1KWA ti uIsaka e se mdala, amehlo ake e se fipele ukuba a nga sa bheki, wa m biza uEsau indodana yake enkulu, wa ti kuye, Ndodana yami; wa ti, Bheka, ngi lapa.
2Wa ti kuye, Bhekake, se ngi mdala, a ngi lwazi usuku lokufa kwami.
3A ke u tabate izikali zako, isinkemba sako, nomcibityelo wako, u ye endhle, u ngi zingelele, inyamazane;
4U ngenzele isidhlo esimnandi, engi si tandayo; u si lete kimi, ngi dhle; ukuba inhliziyo yami i ku busise ngi nga ka fi.
5uRebeka wezwa uIsaka e kuluma noEsau indodana yake. Wa ya endhle uEsau ukuba a zingele inyamazane, a i lete.
6uRebeka wa kuluma noJakobe indodana yake, e ti, Bheka, ngi zwile uyihlo e kuluma noEsau umne wenu, e ti,
7Ngi letele inyamazane, u ngenzele isidhlo esimnandi, ngi dhle, ngi ku busise ebusweni buka Jehova, ngi nga ka fi.
8Ndodana yami, a ku zwe izwi lami ngaloku engi ku yalelayo.
9Hamba u ye emhlambini, u ngi tabatele kona amazinyane amabili ezimbuzi, amahle; ngi ya kwenza isidhlo esimnandi sika yihlo, njengaloko a ku tandayo:
10U ya kusiyisa kuyihlo, a dhle, ukuba a ku busise, e nga ka fi.
11Wa ti uJakobe ku Rebeka unina, Bheka, uEsau umne wetu, u ngumuntu o noboya, mina ngi ngumuntu o nobutyelezi:
12Mhlaumbe ubaba u ya kungipata, kona ngi ya kuba emehlweni ake njengokohlisayo; ngi ya kuzenzela isitukwo, ngi nga busiswa.
13Wa ti unina kuye, A ku be pezu kwami ukutukwa kwako, ndodana yami: a ku zwe izwi lami, hamba, u ngi letele wona.
14Wa ya, wa wa tabata, wa wa leta kunina: unina wa kwenza ukudhla okumnandi njengaloko a ku tandayo uyise.
15uRebeka wa tabata izivato zika Esau, indodana yake enkulu, ezinhle, za zi kuye endhlini, wa mambatisa zona uJakobe indodana yake encinyane:
16Wa m ambatisa izikumba zamazinyane ezimbuzi ezandhleni na sebutyelezini bentamo:
17Wa nikela esandhleni sika Jakobe indodana yake isidhlo esimnandi ukudhla a be kwenzile.
18Wa ya kuyise, wa ti, Baba; Wa ti, Ngi lapa; u ubani wena, ndodana yami?
19Wa ti uJakobe kuyise, Ngi nguEsau, izibulo lako: Ngenzile njengokutyo kwako kimi: a ku suke, u hlale u dhle inyamazane yami, ukuba inhliziyo yako i ngi busise.
20Wa ti uIsaka endodaneni yake. U tyetye ngani kangaka ukuitola, ndodana yami? Wa ti, Ngokuba uJehova uTixo wako u yenze i ze pambi kwami.
21Wa ti uIsaka ku Jakobe, A ku sondele, ndodana yami, ngi ku pate ngi zwe, ukuba u iyo indodana yami uEsau ini na.
22Kona uJakobe wa sondela kuIsaka uyise, wa m pata, wa ti, Lelizwi li izwi lika Jakobe, kodwa lezizandhla zi izandhla zika Esau.
23Wa e nga m azi, ngokuba izandhla zake za zi njengezandhla zika Esau umne wabo, zi noboya: wa m busisa.
24Wa ti, U iyo indodana yami uEsau na? Wa ti, Ngi uye.
25Wa ti, I sondeze kimi, ngi dhle inyamazane yendodana yami, ukuba inhliziyo yami i ku busise. Wa i sondeza kuye, wa dhla: wa m letela iwaini, wa puza.
