1NGOMNYAKA wokuqala ka Kuresi inkosi ya sePersia, ukuba izwi lika Jehova ngomlomo ka Jeremia li qiniseseke, uJehova wa vusa inhliziyo ka Kuresi inkosi ya sePersia, wa memezela embusweni wonke wake, na ngokubala, wa ti;
2U tyo uKuresi inkosi ya sePersia, ukuti; uJehova wa sezulwini u ngi pile imibuso yonke yomhlaba; u ngi yalile ukuba ngi m akele indhlu eJerusalema eli seJudia.
3Ku kona ubani pakati kwenu wabantu bonke bake na? uTixo wake a ka be naye, a kupukele eJerusalema eli seJudia, ake indhlu ka Jehova uTixo waba Israeli, (uyena uTixo) e seJerusalema.
4Lowo o sele endaweni lapa e hlezi kona, abantu ba sendaweni yake a ba m size ngesiliva, negolide, nempahla, nezilwane, kanye nomnikelo wesihle wendhlu ka Tixo e seJerusalema.
5Kona ba suka abakulu ba oyise baka Juda noBenjamini, nabapristi, nabaLevi, kanye nabo bonke, uTixo a be vusile izinhliziyo zabo ukuba ba kupuke, ba yake indhlu ka Jehova e seJerusalema.
6Ba ti bonke abakelene nabo ba ba siza ngezitya zesiliva, ngegolide, ngempahla na ngezilwane, na ngezinto ezi igugu, ngapandhle kwako konke okwa piwa ngesihle.
7Njalo inkosi uKuresi ya kipa izitya zendhlu ka Jehova uNebukadnezari a be zi kipile eJerusalema, wa zi beka endhlini yotixo bake.
8Wa zi kipa uKuresi inkosi ya sePersia, ngesandhla sika Mitredate, umlondi wemali, wa zi balela kuSheshebazare induna yabaJuda.
9Loku ku ubiningi bazo; izitya zegolide za ba ezi amashumi amatatu, izitya zesiliva ezi inkulungwane, omesi aba mashumi amabili na shiyagalolunye.
10Izitya zegolide ezi mashumi matatu, izitya zesiliva zohlobo lwesibili ezi makulu amane neshumi, ezinye izitya ezi inkulungwane.
11Zonke izitya zegolide nesiliva za zi izinkulungwane ezinhlanu namakulu amane. Zonke lezi wa zi kupula uSheshebazare kanye naba be tunjiwe a ba kutyulwa eBabulona ukuya eJerusalema.