1UABRAHAMA wa pinda wa tabata umfazi, igama lake la li nguKetura.
2Wa m zalela uZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiani, noIshibaki, noShua.
3uJokishani wa zala uSheba, noDedani. Amadodana ka Dedana a be uAshurimi, noLetushimi, noLumimi.
4Amadodana ka Midiani a be uEfa, noEfera, noHanoki, noAbida, noElda. Onke lawo a ngamadodana ka Ketura.
5uAbrahama wa m nika uIsaka konke okwake.
6Namadodana esitembu sika Abrahama, uAbrahama wa wa nika izinto, wa wa mukisa kuIsaka, indodana yake, e se kona yena, a ye ngasempumalanga, ezweni la sempumalanga.
7Lezi zi izinsuku zeminyaka yokuhamba kuka Abrahama, a zi hambayo, iminyaka e ikulu namashumi a kombisa a nesihlanu.
8uAbrahama wa gqabuka, wa fa e se mdala, e ixegu, e se koliwe; welckelwa kubantu bake.
9A ti amadodana ake, uIsaka noIshmaeli, a m mbela emhumeni wa seMakpela, ezweni lika Efroni, indodana ka Zohara, umHiti, eli ngapambi kwa seMamre;
10Lelozwe uAbrahama a li tenga kuwo amadodana ka Heti: kwa mbelwa kona uAbrahama noSara umkake.
11Kwa ti emva kokufa kuka Abrahama, uTixo wa m busisa uIsaka indodana yake; uIsaka wa hlala ngasemtonjeni wa seLahairoi.
12Loku ku inzalo ka Ishmaeli, indodana ka Abrahama, uHagari wa seEgipite, incekukazi ka Sara, a m zalela yena uAbrahama.
13Lawa a ngamabizo amadodana ka Ishmaeli, ngamabizo awo, ngokuzalwa kwawo: Izibulo lika Ishmaeli, uNebajoti: noKedari, noAdebeli, noMibesamu,
14NoMishema, noDuma, noMasa,
15NoHadari, noTema, noJeturi, noNafishi, noKedama:
16Lawa a ngamadodana ka Ishmaeli, nalawa a ngamabizo awo, ngemizi yawo na ngezigodhlo zawo; amakosana a ishumi nambili ngezizwe zawo.
17Le i iminyaka yokuhamba kuka Ishmaeli, iminyaka e ikulu namashumi amatatu a nesikombisa: wa gqabuka, wa fa, welekelwa kubantu bake.
18Ba qala eHavila, baka ba za ba fika eShuri, eli ngapambi kwa seEgipite, nxa u ya eAsuri: wa fa ebusweni bezihlobo zake zonke.
19Loku ku inzalo ka Isaka indodana ka Abrahama: uAbrahama wa zala uIsaka:
20uIsaka wa e neminyaka e mashumi amane msukwana e m tabata uRebeka a be umkake, indodakazi ka Betuli, wa seSiria, owa sePadanaramu, udade wabo ka Labani, wa seSiria.
21uIsaka wa kuleka kuJehova ngomkake, ngokuba wa e inyumba: uJehova wa mu zwa; uRebeka umkake wa kulelwa.
22Ba ti abantwana ba qubutyana pakati kwake: wa ti, Uma ku njalo, ngi nje ngani na? Wa ya kubuza kuJehova.
23Wa ti kaye uJehova, zi kona esiswini sako izizwe ezimbili; ku ya kwahlukana esiswini sako izinhlobo ezimbili; esinye si ya kwahlula esinye; esikulu si ya kukonza esincinyane.
24Za pelela izinsuku zake zokubeleta, bheka, a e sesiswini sake amawele.
25Wa puma owokuqala e bomvu, e njengengubo yoboya umzimba wonke; ba qamba igama lake ngokuti uEsau.
26Ngasemva kwaloko wa puma umnawe wake, isandhla sake si bambelele esitendeni sika Esau; igama lake la tiwa uJakobe: uIsaka wa e neminyaka e mashumi a tatisitupa ekuzalweni kwabo.
27Ba kula abafana: uEsau wa ba umuntu owaziyo ukuzingela, umuntu wa sendhle; uJakobe wa e ngumuntu oqoto, e hlala ematenteni.
28uIsaka wa m tanda uEsau, ngokuba wa i dhla inyama yezinyamazane: kepa uRebeka wa m tanda uJakobe.
29Kwa ti uJakobe wa peka ukudhla: wa fika uEsau e vela endhle, e se diniwe.
30Wa ti uEsau kuJakobe, A ke u ngi pe ngi dhle loko okubomvu, ngokuba se ngi diniwe: ngako igama lake la tiwa uEdomi.
31Wa ti uJakobe, Ngi tengele namhla ngefa lobuzibulo bako.
32Wa ti uEsau, Bheka, se ngi file: li ini kimi lelo ifa na?
33Wa ti uJakobe, Funga kimi namhla; wa funga kuye: wa m tengela uJakobe ngefa lobuzibulo bake.
34Kona uJakobe wa mu pa uEsau ukudhla, ukudhla oku imbumba; wadhla, wa puza, wesuka, wa zihambela: uEsau wa li dela ifa lobuzibulo.