1KWA ti ngomnyaka weshumi nane uHezikia e inkosi, uSenakeribe inkosi ya seAsiria we za wa hlasela imizi yonke evikelweyo ya kwaJuda wa i tata.
2Inkosi ya seAsiria ya m tuma uRabshaka e suka eLakishi e ya eJerusalema kuyo inkosi uHezikia e hamba nempi enkulu. Wa za wema ngasenkaseni yamanzi e senhla ngasendhleleni yezwe lomhlanzi.
3Wa puma wa ya kuye uEliakimu, indodana ka Hilkia, umbonisi wendhlu, noShebna umlobi, noJoabi, indodana ka Asafi, induna yezindaba.
4uRabshaka wa ti kubo, a no tyo kuHezikia ukuti, Inkosi ya seAsiria, inkosi enkulu, i ti, Loku kutemba o temba kuko ukutemba kuni na?
5U ti, u namasu namandhla ukulwa (amazwi omlomo nje:) u temba kubani, ukuba u hlubuke kimi na?
6Bhekake, u temba ozimeni lohlanga lolu olufecekileyo, iEgipite; uma umuntu e mi ngalo, lu ya ku ngena esandhleni, lu si gwaze: u njalo uFaro inkosi ya sEgipite kubo bonke aba temba kuye.
7Kepa uma u ti kimi ukuti, Si yetemba kuJehova uTixo wetu: a siye ini, o ku suswe uHezikia izindawo zake, ezipakamileyo namalati ake, wa tyo kwaJuda na kwaJerusalema ukuti, Ni ya ku yenza inkonzo pambi kwelati leli?
8Manje, ngi ya kucela, ngiti, vuma enkosini yami inkosi ya seAsiria, ngi ya kunika amahashi a izinkulungwane ezimbili, uma wena u nga veza abantu bokukwela kuwo.
9Ku ngema kanjani ukuba u fulatelisa emva ubuso benduna inye encinyane kuzo zonke izinceku zenkosi yami, u tembela izinqola nabamahashi Egipite?
10Ngi zile ngapandhle ku kaJehova ini ukuhlasela lelizwe nokuliqeda na? uJehova wa tyo kimi, Kupuka u hlasela lelizwe, u li bubise.
11Kona uEliakimu noShebna noJoabi ba ti kuRabsheka, Si ya cela ukuba u kulume kitina ngolimi lwa seAsiria; ngokuba si ya lwazi: u nga kulumi kiti ngolimi lwamaJuda, ezindhlebeni zabantu aba sogangeni.
12Kepa uRabsheka wa ti Inkosi yami i ngi tumele enkosini yako na kuwe ini ukuba ngi kuluma lawamazwi na? A sibo lababantu abahlezi ogangeni, e ngi tumela bona ukuba ba dhle indhle yabo, ba puze umtyobingo wabo ini na?
13Kona uRabsheka wema, wa memeza ngezwi elikulu ngolimi lwamaJuda, wa ti, Yizwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi ya seAsiria.
14I tyo inkosi ukuti, Ma ni nga kohliswa uHezekia: ngokuba a ka yi kuba namandhla okunisindisa.
15Futi uHezekia ma ka nga ni tembisi ngoJehova, ngokuti, uJehova u ya kusisindisa impela, lomuzi a u so ze u nikelwa esandhleni senkosi ya seAsiria.
16Ni nga m laleli uHezekia: ngokuba inkosi ya seAsiria i ti, Vumelanani nami ngomnikelo, ni pume ni ze kimi: ni dhle nonke ku be i lowo emvinini wake, na semkiwaneni wake, ni puze nonke emanzini etanki lake;
17Ngi ze ngi ni tabate ngi ni yise ezweni eli njengelenu, izwe lamabele newaini, izwe lesinkwa nezivini.
18Xwayani ukuba uHezekia a nga ni ungi, ngokuti, uJehova u ya kusisindisa. Imbala u kona noyedwa kotixo bezizwe o sindisile izwe lake esandhleni senkosi ya seAsiria na?
19Ba pi otixo ba seHamati naba seArpade na? Ba pi otixo ba seSefarvami na? Imbala ba li sindisa iSamaria esandhleni sami na?
20Pakati kotixo bonke, ba kona obani aba sindisile izwe labo esandhleni sami, ukuba uJehova u ya kusindisa iJerusalema esandhleni sami na?
21Ba tula, a ba m pendulanga ngazwi; ngokuba izwi lenkosi la li ngokuti, ni nga m penduli.
22Kona uEliakimu, indodana ka Hilkia, owa e umbonisi wendhlu, noShebna umlobi, noJoa, indodana ka Asafa, induna yezindaba, beza kuHezekia be nezingubo zabo zi dabukile, ba m tyela amazwi aka Rabsheka.