1UJOSEFA wa wa ebusweni buka yise, wa kala pezu kwake, wa manga.
2uJosefa wa yalela izinceku zake, izinyanga, ukuba zi lungise uyise: izinyanga za m lungisa uIsraeli.
3Za pelela izinsuku zake ezi amashumi amane; ngokuba za pelela njalo izinsuku zabalungiswayo: abasEgipite ba m kalela izinsuku ezi amashumi a kombisa.
4Kwa ti se zi dhlulile izinsuku zokumkalela, uJosefa wa kuluma nendhlu ka Faro, wa ti, Uma ngi zuzile umusa emehlweni enu, a ke ni kulume ezindhlebeni zika Faro, ni ti,
5Ubaba wa ngi fungisa, wa ti, Bheka, se ngi za kufa: elibeni lami, enga zimbela lona ezweni la seKenani, u ya ku ngi mbela kona. A ke ngi kupuke, ngi mbele ubaba, ngi ya kubuya.
6Wa ti, uFaro, Kupuka, u mbele uyihlo, njengaloko a ku fungisayo.
7uJosefa wa kupuka ukumbela uyise: kwa kupuka naye izinceku zonke zika Faro, abakulu bendhlu yake, nabakulu bonke bezwe la sEgipite,
8Nendhlu yonke ka Josefa, nabafo wabo, nendhlu ka yise: ba shiya ezweni la seGosheni abantwana babo bodwa, nezimvu zabo nezinkomo zabo.
9Kwa kupuka naye izincwele nabakwela amahashi: kwa ba ibanhla elikulu kakulu.
10Ba fika esibuyeni sika Atadi, ngapesheya kweJordani, benza kona ukukala okukulu okunzima kakulu: wa m enzela uyise isililo izinsuku ezi kombisa.
11Ba ti abakileyo ezweni, amaKenani, se be bonile ukukala esibuyeni sika Atadi, ba ti, Loku ku isililo esikulu sabasEgipite: ngako igama la leyondawo la tiwa, iAbelmizraimi, oku ngapesheya kweJordani.
12A ti amadodana ake a m enzela njengaloko a be wa yalele kona.
13Amadodana ake a m yisa ezweni la seKenani, a m mbela emhuneni o sezweni la seMakpela, uAbrahama a u tengayo kanye nezwe ku Eferoni, umHiti, ku be izwe lake lokumbelwa, ngapambi kwa seMamre.
14uJosefa se e mbele uyise wa buyela Egipite, yena nabafo wabo, nabo bonke aba kupuka naye ukumbela uyise.
15Abafo wabo ka Josefa, be bona ukuba u file uyise, ba ti, Mhlaumbi uJosefa u ya kusizonda, a si pindise nokupindisa okubi konke esa kwenza kuye.
16Ba m yala uJosefa, ba ti, uyihlo, e nga ka fi, wa yala wa ti,
17Ni ya kutyo kuJosefa ukuti, A ke u tetelele abafo wenu icala labo, ukona kwabo; ngokuba ba kwenzela okubi: kaloku a ke u tetelele izinceku zika Tixo ka yihlo isono sazo. uJosefa wa kala be sa kuluma kuye.
18Abafo wabo ba ya nabo ba wa pansi ebusweni bake; ba ti, Si izinceku zako.
19Wa ti uJosefa kubo, Ni ngesabi; ngi sendaweni ka Tixo na?
20Nina na ngi cabangela okubi; kodwa uTixo wa cabanga ukuba kuhle, ukuba a kwenze ku be njenga namhla, a sindise abantu abaningi.
21Ngako ni ngesabi: ngi ya kunondhla nina nabantwana benu.
22uJosefa waka Egipite yena nendhlu ka yise: uJosefa wa hamba iminyaka e ikulu neshumi.
23uJosefa wa bona abantwana baka Efraime besizukulwane sesitatu: nabantwana baka Makiri indodana ka Manasa, ba zalelwa ematangeni ka Josefa.
24Wa ti uJosefa kubafo wabo, Se ngi za kufa: uTixo u ya kuza impela ukuba a ni bonise, a ni kipe ezweni leli, a ni yise ezweni, a li nika uAbrahama noIsaka, noJakobe, e funga. Wa ba nomhau nabo, wa kuluma kahle kubo.
25uJosefa wa fungisa amadodana ka Israeli, e ti, uTixo u ya kuza impela a ni bonise, ni ya kuwakupula lapa amatambo ami.
26Wa fa uJosefa, e neminyaka e ikulu neshumi: ba m lungisa, wa fakwa empongolweni Egipite.