1OLUNGILEYO u ya fa, a nga kalelwa muntu: nabanomusa ba ya suswa, a nga biko o cabanga ukuba olungileyo u suselwa ububi obu ya ku vela.
2U ya kungena yena ekutuleni: ba ya kupumula emibedeni yabo, ilowo e hamba ngokulunga kwake.
3Kodwa sondelani lapa, nina madodana ezanusi, inzalo yompingi nesifebe.
4Ni dhlala ngobani na? ni wu vulela bani umlomo omude na? nokumnyalizela na? a nibo ini abantwana bokona, inzalo yamanga na?
5Ni zifudumeza ngezitombe ngapansi kwemiti yonke eluhlaza, ni bulala abantwana ezigodini ngapansi kweziwa zamatye na?
6Indawo yenu i sematyeni a butyelezi omfula; iwona, wona a okwenu: nesipo sokupuza u si telele wona, u wu vezile umhlabelo wenyama. Ngi ya kududuzwa iloku na?
7Umbede wako u wu mise entabeni ende e pakeme: wa ya ukuhlabela kona.
8Nenkumbulo yako u i mise ngasemva kwezicaba nezinsika: ngokuba u zi vezile komunye ku nami, u kupukile; u wandisile umbede wako, wenza isivumelwano nabo; wa u tanda umbede wabo lapo u u bone kona.
9Wa ya enkosini u pete amafuta, wandisa amaka ako, wa zi tuma kude izigijimi zako, wa zi tyonisa esheoli.
10U katele ngobukulu bendhlela yako; noko ka u tyongo ukuti, A liko itemba: u ku tolile ukupila kwesandhla sako; ngako a u dabukanga.
11We saba bani, ukuba u qambe amanga, u nga kumbulanga mina, u nga ku bekanga na senhliziyweni yako? a ngi tulanga na kade, u nga ngesabi mina na?
12Ngo ku veza ukulunga kwako nemisebenzi yako; ngokuba a u i ku sizwa iyo.
13Lapo u kalayo, izixuku zako ma zi ku kulule; kodwa umoya u ya kubamukisa bonke, ukuzidhla ku ya kubatata; kodwa yena o wetemba mina u ya kufuya izwe, a fuye intaba yami e ingcwele;
14A ti, fumbelani, fumbelani, lungisani indhlela, susani isikubekiso endhleleni yabantu bami.
15Ngokuba u tyo loku opakamileyo no pezulu o hlala ezulwini, ogama lake li uNgcwele; ngi hlala endaweni e pezulu ne ingcwele, kanye naye o nhliziyo yake i tambile i tobile, ukuvusa inhliziyo yotobileyo, nokuziduduza izinhliziyo zabatambileyo.
16Ngokuba a ngi yi kumelana njalo njalo, ngi tukutele futi njalo; ngokuba inhliziyo i ya kupela ngapambi kwami, nemipefumlo e ngi yenzileyo.
17Nga tukutela ngenxa yobubi bokufisa kwake, nga m tyaya: nga zi tukusa, ngi tukutele, naye wa qubeka njalo ngendhlela yenhliziyo yake.
18Ngi zi bonile izindhlela zake ngo m polisa: ngi ya kumholela futi, ngi m nike yena nabalilayo bake oku za kubatokozisa.
19Ngi ya zenza izitelo zezindebe; Ukutula, ukutula kuye o kude, na kuye o seduze, u tyo uJehova; ngo m polisa futi.
20Kodwa ababi ba njengolwandhle oludungekileyo, lu nge nakupumula, amanzi alo e kipa udaka nenhlabati.
21U tyo uTixo wami, A kuko ukutula kwababi.