1KWA ti emva kweminyaka e ishumi nane, nga buya nga kupukela eJerusalema kanye noBarnaba; ngi ya noTitusi.
2Kepa nga kupuka ngokwambulwa, nga ba landisa ivangeli, engi li shumayela ezizweni; nga ba landisa aba izikulu be bodwa, funa ngi gijimele ize, nokuba mhlaumbe be ngi gijimele ize.
3Kodwa noTitusi owa e nami e ngumGreki, a ka qutywanga ukuba a sokwe;
4Kwa ku nje ngenxa yabazalwane bamanga aba ngeniswa ngasese, ukuba ba hlole ukukululeka kwetu, esi nako kuKristu Jesu, ba senze izigqili;
5Kepa a si ba gudhlukelanga nasikatyana ngokubalalela, ukuba iqiniso levangeli li me njalo kinina.
6Kepake aba tiwa abakulu, noma be ngobani, a ku luto kimina; uTixo a ka naki isimo somuntu; ngokuba aba tiwa abakulu a ba ngenezelanga luto;
7Kepa, lapo be bona ukuti ngi piwe umsebenzi wevangeli kwabangasokile, njengoPetro kwabasokileyo.
8(Ngokuba yena owenzisisa kuPetro a be umpostoli wabasokileyo, wenzisisa na kimina, ngi be umpostoli wabezizwe;)
9Se bazi umusa engi u piweyo, oJakobe, noKefasi, noJohane, aba tiwa ba izinsika, ba si nika mina noBarnaba isandhla sokunene sokuhlangana; ukuba si ye kwabezizwe, bona ba ye kwabasokileyo;
10Ba funa loku kupela, ukuba si kumbule abampofu, iloku e be ngi qinise ukukwenza.
11Kepa ekufikeni kuka Petro eAntioki, nga m pikisa ebusweni bake, ngokuba wa e soleka:
12Ngokuba, be nga ka fiki abatile, be vela kuJakobe, wa dhla kanye nabezizwe, kepa lapo se be fikile, wa monyuka, wahlukana nabo, esaba abokusoka.
13Nabanye abaJuda ba zenzisa kanye naye, wa za wa dukiswa noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.
14Kodwa, se ngi bonile be nga hambi ngokuti ntse, ngokweqiniso levangeli, nga ti kuPetro pambi kwabo bonke, Uma wena, o umJuda, u hamba ngokwabezizwe, u nga hambi ngokwabaJuda, u ba cindezelelani abezizwe, ukuba ba hambe ngokwabaJuda na?
15Tina si ngabaJuda ngokuvela; a sizo izoni zezizwe;
16Kepa, loku sazi umuntu a ka tetelelwa ngemisebenzi yomteto, kodwa ngokukolwa uJesu Kristu, sa kolwa uKristu Jesu nati, ukuba si tetelelwe ngokukolwa uKristu, si nga tetelelwa ngemisebenzi yomteto; ngokuba ngemisebenzi yomteto a ku yi kutetelelwa muntu.
17Uma si funyenwe si izoni, si sa funa ukutetelelwa ngoKristu, uKristu u isikonzi sokona na? Ai.
18Uma ngi buya ngake engi ku citileyo, ngi ya bonakalisa ukuti, ngi isoni.
19Ngokuba ngawo umteto nga fa kuwo umteto, ukuba ngi pile kuTixo.
20Ngi betelwe kanye noKristu; a ngi sa pili, kepa uKristu u ya pila kimina; ukupila engi ku pilayo kaloku enyameni, ngi ku pila ngokwetemba oku ngayo iNdodana ka Tixo, eya ngi tanda, ya zinikela ngami.
21A ngi u lahli umusa ka Tixo; ngokuba, uma ukutetelelwa ku ya ngomteto, uKristu wa fela ize.