1URATYELI se e bonile ukuti, a ka m zalelanga uJakobe abantwana, uRatyeli wa ba nomona kudade wabo; wa ti kuJakobe, Ngi pe abantwana, funa ngi fe.
2Kona ulaka luka Jakobe lwa vutela nga kuRatyeli: wa ti, Ngi sendaweni ka Tixo, o ku nqabele isitelo sesisu, na?
3Wa ti, Nansi incekukazi yami, uBilha, ngena kuye; u ya kuzalela ematangeni ami, ngi ya kwakiwa ngaye.
4Wa m nika uBilha incekukazi yake, a be umkake: uJakobe wa ngena kuye.
5uBilha wa kulelwa, wa m zalela uJakobe indodana.
6Wa ti uRatyeli, u tetile icala lami uTixo, u zwile izwi lami, u ngi nikile indodana: ngako wa qamba igama layo uDani.
7uBilha incekukazi ka Ratyeli wa buya wa kulelwa, wa m zalela uJakobe indodana yesibili.
8Wa ti uRatyeli, Ngokubambana okukulu ngi bambene nodade wetu, ngi mahlulile: wa qamba igama layo uNaftali.
9uLea se e bonile ukuti, wa e kaukile ukuzala, wa tabata uZilpa incekukazi yake, wa m nika uJakobe, a be umkake.
10uZilpa, incekukazi ka Lea, wa m zalela uJakobe indodana.
11Wati uLea, Ku ye za inhlanhla: wa qamba igama layo uGadi.
12uZilpa, incekukazi ka Lea wa m zalela uJakobe indodana yesibili.
13Wa ti uLea, Ngi ya busa, ngokuba isifazana si ya kuti, ngi busisiwe: wa qamba igama layo uAsheri.
14Kwa ti ngesikati sokuvuna amabele, uRubeni wa ya wa fumana amanderake endhle, wa wa yisa kuLea unina. Wa ti uRatyeli kuLea, A ku ngi pe amanderake endodana yako.
15Wa ti kuye, Ku yintwana encinyane ukuba u tabatile indoda yami na? u za kutabata nawo amanderake endodana yami na! Wa ti uRatyeli, Ngako i ya kulala nawe ngalobubusuku ngamanderake endodana yako.
16uJakobe we za kusihlwa, e vela endhle, uLea wa puma ukumhlangabeza, wa ti, U ya kungena kimi; ngokuba ngi ku tengile impela ngamanderake endodana yami. Wa lala naye ngalobubusuku.
17uTixo wa mu zwa uLea, wa kulelwa, wa m zalela uJakobe indodana yesihlanu.
18Wa ti uLea, uTixo u ngi nikile umvuzo wami, ngokuba nga nika indoda yami incekukazi yami: wa qamba igama layo uIsakari.
19uLea wa buya wa kulelwa, wa m zalela uJakobe indodana yesitupa.
20Wa ti uLea, uTixo u ngi nikile isipo esihle; kaloku indoda yami i za kuhlala nami, ngokuba ngi i zalele amadodana a isitupa: wa qamba igama layo uZebuloni.
21Ngasemva kwaloko wa zala intombazana, wa qamba igama layo uDina.
22uTixo wa m kumbula uRatyeli, uTixo wa mu zwa, wa vula isisu sake.
23Wa kulelwa, wa zala indodana; wa ti, uTixo u susile ihlazo lami.
24Wa qamba igama layo uJosefa; wa ti, uJehova u ya kungelekela enye indodana.
25Kwa ti, uRatyeli e se zalile uJosefa, uJakobe wa ti kuLabani, Ngi mukise, ukuba ngi ye endaweni yami, ezweni la kiti.
26Ngi pe omkami nabantwana bami, engi ba sebenzele kuwe, ukuba ngi hambe; ngokuba u ya yazi imisebenzi yami, engi yi sebenzile kuwe.
27Wa ti uLabani kuye, Uma ngi fumene umusa emehlweni ako, a ku hlale; ngi ti, uJehova u ya ngi busisa ngenxa yako.
28Wa ti, Ngi tyele umvuzo wako, ngi ya kukunika wona.
29Wa ti kuye, U yazi ukuba ngi ku sebenzele kanjani nokuba izinkomo zako za zi njani kimi.
30Ngokuba kwa ku kuncinyane okwako, ngi nga ka fiki; manje kwandile se kuningi; uJehova u ku busisile ngokufika kwami; ngi ya kuyisebenzela nini e yami indhlu na?
31Wa ti, Ngi za ku ku pani na? Wa ti uJakobe, A ku yi kungipa luto: uma u ngenzela loku, ngi ya kubuya ngaluse, ngi linde umhlambi wako:
32Ngi ya kuya emhlambini wonke wako namhla, ngi kipe kona zonke ezimagqabagqaba, nezihwanqa, zonke ezimnyama ezimvini, nezihwanqa nezimagqabagqaba ezimbuzini: nango umvuzo wami.
33Njalo ukulunga kwami ku ya kungifakazela, ngesikati esizayo, ebusweni bako, nxa u fika ekukokelweni kwami: zonke ezingemagqabagqaba, nezihwanqa ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini, ma ku ti, zebiwe imi.
34Wa ti uLabani, Bheka ma ku be njengezwi lako.
35Ngalowomhla wa kipa izimpongo ezimahungqu, nezihwanqa, nezimbuzikazi zonke ezimagqabagqaba, nezihwanqa, nazo zonke ezi nokumhlope, nezimnyama zonke ezimvini, wa zi nikela esandhleni samadodana ake.
36Wa misa ibanga eli hanjwa izinsuku ezintatu pakati kwake noJakobe: uJakobe walusa imihlambi e seleyo ka Labani.
37uJakobe wa tabata izinti ezimanzi, za bane ezepopula, nezehazeli, nezepaletani; wa zebula imibala emhlope, kwa bonakala okumhlope oku sezintini.
38Wa zi faka izinti, a be zebulile, emiqengqeni, emikombeni yamanzi, pambi kwemihlambi lapa i zayo ukupuza, ukuba i mite ekufikeni kwayo ukupuza.
39Ya ti imihlambi ya mita pambi kwezinti, ya zala izinkomo ezimahungqu, nezimagqabagqaba, nezihwanqa.
40uJakobe wa zahlukanisa izimvu, wa benza ubuso bemihlambi bu bheke kwezimahungqu, na kwezimnyama emhlambini ka Labani: wa i bheka imihlambi yake yodwa, a ka i bekanga emihlambini ka Labani.
41Kwa ku ti lapa zemitayo izinkomo ezi namandhla, uJakobe wa zi misa izinti pambi kwamehlo ezinkomo, emiqengqeni, ukuba zi mite pakati kwezinti.
42Kodwa uma izinkomo za zi butakataka a ka zi misanga: kwa ti ezibutakataka za ba ezika Labani, nezi namandhla za ba ezika Jakobe.
43Lowomuntu wa kula kakulu, wa ba nezinkomo eziningi, nezinceku zesilisa, nezesifazana, namakamelo, nezinjomane.