1OKUNZIMA o kwa bonayo uHabakuki umazisi.
2Ko ze ku be nini Jehova ngi ncenga u ngezwa! ko ze ku be nini ngi kala kuwe ngenxa yohlupo u nga sindisi na?
3Yini u ngi bonise ukonakala, yini u buke nje enkatazweni, yini ukuba ukucitwa nohlupo ku kona pambi kwami na? u kona futi o vusa inkani nokupika.
4Ngenxa yaloku umteto u ya libala, nokwahlula a ku pumeli nakanye: ngokuba omubi u ya m haqa olungileyo, ngako ukwahlula okupambukileyo ku ya pumela.
5Bonani nina e ni pakati kwezizwe, ni nake, ni mangale ngokudumala: ngokuba ngo sebenza umsebenzi ezinsukwini zenu e ni nga yi ku wu kolwa noko ni tyelwa wona.
6Ngokuba bheka, mina ngi vusa abaKaldi isizwe esibabayo esityetyayo, e so hambela ebubanzini bezwe, ba bambe izinhlalo e zi ngesizo ezabo.
7Si ya sabeka si vuta sona; ukwahlulela kwaso nokupakama kwaso ku ya pumela ku sona.
8Amahashi aso a nejubane ku nezingwe, a haha ku nezimpisi zokuhlwa; abakweli baso behashi ba ya zihlukanisa, abakweli baso bo vela kude; bo ndiza njengenqe eli tyetyela ukudhla.
9Si ya kufikela sonke si uhlupo; ukubutana kobuso babo ku komba pambili, si zo buta abatunjwa njengezihlabati.
10Sona si ya kuhleka amakosi, nabadumileyo bo ba isihlekiso kuso: so hlekisa zonke izindawo ezibiyiweyo; ngokuba so qonga umhlabati, si zi bambe.
11Lapo umoya waso u ya kudhlulela, si dabulele, si pambeke, si ti lawa amandhla aso a vele esitixweni saso.
12A u siye o wapakade, wena Jehova Tixo wami, Oyingcwele wami na? a si yi ku fa. Jehova u bekele sona ukwahlulwa; wena Dwala u misele sona ukulungiswa.
13Wena u sile emehlweni ku nokubheka okubi, u nge buke enkatazweni: yini u buka nje pezu kwabo abakohlisayo, u tule nxa omubi u minza umuntu olungile kunaye na?
14U ya benza abantu ba be njengezinhlanzi zolwandhle, njengezilwane ezikasayo e zi nge nambusi na?
15Nabo ba ya ba kupula bonke ngodobo, ba ya ba donsa ngeneta labo, ba ba hlanganise ngeneta elihotywayo labo; ngenxa yaloku ba ya jabula etabe.
16Nga loku ba ya hlabela ineta labo, u tyise impepo kulo ineta elihotyiweyo labo: ngokuba ngawo inxenye yabo i namafuta, nokudhla kwake ku nonile.
17Ngako wo tulula ineta labo yini, e nga yeki ukububisa izizwe njalo na?