1KONA uJosefa wa e nge nakuzibamba pambi kwabo bonke abemiyo naye; wa memeza, e ti, Pumisani abantu bonke kimi. Kwa ku nge mi umuntu naye, uJosefa e sa zazisa kubafo wabo.
2Wa kala e pumisela, bezwa abasEgipite nendhlu ka Faro.
3Wa ti uJosefa kubafo wabo, Ngi NguJosefa; ubaba u se kona na? Abafo wabo ba be nge na kupendula; ngokuba betuka ebusweni bake.
4Wa ti uJosefa kubafo wabo, A ke ni sondele kimi. Ba sondela, Wa ti, Ngi nguJosefa umne wenu, ena tengisa ngaye Egipite.
5Kepa ni nga dabuki, ni nga zisoli ngokuba na tengisa ngami lapa: ngokuba uTixo wa ngi tuma pambili kwenu ukusindisa.
6Ngokuba ngaleminyaka emibili ku kona indhlala ezweni: ku sele iminyaka emihlanu, oku nga yi kulinywa ku vunwe ngayo.
7uTixo wa ngi tuma pambili kwenu ukuba a nenzele inzalo ezweni, a ni sindise ngokukululwa okukulu.
8Ngako kwa ku ngeso nina, ena ngi tuma lapa; kwa ku uTixo: u ngenzile ngi be uyise ka Faro, ngi be inkosi yendhlu yonke yake, ngi buse ezweni lonke la sEgipite.
9Tyetyani, ni kupuke, ni ye kubaba, ni ti kuye, U ti uJosefa, indodana yako, uTixo u ngenzile ngi be inkosi yezwe lonke la sEgipite: yehla, u ze kimi, u nga libali.
10U ya kwaka ezweni la seGosheni, u be seduze nami, wena nabantwana bako, nabantwana babantwana bako, nezimvu zako, nezinkomo zako, nako konke o nako:
11Ngi ya kukondhla kona; ngokuba i sele iminyaka emihlanu yendhlala; funa wehlelwa ubumpofu, wena, nendhlu yako, nako konke o nako.
12Bhekani, amehlo enu a ya bona, namehlo omne wami uBenjamini ukuti, uwo umlomo wami o kuluma nani.
13Ni ya kumtyela ubaba ngenhlanhla yonke yami Egipite, na ngako konke eni ku bonileyo; a ke ni tyetye, ni m ehlise ubaba ni m lete kimi.
14Wa wa entanyeni kuBenjamini, umne wabo, wa kala; naye uBenjamini wa kala entanyeni yake.
15Wa banga abafo wabo bonke, wa kala pezu kwabo: ngasemva kwaloko abafo wabo ba kuluma naye.
16Lelozwi lezwakala endhlini ka Faro, li ti, Ba fikile abafo wabo ka Josefa: kwa ku kuhle kuFaro, na kuzo izinceku zake.
17Wa ti uFaro kuJosefa, Yityo kubafo wenu ukuti, Yenzani loku; twesani izimbongolo zenu, ni ye ezweni la seKenani;
18Ni tabate uyihlo nezindhlu zenu ni ze kimi: ngi ya kumnika ubuhle bezwe la sEgipite, ni ya kudhla okumnandi kwezwe.
19Se u yaliwe, yenzani loku: tabatelani abantwana benu nomkenu izincwele ezweni la sEgipite, ni m tabate uyihlo, ni ze.
20Ni nga nakekeli izinto zenu, ngokuba obenu ubuhle bezwe lonke la sEgipite.
21Benza njalo abantwana baka Israeli: uJosefa wa ba pa izincwele njengokutyo kuka Faro; wa ba pa nompako.
22Wa ba pa bonke izingubo zokupendulela; kepa wa mu pa uBenjamini amashekeli esiliva amakulu amatatu, nezingubo zokupendulela kahlanu.
23Wa tuma na kuyise, izimbongolo ezi ishumi, zi twele okuhle kwa sEgipite, nezimbongolo zensikazi, zi twele amabele nezinkwa nenyama, ku be umpako ka yise endhleleni.
24Wa ba mukisa abafo wabo, be muka: wa ti kubo, Ni nga xabani endhleleni.
25Ba kupuka Egipite, ba ya ezweni la seKenani, kuJakobe uyise.
26Ba m tyela, ba ti, uJosefa u se kona, u ngumbusi wezwe lonke la sEgipite. Ya ti inhliziyo yake ya i polile, ngokuba e nga kolwanga ibo.
27Ba m tyela amazwi onke ka Josefa, a be wa tyilo kubo: wa bona izincwele, uJosefa a be zi tumileyo ukumtabata, kona ya tokoza inhliziyo ka Jakobe uyise.
28Wa ti uIsraeli, Se kwanele; u se kona uJosefa, indodana yami, ngi ya kuya, ngi m bone, ngi nga ka fi.