1NJALO kwa pelela izulu nomhlaba namabandhla ako.
2Ngosuku lwesikombisa uTixo wa e qedile imisebenzi a be yenzile; wa pumula ngosuku lwesikombisa emisebenzini yonke a be yenzile.
3uTixo wa busisa usuku lwesikombisa, wa lwenza lu be ngcwele: ngokuba ngalolo uTixo wa pumula emisebenzini yonke yake, a be i dabulile wa yenza.
4Loku ku yindaba yokudabuka kwezulu nomhlaba ekudatyulweni kwako, msukwana uJehova uTixo a wenzayo umhlaba nezulu,
5I nga ka bi ko emhlabeni namiti ya sendhle, zi nga ka mili nazilimo za sendhle: ngokuba uJehova uTixo wa e nga ka nisi imvula emhlabeni, kwa ku nga bi ko muntu wokulima umhlabati.
6Kepa yenyuka inkungu, i vela emhlabeni, ya swakamisa ubuso bonke bomhlaba.
7uJehova uTixo wa m enza uAdamu ngotuli lomhlabati, wa pefumla emakaleni ake umpefumlo wokuzwa; uAdamu wa ba umuntu ozwayo.
8uJehova uTixo wa tyala insimu Edene ngasempumalanga; wa beka kona uAdamu a be m enzile.
9uJehova uTixo wa hlumisa emhlabatini imiti yonke emihle, ebukekayo nelungela ukudhliwa; nomuti wokupila pakati kwensimu, nomuti wokwazisa okulungileyo nokungalungile.
10Kwa vela umfula Edene, wa manzisa insimu; wa hlukana kona, wa ba izimbaxa ezine:
11Igama lowokuqala li iPisone; uwo o hambela ezweni lonke la seHavila, lapo ku kona igolide.
12Li lungile igolide lalelo lizwe: ku kona ibedola netye leshohamu.
13Igama lomfula wesibili li iGihone: uwo o hambela ezweni lonke la seKushe.
14Igama lomfula wesitatu li iHidekele: uwo o hambela ngasempumalanga kwa seAsuri. Umfula wesine u Ufrate.
15uJehova uTixo wa tabata uAdamu, wa m beka ensimini ya sEdene, ukuba a i lime, a i linde.
16uJehova uTixo wa m yala uAdamu, e ti, U nga dhla imiti yonke yensimu ngokutanda kwako:
17Kodwa umuti wokwazisa okulungileyo nokungalungile u nga u dhli: ngokuba msukwana u u dhlayo u ya kufa nokufa.
18Wa ti uJehova uTixo, A ku lungile ukuba uAdamu a hlale yedwa; ngi za kumenzela umsizi o njengaye.
19uJehova uTixo wa zenza ngomhlabati izilwane zonke za sendhle, nezinyoni zezulu: wa zi yisa kuAdamu ukuba a bone u za kuziqamba ngokutini na: loko konke uAdamu a zi qamba kona izinto zonke ezizwayo, kwa ba amagama azo.
20uAdamu wa zi qamba izinkomo zonke amagama, nezinyoni zonke zezulu, nezilwane zonke za sendhle; kodwa kwa ku nga bi ko umsizi o njengaye uAdamu.
21uJehova uTixo wa m ehlisela uAdamu ubutongo obunzima, wa lala: wa tabata olunye ubambo kwezake, wa hlanganisa inyama endaweni yalo.
22Ubambo, a be lu tabatile kuAdamu, uJehova uTixo wa lwenza umfazi, wa m yisa kuAdamu.
23Wa ti uAdamu, Imbala, u itambo lamatambo ami, nenyama yenyama yami; u ya kuqanjwa ngokuti, indodakazi, ngokuba wa tatyatwa endodeni.
24Ngako indoda i za kushiya uyise nonina, i bambelele kumkayo; bo ba inyamanye.
25Ba be hambaze bobabili, uAdamu nomkake, kepa be nge nazinhloni.