1DUDUZANI, ni duduze abantu bami, u tyo uTixo wenu.
2Ma ni kulume kahle kulo iJerusalema, ni memeze kulo ni ti, ukulwa kwalo ku fezekile, li tetelelwe ngokona kwalo: ngokuba lamkela esandhleni si ka Jehova ku ze ku be kabili ngezono zalo zonke.
3Izwi lomemezayo ehlane lokuti, Lungisani indhlela ka Jehova, ni menzele uTixo wetu ehlane umendo u qonde.
4Izigodi zonke zi ya kugcwaliswa, izintaba zonke nezinkalo zi ya ku dilizwa: izinsongesonge zi ya kulungiswa ku qonde ntse, nemigoxigoxi i ya kulungiswa i be itafa nje.
5Ubukosi buka Jehova bu ya kubonakala, bonke abantu ba ya kubona kanye: ngokuba umlomo ka Jehova u tyilo.
6Izwi la ti, Memeza. Wa ti, Ngi ya kumemeza ngokutini na? Inyama yonke i utyani, ubuhle bayo bonke bu njengembali ya sendhle.
7Utyani bu ya buna, imbali i vutuluke: ngokuba umoya ka Jehova u ya futela pezu kwayo: impela abantu ba utyani.
8Utyani bu ya buna, imbali i ya vutuluka: kepa izwi lika Tixo wetu li ya kuma pakade.
9Wena o leta izindaba ezinhle eZioni, kupukela entabeni ende: Wena o leta izindaba ezinhle eJerusalema, pakamisa izwi lako ngamandhla: u li pakamise u ngesabi; yityo kuyo imizi ya kwaJuda ukuti, Bhekani uTixo wenu.
10Bhekani, uJehova uTixo u yeza ngamandhla, u ya kubusa ngengalo yake: bhekani umvuzo wake u naye, umvuzo womsebenzi wake.
11U ya kwalusa umhlambi wake njegomalusi: a bute amazinyane ngengalo yake, a wa gone esifubeni sake, a hole kahle ezanyisayo.
12Ubani o linganisa amanzi ngentende yesandhla sake, wa linganisa izulu ngeminwe, wa hlanganisa utuli lomhlaba esityeni, wa linganisa izintaba ngezinkalo namaduli ngezilinganiso?
13Ubani o qondisa umoya kaJehova, nokuba a be umpakati wake wa m fundisa na?
14Wa ceba nobani, ubani owa m zwisisa, wa m fundisa endhleleni yokwahlulela, wa m fundisa ukwazi, wa m bonisa ukuqonda na?
15Bheka, izizwe zi njengetonsi lesitya, ku tiwa zi ngangotuli olucinyane olu sesilinganisweni; bheka, u ya tabata izigqingi njengento encinyane.
16iLebanoni a lanele ukubasa, nezilwane zalo a zanele ukuba umnikelo ngomlilo.
17Zonke izizwe zi njengokungeluto pambi kwake; u ti kuzo zincinyane ku noku ngeluto, zi ize nje.
18Ni ya kumfanisa uTixo nobani na? Ni ya kumlinganisa namupi umfanekiso na?
19Inyanga i yenza isitombe esitotyiweyo ngokucibilikisa, inyanga yegolide i namatelisa pezu kwaso igolide, yenze amaketanga esiliva.
20Yena ompofu kangaka ukuba e nge namnikelo u ya keta umuti ongaboliyo; a fune inyanga ehlakanipileyo ukuba yenze isitombe esibaziweyo, esi ya kuqina njalo.
21A nazanga ini? a ni zwanga ini na? a ni tyelwanga ini na sekuqaleni? a ni zwisanga se loku kwa sekelwa umhlaba ini na?
22Ku nguye o hlezi pezu kwesizungelezelo somhlaba, abaki kuwo ba njengezintete; o wambula izulu njengendwangu, e lelula njengetente ukuba ku hlalwe kulo.
23O wenza amakosi a be into e nge yaluto; nabahluleli bomhlaba ba be ize.
24Yebo, a ba yi kutyalwa: yebo, a ba yi kuhlwanyelwa: yebo, inzalo yabo a i yi kutola impande emhlabeni: u ya kufutela pezu kwabo, ba ya kubuna, nesivunguvungu si ya ku ba pepula njengeminyani.
25Ni ya kungifanisa kambe nobani na? Ngi ya kulingana nobani na? u tyo yena o ingcwele.
26Pakamisani amehlo enu pezulu ni bheke o wenze lezizinto zonke, o kipa ibandhla lazo: ngokubala u ya biza zonke ngamabizo ngobukulu bamandhla ake, ngokuba u qata ngamandhla: a yi silali neyodwa.
27U tyo ngani wena, Jakobe, wena, Israeli, u kulumelani ukuti, Indhlela yami i sitekile kuJehova, icala lami li dhlulile kuTixo wami?
28A wa zanga ini? a u zwanga ini, ukuba uTixo opakade, uJehova, umenzi wemikaulo yomhlaba, ka pelamandhla? ka katali na? a ku penyeke ukuqonda kwake.
29Abapelamandhla u ba pa wona; u yenezela amandhla kubo aba nge nawo.
30Izinsizwa zi ya kupelamandhla zi katale, nabatya ba we nya:
31Kepa abametembayo uJehova ba ya kutola amanye amandhla; ba kupuke ngamapiko njengokozi; ba ya kugijima, be nga katali: ba hambe, be nga pelamandhla.