26Wa ti uIsaka uyise kuye, A ku sondele, u ngange, ndodana yami.
27Wa sondela, wa m anga: wezwa ipunga lezivato zake, wa m busisa, wa ti Bheka, ipunga lendodana yami li njengepunga lezwe a li busisile uJehova:
28Ka ku pe uTixo amazolo ezulu, nezwe elivundileyo, nokuningi kwamabele newaini:
29Abantu a ba ku konze, izizwe zi kotame pambi kwako; u be inkosi yabafo wenu, amadodana ka nyoko a kotame pambi kwako: a ba tukwe abakutukayo, ba busiswe abakubusisayo.
30Kwa ti uIsaka e se qedile ukumbusisa uJakobe, uJakobe e sa qeda ukupuma ebusweni buka Isaka uyise, wa tika uEsau umne wabo, e vela ukuzingela.
31Wa e se senzile naye isidhlo esimnandi, wa si leta kuyise, wa ti kuyise, Ka suke ubaba, a dhle inyamazane yendodana yake, ukuba inhliziyo yako i ngi busise.
32Wa ti uIsaka uyise kuye, U ubani wena? Wa ti, Ngi indodana yako, izibulo lako, uEsau.
33uIsaka wa tutumela e nokututumela okukulu kakulu, wa ti Ubani upi yena owa zingela inyamazane, wa i leta kimi, nga dhla konke u nga ka fiki, nga m busisa? yebo, u ya kuba obusisiwe.
34uEsau, e se zwile amazwi ka yise, wa kala e nokukala okukulu impela, wa ti kuyise, Baba, ngi busise nami.
35Wa ti, u fikile umne wenu e kohlisa, wa tabata isibusiso sako.
36Wa ti, A li qanjiwe kahle igama lake, ukuti, uJakobe, na? u ngi dhlile kabili; wa tabata ifa lobuzibulo bami; bheka, manje u se tabatile isibusiso sami. Wa ti, A ku ngi godhlelanga isibusiso na?
37Wa pendula, wa ti uIsaka kuEsau, Bheka, ngi m misile a be inkosi yako, abafo wabo bonke ngi benzile ba be izinceku zake; ngi m nikile amabele newaini; se ngi za ku kwenzelani, ndodana yami na?
38Wa ti uEsau ku yise, Baba, u nesibusiso sinye nje na? a ku ngi busise nami, baba. uEsau wa pakamisa izwi lake, wa kala.
39Wa pendula, wa ti uIsaka uyise kuye, Bheka; ukwaka kwako ku ya kuba ezweni elivundileyo, elinamazolo ezulu ngapezulu;
40U ya kupila ngesinkemba sako, u m konze umnawe wako: ku ya kuti loku u ndindayo u ya kwapula ijokwe lake entanyeni yako.
41uEsau wa m zonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise a be m busisile ngaso: wa ti uEsau enhliziyweni yake, Izinsuku zokukalela ubaba se zi sondele; kona ngi ya kumbulala uJakobe umne wetu.
42uRebeka wa tyelwa lawomazwi ka Esau indodana yake enkulu; wa tuma wa biza uJakobe indodana yake encinyane, wa ti kuye, Bheka, uEsau umne wenu u ziduduza ngawe, u ti u ya kukubulala.
43Ndodana yami, a ku lalele izwi lami; suka, u balekele kuLabani umfo wetu, eHarani;
44U hlale naye izinsuku ezitile ku ze ku bohle ulaka lomne wenu;
45Ku ze ku bohle ukutukutela komne wenu kuwe, a kohlwe i loko o kwenzileyo kuye; ngi ya kutuma, ngi ku tabate kona: ngi za kwamukwa nina nobabili ngosuku lunye ngani na?
46Wa ti uRebeka kuIsaka, Ngi koliwe ukuhamba kwami ngenxa yamadodakazi ka Heti. Nxa uJakobe e tabata umfazi kumadodakazi ka Heti, a njengamadodakazi a leli zwe, ukupila kwami ku ya kuba ini kimi na?