1NGI tyo kambe, indhlalifa, nxa i se ingane, a yahlukene ngaluto nenceku, noma i inkosi yako konke;
2Kodwa i pansi kwabagcini nababonisi, ku ze ku fike isikati esi misiweyo uyise.
3Njalo nati, lapo si se abantwana, sa si botyiwe ngezifundiso zezwe;
4Kepa lapo sa se si pelele isikati, uTixo wa tuma iNdodana yake, i zelwe owesifazana, i zelwe pansi komteto,
5Ukuze i hlenge aba pansi komteto, ukuze si piwe ukuma kwabantwana.
6Loku ni ngamadodana, uTixo u tumile uMoya weNdodana yake ezinhliziyweni zenu, e memeza, e ti, Abba, Baba!
7Ngako ka u se iyo inceku u su indodana; uma u indodana, u indhlalifa ka Tixo ngoKristu.
8Kodwa nga lesosikati lapa ni nga ka m azi uTixo, na konza aba nge sibo otixo ngokuvela.
9Kepa manje, loku se ni m azi uTixo, ngi tyo naziwa uTixo, ini ukuba ni buyele ezifundweni ezibutakataka ezi ize, eni tanda ukubotywa ngazo futi njenga sekuqaleni.
10Ni ya gcina izinsuku, nezinyanga, nezikati neminyaka na?
11Ngi novalo ngani, ku nga ti mhlaumbe ngi ni kutalele ngeze.
12Bazalwane, ngi ya ni ncenga, ni be njengami, ngokuba ngi njengani; a ni ngonanga ngaluto.
13Yebo, ni yazi nga shumayela ivangeli kini kuqala, ngi butakataka emzimbeni.
14Ukulingwa kwami okwa ku semzimbeni wami; a ni ku delanga, a ni kwalanga; kodwa na ngamkela ngokungati ngi ingelosi ka Tixo, ngokungati ngi uKristu Jesu.
15Po, kupi ukubusiswa kwenu ena kuluma ngako? Ngi yaqinisa, uma be ku ngenzeka, be ni za kukipa amehlo enu, m ngi nike wona.
16Ngakoke se ngi isita kini, ngokuba ngi ni tyela iqiniso na?
17Ba ya ni fisa, kepa a siko okuhle; kodwa ba tanda ukunivalela ngapandhle; ukuze ni ba fise.
18Kepake kuhle ukufisa ngokulungileyo njalonjalo, ku nga bi lapa ngi kona kini kodwa.
19Bantwana bami, ngi nezinseka futi ngani a ze enziwe uKristu kinina.
20Ngi ya tanda ukuba ngi be kona kini manje, ngi kulume elinye izwi, ngokuba ngi nokungabaza ngani.
21Ngi tyeleni, nina eni tanda ukuba pansi komteto, a ni u zwa umteto na?
22Ku lotyiwe ukuti, uAbrahama wa e namadodana amabili; enye i ngeyomfazi o isigqili enye i ngeyomfazi okululekileyo.
23Kepa yona eyesigqili ya zalwa ngokwenyama; kepa yona eyokululekileyo ya zalwa ngokwesitembiso.
24Loku ku ukulinganisa; lababafazi ba izivumelwano ezibili, esinye sa sentabeni e iSinai, e nguHagari, esi zala izigqili.
25Ngokuba lo uHagari u intaba e iSinai ya seArabia, e lingana neJerusalema eli se kona, li isigqili nabantwana balo.
26Kepa iJerusalema eli pezulu li kululekile, eli ngumame wetu sonke.
27Ku lotyiwe ukuti, Jabula, wena nyumba o nga zaliyo; mpompoloza, u memeze wena o nga beletiyo; ngokuba o isikwebu u nabantwana baningi ku naye o nendoda.
28Nati bazalwane, si ngabantwana besitembiso, njengoIsaka.
29Kepake njenga ngalesosikati owa zalwa ngokwenyama wa m hlupa owa zalwa ngokoMoya, ku njalo na manje.
30Kepa umbalo u tini na? u ti, Xotya isigqili nendodana yaso; ngokuba indodana yesigqili a i yi kudhla ifa kanye nendodana yokululekileyo.
31Ku njalo, bazalwane, a si ngabantwana bezigqili, kodwa si ngabokululekileyo.