1NGAKO a si yeke indaba yokuqala ka Kristu, si dhlule si ze si pelele; ni nga buyi ni beke isisekelo sokuti, ukupenduka emisebenzini efileyo, nokukolwa kuTixo,
2Nesifundiso sokubapatizwa, nokubeka izandhla, nokuvuka kwabafileyo, nokulahlwa okupakade.
3Si ya kukwenza loku, uma uTixo e vuma.
4Ngokuba ku ngenzeke, ukuba labo a se be kanyisiwe, bezwa isipiwo sa sezulwini, ba hlanganyela uMoya o ingcwele,
5Bezwa izwi elilungileyo lika Tixo, namandhla ezwe elizayo,
6Uma be hlubuka, ku ngenzeke, ukuba ba buyiselwe ekupendukeni, loku be pinda ba zibetelela iNdodana ka Tixo ba i tela ihlazo.
7Umhlabati o puza imvula e fika kaningi pezu kwawo, u veza imiti e be fanele aba u limayo, u piwa inhlanhla uTixo;
8Kepa uma u veza ameva nokula, walekile, u su za kutukwa; ukupela kwawo ku ukutyiswa.
9Kepa, batandekayo, si yetemba okuhle ngani, oku ku fanele ukusindiswa, noma si kuluma okunje.
10Ngokuba uTixo a siye o nga lungile ukuba a kohlwe imisebenzi yenu, nokutanda kwenu, ena ku bonakalisa egameni lake, ngokukonza abangcwele, na manje ni sa ba konza.
11Kepa si nxanele ukuba nina nonke ni bonakalise lokukuqinisa, li pelele itemba, ku ze ku be sekupeleni;
12Ukuba ni nga bi butuntu kodwa ni ba lingise aba li dhla ifa lesitembiso ngokukolwa, na ngokubekezela.
13Lapo uTixo wa m etembisa uAbrahama, wa zifunga yena, ngokuba wa e nge ko omkulu a nga m funga yena.
14Wa ti, Mpela, ngi ya kukubusisa nokukubusisa, ngi ya kukwandisa nokukwandisa.
15Kwa njalo, e se bekezele, wa zuza a ku tenjiswayo.
16Abantu ba funga omkulu; kubona ukuqinisa ngokufunga ku ya qeda ukupikisana konke.
17Ngaloku uTixo, e tanda ukubonisa izindhlamafa zesitembiso ukuti, isimiso sake a si nakuguqulwa, wa qinisa ngokufunga;
18Ukuze ngezinto ezimbili ezi nge nakuguqulwa, uTixo a nge qambe amanga ngazo, si be nokutokoza okumiyo, tina esibalekile ukuba si bambe itemba esi li bekelweyo;
19Esi nalo li njengeankora lompefumlo, li mi li qinile, li ngena ku loko oku pakati kweveli;
20Lapo uJesu, osanduleleyo, wa ngena, e ngumpristi omkulu ku ze ku be pakade, ngokuma kuka Melkisedeki.