1LAPO wa memeza ezindhlebeni zami ngezwi elikulu, e ti, Ma ba sondele abapindiseli umuzi, ku ti ilomuntu e nesikali sokubulala esandhleni sake.
2Bhekake, amadoda ayisitupa a fika e vele ngendhlela yesango elipakamileyo, eli bheka ngasenyakato, i ti ilendoda i nesikali sokufehleza esandhleni sayo; nendoda enye pakati kwawo ya gqoka ilineni, nopondo lweinke lombali okalweni lwayo; a ti a ngena, e ma ngasohlangotini lwelati letusi.
3Futi ukukazimula kuka Tixo wa seIsraeli kwa ba se kwenyukile pezu kwekerubi, lapo ku be kona kulo, kweza emgulugulwini womnyango wendhlu; lapo wa memeza kuyo indoda e gqoke ilineni, e bi nonondo lweinke lombali okalweni lwayo.
4Wa se e ti kuyo uJehova, dhlulela pakati komuzi, ukuti pakati kweJerusalema u beke upau ebunzini labantu aba lingozayo, bona aba lingoza ngokunengeka konke o kwenziwayo pakati kwawo.
5Na ku lawa amanye wa ti endhlebeni yami, dhlulani emzini emva kwayo, ni bulale; iso lenu ma li nga dabukeli, ni nga haukeli:
6Bulalani ngokubulala omdala, nomutya, nentombi nabantwana, nabafazi, kepa ni nga sondeli kumuntu noyedwa upau lu pezu kwake; ni qale endaweni yami eyingcwele. Lapo ba qala kubantu abadala a ba be be pambi kwendhlu.
7Wa buya wa ti kuwo, Ngcolisani indhlu, ni gcwalise amabala ngabahlatyiweyo, pumani: A ti a puma, a bulala emzini.
8Kwa ti e se ba bulala, mina ngi shiyiwe, nga se ngi wa ngobuso bami, nga kala, nga ti, Au Nkosi Jehova! wo bulala insalo yonke ya seIsraeli ekuteleni kwako intukutelo yako pezu kweJerusalema na?
9Lapo wa ti kimi, ububi bendhlu ya seIsraeli neya seJuda bukulu kakulu, li ti izwe li gcwele igazi, nomuzi u gcwele ukupambukisa; ngokuba ba ti, uJehova u shiyile izwe, futi akuko uJehova obonayo.
10Kepa mina iso lami a li yi ku dabuka, a ngi yi ku haukela, ngo pindisela indhlela yabo pezu kwekanda labo.
11Bhekake, indoda e gqoke ilineni, e bi nopondo lweinke lombali okalweni lwayo, ya buyisa izwi, lokuti, Se ngenzile njengaloku wa ngi memezela kona.