1UMOYA ka Jehova uTixo u pezu kwami; ngokuba uJehova u ngi gcobile ukuba ngi shumayele okuhle kwabatobekileyo; u ngi tumile ukuba ngi vuse abanhliziyo zabo zapukile, ukuveza ukululo kuzo izibotywa, nokuvula indhlu yezibotywa kubo ababotyiweyo;
2Ngi memezele umnyaka otandekayo ka Jehova, nosuku lolaka luka Tixo wetu; ukududuza bonke abalilayo;
3Ngi misele abakalayo eZioni, ukubanika ubuhle ngomlota, amafuta enjabulo ngokulila, ingubo yokubonga ngomoya o sindayo; ba bizwe ngokutiwa imiti yokulunga, ukutyalwa kuka Jehova, a ze a dunyiswe.
4Bake ezindaweni ezicitekileyo, ba vuse amanxiwa a kuqala, ba lungise imizi ecitekileyo, incitakalo yezizukulwane eziningi.
5Izihambi zi me zaluse imihlambi yenu yezimvu, namadodana abezizwe a be abalimi benu nabalungisi bezivini zenu.
6Ni bizwe ngokutiwa Abapristi baka Jehova: amadoda a ni bize ngokuti abasebenzi baka Tixo wetu: ni ya kudhla ingcebo yabezizwe, ni zidhle ngodumo lwabo.
7Ngenxa yehlazo lenu ni ya kuhlupeka; na ngokujaba ba jabule ngesabelo sabo: ngakoke ezweni labo ba fuye isandiso injabulo e ngapeliyo i be kubona.
8Ngokuba mina Jehova ngi ya tanda ukwahlulela, ngi ya kuzonda ukupangela imihlatyelo etyiswayo; ngi ba yaleze umsebenzi wabo ngeqiniso, ngi benzele isivumelwano esingapeliyo.
9Nenzalo yabo yaziwe kwabezizwe, nenzalo yabo kubantu: bonke aba ba bonayo ba ya kubavuma ukuba be inzalo e busiswe nguJehova.
10Ngo jabula kakulu ngoJehova, umpefumlo wami u jabule ngoTixo wami, ngokuba u ngi gqokisile ngezingubo zensindiso, u ngi sibekele ngengubo yokulunga, njengomyeni e zihlobise ngezivunulo, na njengomlobokazi e zihlobise ngamagugu ake.
11Ngokuba njengomhlaba u tela izinhlamvu zawo, na njengensimu i milisa izinto ezi tyalwe kuyona ukuba zi mile; njalo uJehova uTixo u ya kwenza ukulunga nodumo lu vele ngapambi kwesizwe zonke.