1KU ya kuvela intonga esipunzini sika Jese, negatya li ya kumila ezimpandeni zake.
2Nomoya ka Jehova u ya kuhlala pezu kwake, umoya wokuhlakanipa nowokwazi; umoya wamasu, namandhla: umoya wokwazi, nowokwesaba uJehova:
3A menze e sabe masinyane uJehova; a nga be e sa nquma ngokubona ngamehlo ake, a nga be e sa yala ngokuzwa ngezindhlebe zake.
4Kodwa abampofu u ya kubabela ngokulunga, a yale ngokulingeneyo abatobileyo bomhlaba: a tyaye umhlaba ngentonga yomlomo wake, nangomoya wezindebe zake, u ya kubulala ababi.
5Ukulunga ku be uqoto lwesinqe, neqiniso li be uqoto lokuzibopa.
6Impisi i ya kuhlala necwane, nengonyama i ya kulala kanye nezinyane lembuzi; nenkonyana nezinyane lebubesi, nenkatyana kanye kanye: umtwanyana u ya kuzihola.
7Kwaluke inkomazi nebere; namazinyane azo a lale pansi ndawonye; nebubesi, li dhle utyani njengenkabi.
8Nomntwana o ncelayo u ya kudhlala pezu komgodi webululu, nolunyuliweyo a beke isandhla emgodini wenyoka.
9A zi ya ku limaza zi bulale kuyo yonke intaba yami e ngcwele; ngokuba umhlaba u ya kugcwala ngoku m azi uJehova, njengamanzi e gcwalisa ulwandhle.
10Na ngalololusuku ku ya kuba kona impande ka Jese, e ya ku ma e isiboniso kubantu: abezizwe ba m fune; nokupumula kwake ku be ngcwele.
11Ko ti nga lololusuku, uJehova u ya kwelula isandhla sake ngokwesibili ukubuyisa insali yabantu bake abaseleyo, Asiria, na sEgipite, na sePatrosi, na seKushi, na seElami, na seShina, na seHamati, naseziqingini zolwandhle.
12U ya kumisela izizwe isibonakaliso; a bute incitakalo ka Israeli, a butele ndawonye abahlakazekileyo baka Juda kwasemikaulweni yomhlaba.
13Umona ka Efraimi u ya kupela, nezita zika Juda zi ya kunqunywa, uEfraimi a ka yi ku ba nomona ngoJuda, noJuda a ka yi ku m hlupa uEfraimi.
14Kodwa ba ya kundiza emahlombe amaFilisti ngasentyonalanga, ba ba pange abasempumalanga kanye kanye; ba beke isandhla sabo pezu kweEdomi neMoabi; nabantwana baka Amoni ba ba lalele.
15uJehova u ya kuqeda impela iteku lolwandhle lwa sEgipite, nangomoya wake o namandhla a nikine isandhla sake pezu komfula, a wu tyaye ezimbaxeni zawo ezi isikombisa, enze ukuba abantu ba wele bomile.
16Ko ba kona umgwaqo o banzi wensali yabantu bake aba sele Asiria: njengaloku kwa ba njalo kuIsraeli ngosuku lokupuma kwake ezweni la sEgipite.