1KWA ti ngomnyaka wesitupa, ngenyanga yesitupa, ngolwesihlanu lwayo ngi sa hlala endhlini yami, nabadala ba seJuda be sa hlala pambi kwami, isandhla seNkosi uJehova sa wa lapo pezu kwami.
2Lapo nga bona, bhekake, umfanekiso njengokubonakala komlilo; ku suke ekubonakaleni kokalo lwake ngapansi, umlilo; ku suke nasokalweni lwake ngapezulu, njengokubonakala kokukazimula, njengokukanya kwetusi elihle.
3Wa ti wa pumisa isimo sesandhla, wa ngi pata ngezinwele zebunzi lekanda lami; kwa ti umoya wa ngi pakamisa pakati komhlaba nezulu, wa ngi zisa eJerusalema ezibonakalweni zika Tixo, ngasemnyango wesango elingapakati eli bheka ngasenyakato; lapo si kona isihlalo sesitombe esi umona, esi banga umona.
4Bhekake, lapo ukukazimula kuka Tixo wa seIsraeli, njengokubonakala e nga ku bona ngi semfundeni.
5Wa se e ti kimi, Ndodana yomuntu bekisa manje amehlo ako ngendhlela yenyakato: lapo nga bekisa amehlo ami ngendhlela yenyakato, bhekake, ngasenyakato esangweni lelati lesitombe esi umona ngasekungeneni.
6Wa buya wa ti kimi, Ndodana yomuntu, u ya ku bona loku a ba kwenzayo na? ukunengeka okukulu e kwenzayo indhlu ya seIsraeli lapa, ukudedisa kude kuyo indawo yami eyingcwele? kodwa penduka futi, wo bona ukunengeka okukulu ku naloku.
7Wa se e ngi zisa kuwo umnyango wetanga; nga ti ukubheka, nga bona imbobo odongeni.
8Lapo wa ti kimi Ndodana yomuntu, yimba manje odongeni: nga se ngi mba odongeni, bhekake umnyango.
9Wa ti kimi, Ngena, u bone ukunengeka okubi aba kwenzayo lapa.
10Nga ti nga ngena, nga bona bhekake, izimo zonke zezilwane ezikasayo nezezilo ezingahlanzekile, nezitombe zonke zendhlu, ya seIsraeli zi lotyiwe odongeni ekuzungezeni.
11Kwa ti kwema pambi kwazo amadoda a ngamashumi a isikombisa a kwabadala ba seIsraeli, noJazania indodana ka Shafani we ma pakati kwawo; ilendoda i noti lwayo lokutyisa impepo esandhleni sayo; la ti ipunga, ifu lempepo lenyuka.
12Lapo wa ti kimi, u bonile yini Ndodana yomuntu, loku a ba kwenzayo ebumnyameni, abadala bendhlu ya seIsraeli yilendoda emagumbeni emifanekiso yayo na? ngokuba ba ti akuko ku tina uTixo obonayo; uJehova u shiyile izwe.
13Wa se e ti kimi futi, penduka, wo bona ukunengeka okukulu ku nako aba kwenzayo.
14Lapo wa ngi zisa emnyango wesango lendhlu ye Nkosi eli ngasenyakato; bhekake, lapo abesifazana ba hlala be lilela uTamuzi.
15Wa buya wa ti kimi, u bonile yini Ndodana yomuntu? penduka futi, wo bona ukunengeka okukulu ku naloku.
16Wa se e ngi zisa ebaleni lendhlu ka Jehova elingapakati, bhekake, emnyango wetempeli lika Jehova, emkatini wokungena nelati, ngasemashumini amabili nanhlanu amadoda, imihlana yawo i ngasetempeleni lika Jehova, nobuso bawo bu ngasempumalanga; a ti a kotamela ilanga ngasempumalanga.
17Wa se e ti kimi, u bonile loku, Ndodana yomuntu na? ku lula yini kuyo indhlu ya seJuda nxa ba kwenza ukunengeka aba kwenzayo lapa? ngokuba ba gcwalise izwe ngokwenakalisa, futi ba buyile uku ngi tukutelisa; bhekake, ba faka izintsaba ezimpumulweni zabo.
18Ko ti pela ngenza ngentukutelo yami: iso lami a li yi ku dabuka, futi a ngi yi ku haukela; ba ya kuti ba kale ngezwi elikulu ezindhlebeni zami, kepa a ngi yi ku zwa.