ISAHLUKO 18
1AU ezweni eli izitunzi zamapiko, eli ngapambi kwemifula ya seEtiopia;
2Eli tumela izigijimi ngolwandhle, nasemikunjini yemihlanga pezu kwamanzi, be ti, Hambani nina zigijimi ezi tyetyayo, kulo izwe eli hlakazekileyo neli hlutyiweyo, kubantu o kwa i loku, ba be sabeka, izwe eli hlukanisiweyo neli nyatelwe pansi, nezwe labo loniwe imifula:
3Nina nonke bomhlaba, naba hleziyo emhlabeni bhekani, lapo e pakamisa indwangu e isibonakaliso ezintabeni; na lapo e beta itilongo, yizwani nina.
4Ngokuba uJehova wa tyo njalo kimi, ngi ya kupumula mina, ngi qonde endaweni yami yokupumula njengokubalela kwemiti, na njengefu lombete ekufudumaleni kokuvuna.
5Ngokuba ku nga ka vunwa, isitombo si sa lungile, nenhlamvu yesivini esi munyu si sa zi milela embalini, u ya ku wa nquma amahlumela ngomese wokutena, a wa suse, a nqume namagatya.
6A ya ka sala ndawonye, a shiyelwe izinyoni zezintaba, nezilwane zomhlaba; nezinyoni zenze ihlobo pezu kwawo nezilwane zonke zomhlaba zezwe ubusika pezu kwawo.
7Na ngalesosikati umnikelo u ya kuletwa kuJehova wamabandhla, u vela kubantu a ba hlakazekileyo naba hlutyiweyo, na kubantu aba be sabeka kona kuqala; isizwe esahlukanisiweyo nesi nyatelwe ngonyawo, izwe labo e se loniwe imifula, kwa ze kwa fika endaweni e negama lika Jehova wamabandhla, intaba iZioni.
Bible Society of South Africa 1893