ISAHLUKO 12
1NGA lololusuku u ya kuti, Jehova, ngi ya kukonza wena; noko wa u ngi tukutelele, ulaka lwako lu pendukile, u ya ngi duduza.
2Bheka, uTixo u insindiso yami; ngi ya kwetemba, ngi nge sabi, ngokuba uJehova u ngamandhla ami, nesihlabelelo sami.
3Ngako ngokujabula ni ya kuwaka amanzi emitonjeni yensindiso.
4Na nga lololusuku ni ya kuti, Dumisa uJehova, shumayela igama lake, bonakalisa izenzo zake kubantu, ni tyo ukuba igama lake li pakeme.
5Hlabelela kuJehova: ngokuba u zenzile izinto ezilungileyo: loku ku yaziwa ezweni lonke.
6Memeza kakulu wena owakileyo eZioni, ngokuba o ingcwele ka Israeli mkulu ngapakati kwako.
Bible Society of South Africa 1893