1UBANI lona o puma eEdomi, o nezingubo zemibala za kwaBozra na? lona o busisiweyo ngezingubo zake, e hamba ngobukulu bamandhla ake? Mina e ngi kuluma ngokulunga, ngi namandhla okusindisa.
2U zi gqokelani izingubo ezibomvu, ezi fana ne zake onyatelayo esicindezelweni sewaini na?
3Ngi si nyatele ngedwa isicindezelo sewaini; be ku ngeko kimi noyedwa kubantu: ngokuba ngo ba nyatela olakeni lwami, ngi ba gxobe ngokutukutela kwami; negazi labo li fafazeke ezingutyeni zami, ngi ngcolise zonke izivato zami.
4Ngokuba usuku lokupindisela lu senhliziyweni yami, nonyaka wabakululiweyo bami u su fikile.
5Nga bheka, a ka ba ngako o ngi sizayo; nga mangala ngokuba e ngeko o woku ngi pasa: ngako insindiso ya letelwa mina ngomkono wami; nolaka lwami, lwa ngi pasa.
6Ngo ba gxoba abantu ngolaka lwami, ngi ba dakise ngokutukutela kwami, ngi wise emhlabatini amandhla abo.
7Ngi memezele ububele obukulu buka Jehova, nezibongo zake, ngako konke a ku nikileyo tina, nomusa wake omkulu pezu kwendhlu ka Israeli, a ba nikileyo wona ngomusa wake, na ngobuningi bobubele bake.
8Ngokuba wa ti, Impela ba ngabantu bami, abantwana aba nge qambe amanga: njaloke wa ba umsindisi wabo.
9Kuzo zonke izinhlupeko zabo wa hlupeka naye, nengelosi yobukona bake ya ba sindisa: ngotando na ngesihau wa ba kulula: wa ba twala, ngazo zonke izinsuku zakuqala.
10Kodwa ba hlubuka, ba u tukutelisa umoya wake o ingcwele: ngako wa penduka wa ba isita kubo, wa lwa nabo.
11Wa zi kumbulake izinsuku zakuqala, uMosi, nabantu bake, e ti, Upi yena obakipileyo elwandhle kanye nomalusi womhlambi wezimvu zake na? upi yena o m fake umoya o ingcwele wake na?
12Obaholileyo ngesandhla sokunene sika Mosi na? ngomkono wake onzima, e hlukanisa amanzi ngapambi kwabo, ukuba a zenzele igama elingapeliyo na?
13Obaholileyo elwandhle, njengehashi ehlane, ukuba ba nga kubeki na?
14Njengokwehla kwesilwane esigodini, umoya ka Jehova wa m pumuza; njaloke wa hola abantu bako, ukuba u zenzele igama elidumileyo.
15Bheka u sezulwini, u bone u sendaweni yako yobungcwele nodumo: kupi ukwenama namandhla ako na? ukunyakaza kwamatumbu ako nomusa wako nga kimi na?
16Impela u ngubaba wetu, noko uAbrahama e nga sazi, noIsraeli e nga si vumanga: Wena, Jehova, u ngubaba wetu, umkululi wetu; igama lako li mi kade.
17O Jehova, u seduseleni ezindhleleni zako, wa zenza lukuni izinhliziyo zetu ekwesabeni wena na? Buya ngenxa yezinceku zako, aba isizwe sefa lako.
18Abangcwele bako ba li fuye isikatyana nje: izita zetu zi i bidhlizile indhlu yako e ingcwele.
19Tina si ngabako: a u bonange u ba busa bona; a ba bizwanga bona ngegama lako.