1BHEKA isandhla sika Jehova a si finyeziwe, ukuba si nga sindisi; nendhlebe yake a i sindi, ukuba i ngezwa;
2Kodwa izono zako zahlukene ku nawe noTixo wako, nezono zako zi bu tukusile ubuso bake kuwena, ukuba a nga be sezwa.
3Ngokuba izandhla zako zonakele igazi neminwe yako ububi; izindebe zako zi kulumile amanga, ulimi lwako lu vungazela ukupambana.
4A kako o bangela ukulunga, no tela iqiniso: be temba ize, ba kuluma amanga; ba tate ukonakala, be veza ububi.
5Ba camusela amaqanda ebululu, baluka ulembu lolwembu: naye o wadhlayo lawo maqanda a fe, nokwapukileyo ku be inyoka.
6Ulwembu lwabo a lu i kuba izingubo, ba nga zi gqokisi ngemisebenzi yabo: imisebenzi yabo i nge yobubi, nokungcola ku sezandhleni zabo.
7Izinyawo zabo zi gijimela ububi, ba tyetye nokubulala ongenacala: imicabango yabo i nge yobubi: ukucita nokububisa ku sezindhleleni zabo.
8Indhlela yokutula ka ba yazi; a kuko nokwahlulela ekuhambeni kwabo; ba zenzele izindhlela ezi izigwegwe: no hambayo ngazo a ka i ku kwazi ukutula.
9Ngakoke ukwahlulela ku kude nati nokulunga a ku si fumani: si hlalela ukukanya, kodwa ku vela ukufipala nje; si linde ukukanya, kodwa si hamba ebumnyameni.
10Si ya pumputa udonga njengempumpute, si pumpute njeng okungati a si namehlo: si kubeka emini kungati i sebusuku, si sezindaweni ezicitekileyo njengabantu abafileyo.
11Si bodhla sonke njengamabere, si lila kakulu njengamajuba: si bhekela ukwahlulela, kodwa ka kuko; nensindiso, kodwa i kude nati.
12Ngokuba izono zetu zandile ngapambi kwako, nokona kwetu ku ya si fakazela: ngokuba izono zetu zi kitina; na ngokona kwetu, si ya kwazi;
13Ngokona nokutuka nga kuJehova, noku m dedela kude uTixo wetu, si kuluma insindezelo nenkani, si cabangela si tyo amazwi amanga e puma enhliziyweni.
14Nokwahlulela ku hlehlele emuva, nokulunga ku mi kude: ngokuba iqiniso, li wele esitaladini, nokufaneleyo ku nge ngene.
15Yebo, iqiniso li ya wa; naye o dedelayo ububi u zenza impango: noJehova wa ku bona, kwa m dabukisa ngokuba ku ngeko ukwahlulela.
16Wa bona ukuba a kuko muntu; wa mangala ukuba e ngeko ummeli: ngako umkono wake wa m letela insindiso: nokulunga kwake, kwa m sekela.
17Wa vata ukulunga njengesivikelo sesifuba, nesigqoko sensindiso ekanda lake; wa gqoka izingubo zentukutelo, e vate ukufudumala njengebantyi.
18Njengezenzo zabo, u ya kubuyisa, ulaka kwa ba melana naye, a vuze izita zake; neziqingi u ya kuzivuza.
19Ba lesabeke igama lika Jehova entyonalanga, nodumo lwake ngasempumalanga. Lapo isita si ngena njengozamcolo, umoya ka Jehova u ya kusimisela isimiso.
20Nomkululi a fike eZioni, na kubo abapendukayo baka Jakobe, u tyo uJehova.
21Ngami mina, i lesi isivumelwano sami nabo, u tyo uJehova; umoya wami o pezu kwako, namazwi ami e ngi wa beke emlonyeni wako, a yi kupuma emlonyeni wako, na semilonyeni yenzalo yako, na semilonyeni yenzalo yenzalo yako, u tyo uJehova, namuhla ku ze ku be pakade.