1ISIBONISO uIsaya indodana ka Amozi a si bonileyo ngoJuda neJerusalema ngezinsuku zika Uzia, noJotamu, noAhazi, noHezekia, amakosi a kwaJuda.
2Yizwani mazulu, u nike indhlebe nawe mhlaba; ngokuba uJehova u kulumile, Ngondhlile ngi kulisile abantwana, ba ngi hlubukile.
3Inkabi i ya mazi umniniyo, nembongolo umkombe womniniyo; kodwa uIsraeli kazi, abantu bami ka ba qondi.
4Au, isizwe esi nezono, abantu aba tweswe ngokona, inzalo yabenza ububi, abantwana abahlikizayo; ba m delile uJehova, ba m vusele o iNgcwele ka Israeli ngolaka, ba hlehlele emva.
5Ni nga be ni sa hlutywelani futi na? ni ya kuhlubuka njalo njalo; ikanda lonke li ya gula, nenhliziyo yonke i qulekile.
6Ku suke ngapansi konyawo, ku ze ku tike ekanda, a kuko ukuqina pakati; ukulimala kodwa, nezingozi nezilonda ezibolileyo; a zi ze zi nge latywa, zi botywe, zi totywe na ngekambi.
7Izwe lenu li citekile, imizi yenu i tyisiwe ngomlilo; nezwe lenu li dhliwa izihambi ni kona, li citekile njengokucita kwezihambi.
8Nendodakazi ya seZioni i shiyiwe njengendhlu esivinini, njengexiba ensimini yamaselwa, njengomuzi o vinjezelwa impi.
9Uma uJehova wamabandhla e nga si shiyelanga okuncane kwetu, sa si ya kuba njengeSodoma, na njengeGomora.
10Yizwani, izwi lika Jehova, nina babusi ba seSodoma; nikani indhlebe kuwo umteto ka Tixo wetu, nina bantu ba seGomora.
11Ukungihlabisa kwenu okuningi ku ngokwani na? u tyo uJehova: Mina ngi suti ngezipo ezityisiweyo zezimpongo, na ngamafuta ezilwane ezikulupalisiweyo; a ngi jabuli na ngegazi lezinkabi, ne lamacwane ne lezimpongo.
12Lapo ni fikayo ukubonakala ngapambi kwami, ni bizwe ngubani na? ukuba ni nyatele esigodhlweni sami na?
13Ni nga be ni sa zi leta izipo zokuzenzisa; okutyisiweyo ku isinengiso kimina; izinyanga ezintya namasabata, nokumema kwabantu, a ngi ku tandi; ku isono, kona loko kuhlangana okungati ku tobekile.
14Izinyanga zenu ezitwasayo nokuhlabisa kwenu ku ya zondwa umpefumlo wami; ku inhlupeko kimina loko; ngi katele ngokukutwala loko.
15Na lapo nelula izandhla zenu, ngi ya kunifihlela amehlo ami; na lapo nenza imitandazo eminingi, a ngi i kuzwa; izandhla zenu zi gcwele igazi.
16Gezani ni be mhlope; ni suse ububi bezenzo zenu ngapambi kwamehlo ami, ni peze ukwenza okubi;
17Ni funde ukwenza okulungileyo; ni fune ukuhlakanipa, sizani abahlutywayo, nahlulele kahle izintandane, ni mele umfelokazi.
18Yizanike, ma si qondisane sodwa, u tyo uJehova; noko izono zenu zi bomvu, zi ya kuba mhlope njengongqoqwane; noko zi bomvu tebu, zi ya kuba njengoboya bezikabu.
19Uma ni ya vuma ni lalele, ni ya kudhla okuhle kwezwe;
20Kodwa uma ni yala, ni hlubuke, ni ya kuqedwa inkemba; ngokuba umlomo ka Jehova u ku tyilo.
21Ku ngani ukuba umuzi otembekayo, u su ngowezifebe na? wa u gcwele ngokuqonda; kwa hlala ukulunga kona; kodwa manje ku hlezi ababulali.
22Isiliva lenu se li inhlakanhlaka, iwaini lenu se li xubene namanzi;
23Amakosi enu a ya hlubuka, a tandana namasela; bonke ba tanda izipo, ba landela inzuzo; a ba m naki o nge nayise, nendaba yomfelokazi a i finyeleli kubona.
24Ngako u ti uJehova, uJehova wamabandhla, omkulu wa kwaIsraeli, ngi ya kuzipumuza kwabangangitandiyo, ngi ba pindisela aba izita kimi.
25Ngi buyise isandhla sami pezu kwako, ngi i kipisise yonke inhlakanhlaka yako, ngi li suse lonke itusi lako.
26Ngi wa buyisela amakosi ako njenga kuqala nabameli bako njenga sekuqaleni; ngasemva u ya kubizwa wena umuzi wokulunga, umuzi otembekayo.
27iZioni li ya ku lungiselwa ekwabeni, nababuyelayo kulo ngokulunga.
28Nokubulawa kwabahlubuki nabonayo ku ya kuba kanyekanye nabo abamdelayo uJehova, ba ya kuqedwa.
29Ngokuba ba ya kujaba ngemiti yamamala ena i tandayo, ni ya kukatazeka ngamasimu ena wa ketayo.
30Ngokuba nina ni ya kuba njengeterebinte ikasi lalo li bunile, na njengensimu e nge namanzi.
31Nabanamandhla ba ya kuba njengendola, noyenzayo njengenhlansi, ba ya kutya bobabili kanye, a ba i ku citywa muntu.