1BONKE abapristi abakulu, aba ketwa kubantu, ba miselwa abantu ngokuka Tixo, ukuze ba nikele iminikelo nemihlatyelo ngenxa yezono;
2Ba nga bekezela kwabangaziyo nabedukileyo; ngokuba be pahliwe ubutakataka nabo;
3Ngaloku ku ba fanele, ba zi nikele ngezono zabo, njengokuba ba nikela ngezono zabantu.
4A ku ko muntu o zitabatela lomsebenzi omkulu; yena o bizwa uTixo kupela, njengaye uAroni.
5Njalo uKristu ka zikulisanga yena, a be umpristi omkulu; kepa wa kuliswa nyena, o wa tyo kuye ukuti, U iNdodana yami wena, ngi ku zele namhla;
6Njengokutyo kwake na kwenye indawo, ukuti, Wena u umpristi ku ze ku be pakade, ngokokuma kuka Melkisedeki.
7Yena emihleni yenyama yake, wa kuleka, wa nxusa kuyena o namandhla okumsindisa ekufeni, e kala nokukala izinyembezi, wezwiwa ngokumesaba.
8Noma wa e iNdodana, wa funda ukulalela ngaloko a hlupeka ngako;
9E se pelele wa ba umsindisi kubo bonke aba m lalelayo, ba be nokusindiswa okupakade;
10E bizwa uTixo ngokuti, umPristi omkulu ngokokuma kuka Melkisedeki.
11Si nokushumayela okuningi ngaye, ku lukuni ukucasisela, loku ku butuntu ukuzwa kwenu.
12Ngokuba, noma nga ni be abafundisi, ngenxa yesikati ni sa dinga ukuba ni buye, ni fundiswe izifundiso zokuqala zamazwi ka Tixo; ni sa fanele ubisi, a ni fanele ukudhla okuqinileyo.
13Ngokuba lowo o dhlayo ubisi ka nakwazi ezwini lokulunga; u ingane.
14Kepa ukudhla okuqinileyo ku ngokwabakulile, abafundile ukuzwisisa ngokujwayela, ba ze bahlukanise okuhle nokubi.