1UTIXO wa kumbula uNoa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezi naye emkunjini: uTixo wa leta umoya emhlabeni, amanzi a bohla.
2Kwa vinjelwa imitombo yolwandhle nezintuba zezulu, ya kaulelwa imvula ezulwini.
3Amanzi a ncipa njalo emhlabeni: ngasemva kwezinsuku ezi ikulu namashumi amahlanu amanzi a e ncipa.
4Kwa ti ngenyanga yesikombisa, ngosuku lweshumi nakombisa lwenyanga, umkumbi wema ezintabeni za seArarati.
5Amanzi a e ncipa njalo, ya za ya twasa inyanga yeshumi: ngenyanga yeshumi, ngosuku lokuqala lwenyanga, za bonakala iziqongo zezintaba.
6Kwa ti ngasemva kwezinsuku ezi amashumi amane, uNoa wa vula isibuko somkumbi a be senzile.
7Wa li pumisa igwababa, la zulazula njalo a za a tya amanzi emhlabeni.
8Wa buya wa pumisa ijuba kuye ukubona ukuba a ncipile amanzi ebusweni bomhlaba.
9Kepa ijuba a li fumananga ukupumula konyawo lwalo; la buyela kuye emkunjini, ngokuba amanzi a e se sebusweni bomhlaba wonke: wa selula isandhla sake, wa li tabata, wa li ngenisa kuye emkunjini.
10Wa buya wa hlala futi izinsuku ezikombisa; wa pinda wa li pumisa ijuba emkunjini.
11Ijuba la ngena kuye kusihlwa; bheka, iqabunga lomgwenya elikiweyo li semlonyeni walo: kona wazi uNoa ukuti, amanzi a se ncipile emhlabeni.
12Wa buya wa hlala futi izinsuku ezikombisa; wa pumisa ijuba; a li pindanga li sa buyela kuye.
13Kwa ti ngomnyaka wamakulu a tatisitupa nanye ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala lwenyanga, amanzi a be e tyile emhlabeni: uNoa wa susa isisibekelo somkumbi, wa kangela, bheka, ba se bomile ubuso bomhlaba.
14Ngenyanga yesibili, ngosuku lwamashumi amabili a nesikombisa lwenyanga, wa se womile umhlaba.
15uTixo wa kuluma kuNoa, e ti,
16Puma emkunjini, wena, nomkako, namadodana ako, nomka madodana ako nawe.
17Puma nezilwane zonke ezi nawe, zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke ezihambayo emhlabeni, a zi vame emhlabeni, zi zale zande ezweni.
18uNoa wa puma, namadodana ake, nomkake, nomka madodana ake naye.
19Izilwane zonke, nezilwanyana zonke, nezinyoni zonke, konke okuhambayo emhlabeni, izinhlobo ngezinhlobo, kwa puma emkunjini.
20uNoa wa m akela uJehova ilati; wa tabata kuzo zonke izilwane ezidhliwayo, na kuzo zonke izinyoni ezidhliwayo, wa nikela iminikelo yokutya elatini.
21uJehova wezwa ipunga elimnandi: wa ti uJehova enhliziyweni yake, A ngi sa yi kubuya ngi tuke umhlaba ngenxa yabantu: kodwa izicabango zezinhliziyo zabantu zimbi se iloku ba zalwayo; a ngi sa yi kupinda ngi bubise konke okuzwayo njengaloku engi kwenzileyo.
22Nxa u se kona umhlaba, a ku yi kunqamuka ukulima nokuvuna, amakaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku.