be kwenzile uMika, nompristi a e naye, be za eLaisha, kubantu abahleziyo be tula be nge nalo uvalo, ba ba bulala ngobukali benkemba, ba tyisa umuzi ngomlilo.
28Kwa ku nge ko umsindisi, ngokuba wa u kude neZidoni; ba be nge namsebenzi nabanye abantu; wa u sesihlanjeni esi ngaseBetrehobi. Ba waka umuzi, ba hlala kuwo.
29Ba qamba igama lomuzi iDani, ngegama lika Dani, uyise wabo, owa zalwa kuIsraeli; kepa igama lomuzi la li iLaisha kuqala.
30Abaka Dani ba zimisela isitombe esibaziweyo; uJonatani, indodana ka Gershomi, indodana ka Mosi, yena namadodana ake ba be ngabapristi esizweni sika Dani kwa za kwa fika usuku lokutunjwa kwezwe.
31Ba misa isitombe esibaziweyo sika Mika, a be senzile, izinsuku zonke indhlu ka Tixo eya i kona eShilo ngazo.