1USAMSONI wehla wa ya eTimnati, wa bona isifazana eTimnati sa sezintombini zamaFilisti.
2Wa kupuka wa ba tyela oyise nonina, wa ti, Ngi bonile isifazana eTimnati sa sezintombini zamaFilisti; a ke ni ngi tabatele sona si be umkami.
3Ba ti kuye oyise nonina, A ku ko ini isifazana ezintombini zabafo wenu; na sebantwini bonke bami, ukuba u ye kutabata umfazi kumaFilisti a nga sokileyo? uSamsoni wa ti kuyise, Ngi tabatele yona, ngokuba i fanele emehlweni ami.
4Ba be ngazi oyise nonina ukuti, loku kwa vela kuJehova, ukuti wa e funa ituba lokulwa namaFilisti; ngokuba ngalesosikati amaFilisti a e busa pezu kuka Israeli.
5Wehla uSamsoni noyise nonina ba ya eTimnati, ba fika ezivinini za seTimnati, bheka, ingonyama entya ya puma ukumhlangabeza, i bodhla.
6Umoya ka Tixo wa mehlela, wa i hxebula njengomuntu e li hxebula izinyane lembuzi, wa e nge naluto esandhleni sake; ka ba tyelanga oyise nonina a be kwenzile.
7Wehla, wa kuluma nalesosifazana; sa si sihle emehlweni ka Samsoni.
8Emva kwesikati wa buya ukuba a m tabate; wa pambuka ukuya kubona isidumbu sengonyama; bheka kwa ku kona iqulo lezinyosi noju esidunjini sengonyama.
9Wa hlepulela izinyosi ezandhleni, wa hamba, e dhla, wa fika kuyise nonina, wa ba pa, ba dhla nabo; kepa ka ba tyelanga ukuti wa hlepula izinyosi esidunjini sengonyama.
10Wa e sehla uyise wa ya kuso isifazana; uSamsoni wenza umtimba, ngokuba izinsizwa zenza njalo.
11Kwa ti, nxa se be m bonile, ba m tabatela abameli abamashumi amatatu, ukuba ba be naye.
12uSamsoni wa ti kubo, Ngi ya kuninika inqandelo; uma ni i casisela kahle kimi ngezinsuku ezi isikombisa zomtimba, ni i qonde, ngi ya kuninika amayembe amashumi amatatu, nezingubo zokuguqulana ezimashumi amatatu;
13Kepa uma nahluleka ukuicasisela kimi, ni ya kunginika amayembe amashumi amatatu, nezingubo zokuguqulana ezimashumi amatatu. Ba ti kuye, Si nike inqandelo yako, si i zwe.
14Wa ti kubo, Kwa puma ukudhla kokudhlayo, na koku namandhla kwa puma okumnandi. Bahluleka ukucasisela inqandelo ngezinsuku ezintatu.
15Kwa ti ngosuku lwesikombisa, ba ti kumka Samsoni, M ncenge umyeni wako ukuba a si tyele leyonqandelo funa si ku tyise wena nendhlu ka yihlo ngomlilo. Ni si memile ukuba ni si dhle na? a ku njalo na?
16Umka Samsoni wa kala pambi kwake, wa ti, U ya ngi zonda, a u ngi tandi; u nikile abakiti inqandelo, a u ngi tyelanga yona. Wa ti kuye, Bheka, a ngi ba tyelanga obaba nomame, ngi za kukutyela wena na?
17Wa kala pambi kwake lezozinsuku ezi isikombisa zomtimba wabo; kwa ti ngosuku lwesikombisa, wa m tyela, ngokuba wa m cindezela; wa ba tyela abakubo inqandelo.
18Abantu bomuzi ba ti kuye ngolwesikombisa, ilanga li nga ka tyoni, Ku ini okumnandi ku nezinyosi? ku ini oku namandhla ku nengonyama? Wa ti kubo, Uma be ni nga limanga ngesitole sami nga be ni nga qondanga inqandelo yami.
19Umoya ka Jehova weza kuye, wehla wa ya eAshkeloni, wa bulala abantu abamashumi amatatu kubona, wa tabata izivato zabo, wa ba pa aba casisela inqandelo izingubo zokuguqulana. Wa tukutela, wa kupuka wa ya emzini ka yise.
20Umka Samsoni wa nikwa kummeli wake owa e m mele.