1KEPA isivumelwano sokuqala sa si nemikuba yokukonza, nendawo engcwele ya lelizwe.
2Ngokuba wakiwa utente owokuqala, okwa ku kona kuye nti lwesibani, netebula, nezinkwa zokubhekelwa, o tiwa ongcwele.
3Ngasemva kweveli lesibili utente o tiwa ongcwelengcwele;
4E nesitya segolide sokutyisa impepo, nompongolo wesivumelwano u namekwa ngegolide inxa zonke, okwa ku kona kuwo ukamba lwegolide olu nemana, nenduku ka Aroni eya hlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;
5Pezu kwawo kwa ku kona amakerubi obukosi, a sita isihlalo somusa, esi nge nakukuluma ngako ngakunye.
6Se zi lungisiwe lezozinto ngokunjalo, abapristi ba ngena ngezikati zonke kuye utente wokuqala, be sebenza imisebenzi yokukonza.
7Kepa kowesibili wa ngena umpristi omkulu yedwa kanye ngomnyaka, e nga ngeni li nge ko igazi, a li nikelayo ngezono zake na ngezabantu;
8uMoya o ingcwele e bonisa loku, ukuti, a i kenziwa i be sobala indhlela e ya endaweni engcwele, e se mi utente wokuqala;
9Owokulinganisa ku se ku be manje, oku nikelwa ngaso iminikelo, nemihlatyelo, e nge nakuyenza i pelele inhliziyo yake okonzayo.
10Ku bekwa, kanye nokudhla, nokupuza, nokuhlanza ngokuhlanza, imikuba yokwenyama, ku bekwa ku ze ku fike isikati sokulungisa kupela.
11Kepa e se fikile uKristu umpristi omkulu wezinto ezilungileyo ezi zayo, wa dhlula wa ya kuye utente omkulu, opeleleyo, o ngenziwanga ngezandhla, oku ukuti, o nge siye wa lokukudabuka;
12Ka ngenanga ngegazi lezimbuzi nelezinkonyana; kepa ngegazi lake wa ngena kanye kupela endaweni engcwele, wa si zuzela ukuhlengwa okupakade.
13Ngokuba uma ukufafaza abangcolileyo ngegazi lezinkunzi nelezimbuzi, nomlota wesitole ku hlanza, ku ze ku be mhlope okwenyama;
14Kakulu kakulu igazi lika Kristu, o wa zinikela e nge nacala kuTixo, ngaye uMoya o ingcwele, li za kuhlanza izinhliziyo zenu, ku nga bi ko imisebenzi efileyo, ni ze ni konze uTixo opilayo.
15Ngaloku u umlamuli wesivumelwano esitya, ukuze, loku wa fa ukubahlenga ezonweni ezenziwa si kona isivumelwano sokuqala, ababiziweyo ba hlanganyele ifa ela tenjiswayo elimakade.
16Lapa ku kona isivumelwano, nga ku ba kona nokufa ko wa senzayo.
17Ngokuba isivumelwano si namandhla emva kokufa; kepa ka si namandhla nxa e kona owa senzayo.
18Ngaloku isivumelwano sokuqala a si qiniswanga ngapandhle kwegazi.
19Ngokuba uMosi, e se i memezele imiyalo yonke kubantu bonke, ngomteto, wa li tabata igazi lezinkonyana nelezimbuzi, kanye namanzi, noboya obubomvu, nehisope, wa fafaza incwadi nabantu bonke,
20E ti, Leli li igazi lesivumelwano, uTixo a ni yale ngaso.
21Futi, wa fafaza ngegazi utente, nezitya zonke zokukonza.
22Yebo, ngomteto imvana yezinto i ya hlanjululwa ngegazi; a ku bi ko ukutetelela, uma ku nga telwa igazi.
23Kwa ku fanele ukuba imifanekiso yoku sezulwini i hlanjululwe nga lezozinto; kepa oku sezulwini, uqobo lwako, nga ku hlanjululwa ngeminikelo emihle ku na leyo.
24Ngokuba uKristu ka ngenanga endaweni engcwele eyenziwa ngezandhla, e ngumfanekiso ya leyo e iyo isiminya; wa ngena ezulwini uqobo lwalo, e ya kusimela pambi kuka Tixo.
25Kepa ka ngenanga ukuba a zinikele futifuti njengompristi o ngena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, e pete igazi eli nge silo elake;
26Ngokuba, uma kwa ku njalo, nga e hlupeka futifuti iloku kwa dabuka umhlaba; kodwa u bonakele ku be kanye ekugcineni kwezikati, ukuba a suse izono ngokuzinikela yena, a be umhlatyelo.
27Futi, loku ku miselwa ukuba abantu ba fe kanye, bandu kwabelwa;
28Ku njalo uKristu, e se zinikele kanye, ukuba a twale izono zabaningi, u ya kubuya a bonakale, e nge nasono, a ze a ba sindise aba m bhekayo.