1UJAKOBE wa hlala ezweni, uyise a hambela kulo, ezweni la seKenani.
2Loku ku inzalo ka Jakobe. uJosefa, e se neminyaka e ishumi nesikombisa, walusa nabane wabo emhlambini: lomfana wa e kumadodana ka Bilha, namadodana ka Zilpa, omka yise: uJosefa wa bika kuyise indaba embi ngabo.
3uIsraeli wa m tanda uJosefa ku nabantwana bonke bake, ngokuba wa e indodana yobudala bake: wa m enzela ingubo enhle.
4Abafo wabo ba bona ukuti uyise e m tanda ku nabo bonke, ba m zonda, ba be nge kulume kahle naye.
5uJosefa wa pupa ipupo, wa ba tyela abafo wabo: ba buya ba m zonda kakulu.
6Wa ti kubo, A ke ni zwe lelipupo, engi li pupileyo:
7Bhekani, be si bopa izitungu ensimini, isitungu sami sesuka sema, izitungu zenu za si pahla, za si kotamela isitungu sami.
8Ba ti abafo wabo kuye, Imbala, u ya kuba inkosi yetu na? Imbala, u ya kubusa pezu kwetu na? Ba buya ba m zonda kakulu ngenxa yamapupo ake namazwi ake.
9Wa pupa futi elinye ipupo, wa ba tyela lona abafo wabo, wa ti Bhekani, ngi pupile ipupo futi; ilanga nenyanga nezinkanyezi ezi ishumi nanye zi ngi kotamela.
10Wa ba tyela uyise nabafo wabo: uyise wa m sola, wa ti, li ini lelopupo o li pupileyo na? Imbala mina nonyoko nabafo wenu si ya kukotama si kuleke kuwe na?
11Abafo wabo ba ba nomona ngaye, kepa uyise wa li qonda lelozwi.
12Abafo wabo ba ya ukwalusa imihlambi ka yise eShekemi.
13Wa ti uIsraeli kuJosefa, Abafo wenu a balusi eShekemi na? a ku ze, ngi za kukutumela kubo. Wa ti kuye, Ngi lapa.
14Wa ti kuye, Hambake, u bone ukuba ba hlezi kahle abafo wenu, nokuba ku hlezi kahle imihlambi; u ngi buyisele indaba. Wa m tuma e suka emfundeni ya seHebroni, weza eShekemi.
15Umuntu otile wa m fumana eduka endhle; wa m buza, wa ti, u funani na?
16Wa ti, Ngi funa abafo wetu, a ke u ngi tyele, baluselapi na?
17Wa ti umuntu, se be mukile lapa; nga be zwa be ti, Ma si ye eDotani. uJosefa wa ba landela abafo wabo, wa ba fumana eDotani.
18Ba m bona e kude, e nga ka sondeli kubo, ba ceba icebo ngaye ukuba ba m bulale.
19Ba kulumisana be ti, Nansi inyanga yamapupo, i se za.
20A ke ni ze, si m bulale, si m lahle ngodini otile, si ti u dhliwe isilwane esibi: si ya kubona ukuba a za kuba njani amapupo ake.
21Wezwa uRubeni wa m kipa esandhleni sabo; wa ti, a si nga m bulali.
22Wa ti uRubeni kubo, Ni nga palazi igazi, m ponseni emgodini o sehlane, ni nga beki isandhla pezu kwake; wa tyo njalo ukuba a m kipe esandhleni sabo, a m buyisele kuyise.
23Kwa ti, uJosefa e se fikile kubafo wabo, ba m hlubula ingubo yake, ingubo enhle e yi fakile.
24Ba m tabata, ba m ponsa emgodini: Umgodi wa u ze, kwa ku nge ko amanzi kuwo.
25Ba hlala ukuba ba dhle ukudhla: ba pakamisa amehlo abo, ba kangela, bheka, ihele lamaIshmaeli, li za li vela eGiladi, li namakamelo e twale inhlaka, namaka, nemure, e lehla nako li ya Egipite.
26Wa ti uJuda kubafo wabo, Ku ya kusizani uma si m bulala umfo wetu, si fihle igazi lake na?
27A ke ni ze, si tengise ngaye kulawamaIshmaeli, isandhla setu si nga bi pezu kwake; ngokuba u umfo wetu, u inyama yetu. Ba m lalela abafo wabo.
28Ba dhlula abatengi ba seMidiani; ba m donsa, ba m kipa uJosefa emgodini, ba tenga ngaye uJosefa kuwo amaIshmaeli imali i ngamashumi amabili. Ba m yisa uJosefa Egipite.
29uRubeni wa buyela emgodini, bheka, wa e nge ko uJosefa emgodini; wa dabula izingubo zake.
30Wa buyela kubafo wabo, wa ti, Ka seko umfana; mina ngi za kuya ngapi na?
31Ba tabata ingubo ka Josefa, ba bulala izinyane lembuzi, ba cwilisa ingubo egazini;
32Ba tumela ingubo enhle, be i yisa kuyise; ba ti, Si i tolile; a ke u bone ukuba iyo ingubo yendodana yako, nokuba a siyo.
33Wa yazi, wa ti, Iyo ingubo yendodana yami; u dhliwe isilwane esibi; nembala uJosefa u detyuliwe.
34uJakobe wa dabula izingubo zake, wa faka ingubo yesililo okalweni lwake, wa kalela indodana yake izinsuku eziningi.
35Amadodana ake onke, namadodakazi ake onke, a suka a ya kumkuza; wala ukukuzwa; wa ti, Ngi za kwehla ngi ye kuyo indodana yami etuneni ngi kala.
36Aba seMidiani ba tenga ngaye Egipite kuPotifari, inceku ka Faro, induna yamabuto.