1KEPA ukufipala a ku yi ba njengokuba kwa ku njalo ekukatazekeni kwalo lapo ekuqaleni wa kataza kalula izwe la seZebuloni nezwe la seNaftali na ngasemva wa li kataza kakulu nga selwandhle ngapesheya kweJordani eGalile lezizwe.
2Abantu aba be hamba ebumnyameni ba ku bonile ukukanya okukulu; na labo aba hlezi ezweni letunzi lokufa, ukukanya kwa ba kanyisa.
3Wandisile isizwe, u nga yandisanga injabulo: ba tokoza pambi kwako njengokutokoza kwa sekuvuneni, nanjengokutokoza kwabantu lapo ba belana impango.
4Ngokuba u lapulile ijokwe lomtwalo wake nenduku yake yokwetyata noti lomhlupayo njenga sosukwini luka Midiani.
5Ngokuba ukulwa konke ko hlomileyo ku xubene nomsindo, nezingubo zi manzi igazi, kepa loku ku ya kutyisisa okomlilo wamalahle.
6Ngokuba si zalelwe umntwana, si nikiwe indodana; ubukosi bu ya kuba emahlombe ake; u ya kubizwa ngokuti Umangaliso, Isazi, uTixo o namandhla, Uyise o simakade, Inkosi Yokutula.
7Ukwanda kobukosi bake nokutula a ku yi kuba namkaulo, e sa hlezi esihlalweni sobukosi sika Davida, na sembusweni wake, ukuze a wu qinise, a wu mise ngokwahlulela nokulunga kaloku napakade. Ukunakekela kuka Jehova wamabandhla kwa ku feza loku.
8uJehova wa tuma izwi kuJakobe lehlela pezu koIsraeli.
9Abantu bonke ba ya kwazi, noEfraimi nowakileyo eSamaria, aba ti ngokuzidhla nangokupikelela kwenhliziyo.
10Isitini si wile, kepa si ya kwaka ngamatye a baziweyo: imitombe i gauliwe, kepa si ya ku yi pendula i be amasedare.
11Ngako uJehova u ya kumvusela uRezina izita zake, a zi hlanganise ndawonye:
12Aba seSiria pambili, namaFilisti ngasemuva; ba ya kumudhla uIsraeli ngomlomo o kamisileyo, kodwa ngako konke loko ukutukutela kwake a ku yi kupenduka, nesandhla sake selulekile njalo.
13Ngokuba abantu a ba buyeli kuye o ba tyayileyo, a ba m funi uJehova wamabandhla.
14Ngako uJehova u ya kunquma ikanda nomsila kuIsraeli, ilala nebuma ngalusuku lunye.
15Ilunga, nopakamileyo, u ikanda; umprofeti o fundisa amanga u ngumsila.
16Ngokuba abaholi ba lababantu ba ya ba pambukisa; nabaholwayo ibo ba bujiswe.
17Ngako uJehova a ka yi kutokoza ngezinsizwa zabo, a ka yi kuba nomusa kwaba nge nabo oyise na kubafelokazi; ngokuba bonke ba ngabazenzisi, nabenzi bokubi, nemilomo yonke i shumayela okubi. Kodwa noko ukutukutela kwake a ku yi kupenduka, nesandhla sake selulekile njalo.
18Ngokuba ukukohlakala ku ya tyisa njengomlilo; ku ya kuqeda ubobo nameva, ku pembeke emahlahleni ehlati, ba ya kukupuka njengokupuka komusi.
19Ngolaka luka Jehova wamabandhla izwe limnyama, abantu ba ya kuba njengezinkuni zomlilo; amuko namunye o ya kumpata kahle umfo wabo.
20U ya kuhlwita ngakwesokunene, a lambe; a dhle ngakwesokohlo, a nga suti: ba ya kudhla, ilowaya na lowaya inyama yengalo yake.
21uManasa u ya ku zondana noEfraimi, noEfraimi u ya ku zondana noManasa; bonke ba ya kuxabana noJuda. Noko ukutukutela kwake a ku pendukanga, kepa isandhla sake selulekile njalo.