ISAHLUKO 6
1WOZANI ma si buyele kuJehova; ngokuba yena u dwengulile, kepa wo si polisa; u tyayile, kepa wo si bopa.
2Wo si pilisa emva kwezinsuku ezimbili; ngosuku lwesitatu wo si vusa, si pile emehlweni ake.
3Kona si ya kwazi si landele ukumazi uJehova; ukupuma kwake ku qinisile njengokusa; ko ti e ze ki tina njengemvula, njengemvula yokugcina, nezihlambi zokuqala emhlabeni.
4Ngi ya kwenzani kuwe Efraimi? ngi ya kwenzani kuwe Juda? ngokuba umusa wako u njengefu lokusa, nombete omukayo masinya.
5Ngako ngi ba nqumile ngabazisi; ngi ba bubisile ngamazwi omlomo wami; ukuze izahlulelo zako zi be njengokukanya okupumayo.
6Ngokuba nga be ngi tanda umusa, ngi nga tandi okuhlatyiweyo; nokumazi uTixo ngi tanda ku neminikelo etyiswayo.
7Kanti bona njengabantu ba pulile uvumelwano; lapo ba kohlisile ngakimi.
8iGiladi li umuzi wabenzi okubi, li ya telwa ngegazi.
9Ku ti njengabapangi ba camela umuntu njalo isigaba sabateteleli si ya bulala endhleleni kanye, ngokuba ba yenza ukonakalisa.
10Endhlini ya seIsraeli ngi bonile into embi; lapo ku kona ukupinga kwa seEfraimi, uIsraeli u ngcolile.
11Futi u misile kuwe Juda ukuvuna, nxa ngi buyise ukutunjwa kwabantu bami.
Bible Society of South Africa 1893