1LAWA amagama emindeni. Ku suke ekupeleni kwasenyakato kulo icala ngendhlela ya seHetloni, ukuza kulo iHamati, iHazar-enani, umkaulo wa seDamaseku ngasenyakato kulo icala la seHamati: Yona i ya kuba izinhlangoti zalo ngasempumalanga nasentyonalanga; inxenye inye kulo iDani.
2Ku ti ngasemkaulweni wa seDani ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga, inxenye inye kulo iAsheri.
3Ku ti ngasemkaulweni wa seAsheri ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga, inxenye inye kulo iNaftali.
4Ku ti ngasemkaulweni wa seNaftali ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa setyonalanga, inxenye inye kulo iManasa.
5Ku ti ngasemkaulweni wa seManasa ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini, lwa sentyonalanga inxenye inye kulo iEfraimi.
6Ku ti ngasemkaulweni wa seEfraimi ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga, inxenye inye kulo iReubeni.
7Ku ti ngasemkaulweni wa seReubeni ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga inxenye inye kulo iJuda.
8Ko ti ngasemkaulweni wa seJuda ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga, ku be kona isipo e ni ya ku si nika sezinhlanga ezi izinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu ngobubanzi, na ngobude njengenye yezahlukaniso ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga; futi indawo eyingcwele yo ba pakati kwaso.
9Isipo e ni ya ku si nika kuJehova so ba ubude bezinhlanga ezi izinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu, nobubanzi bezinkulungwane ezi ishumi.
10Ko ti isipo lesi esi ingcwele si be ku bona, kubateteleli; ngasenyakato ubude bezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu, na ngasentyonalanga ububanzi bezinkulungwane ezi ishumi, na ngasempumalanga ububanzi bezinkulungwane ezi ishumi, na ngaseningizimu ubude bezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu; ko ti indawo eyingcwele kaJehova i be pakati kwaso.
11Si ya kuba kubateteleli abahlanziweyo bamadodana ka Zadoki; a ba gcinile ukulinda kwami, a ba nga pambukanga ekupambukeni kwamadodana a seIsraeli, njengaloko abaLevi ba pambuka.
12Ku ya kuti lesisipo esinikelweyo si be ku bona into eyingcwele yokuyingcwele kulo icala labaLevi.
13Futi kanye nalo icala labateteleli, abaLevi lo ba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu ngobude, nobubanzi bezinkulungwane ezi ishumi: ubude bonke bo ba izinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu, nobubanzi bezinkulungwane ezi ishumi.
14Bona a ba yi ku tenga ngalo, ba nga pambanisi ngalo ba nga dhluliseli kwabanye ulibo lwezwe; ngokuba lu ingcwele kuJehova.
15Ko ti izinkulungwane ezi isihlanu ezishiyiweyo zobubanzi ngapambili kwezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu, zi be indawo engahlukaniselwanga kuwo umuzi, indawo yezinhlalo nezindawo zobala; futi umuzi wo ba pakati kwayo.
16Ku ti yilezi izilinganiso zawo; uhlangoti lwa senyakato izinkulungwane ezine namakulu amahlanu, nohlangoti lwa seningizimu izinkulungwane ezine namakulu amahlanu, nohlangoti lwa sempumalanga izinkulungwane ezine namashumi amahlanu, nohlangoti lwa sentyonalanga izinkulungwane ezine namakulu amahlanu.
17Futi izindawo zobala zomuzi zo ba amakulu amabili namashumi amahlanu ngasenyakato, namakulu amabili namashumi amahlanu nga seningizimu, namakulu amabili namashumi amahlanu ngasempumalanga, namakulu amabili namashumi amahlanu ngasentyonalanga.
18Ko ti indawo eseleyo ebudeni kanye naso isipo sendawo eyingcwele i be izinkulungwane ezi ishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane ezi ishumi ngasentyonalanga; i ya kuti i be kanye naso isipo sendawo eyingcwele; futi ukuveza kwawo ko ba ukudhla ku bona aba konza umuzi.
19Ku ya kuti bona aba konza umuzi ba wu konze be vela kuyo yonke imindeni ya seIsraeli.
20Isipo sonke si ya kuba ezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu kuzo izinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu: ni zo nika isipo sendawo eyingcwele i nezinhlangoti ezine kuyo inzuzo yomuzi.
21Ko ti insalo yo ba kuso isikulu ngalapa na ngalapo kuso isipo esi ingcwele, na kuyo inzuzo yomuzi, nga pambi kwezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu zesipo ku ze ku be semkaulweni wa sempumalanga na ngasentyonalanga nga pambi kwezinkulungwane ezingamashumi amabili ku ze ku be semkaulweni wa sentyonalanga, kanye nezinxenye zesikulu; sona so ba isipo esi ingcwele; futi indawo eyingcwele yendhlu yo ba pakati kwaso.
22Futi ku suke enzuzweni yabaLevi, nasenzuzweni yomuzi e semkatini wayo kuso isikulu, indawo e pakati komkaulo wa seJuda nomkaulo wa seBenjamini, i ya kuba kuso isikulu.
23Ko ti ngemindeni e seleyo ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga iBenjamini li be nenxenye inye.
24Ko ti ngasemkaulweni wa seBenjamini ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga, iSimeoni li be nenxenye inye.
25Ko ti ngasemkaulweni wa seSimeoni ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga iIsaka li be nenxenye inye.
26Ko ti ngasemkaulweni wa seIsaka ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku sohlangotini lwa sentyonalanga iZebuloni li be nenxenye inye.
27Ko ti ngasemkaulweni wa seZebuluni ku suke ohlangotini lwa sempumalanga ku ze ku be sohlangotini lwa sentyonalanga iGadi li be nenxenye inye.
28Ko ti ngasemkaulweni wa seGadi ohlangotini lwa seningizimu ngaseTemani, umkaulo wo ba ukusuka eTema ku ze kuwo amanzi a seMeriba eKadeshi, na kuwo umfula o ngaselwandhle olikulu.
29Leli li izwe e ni ya kwabela ngalo ngenkato li be inzuzo kuyo imindeni ya seIsraeli, futi zona zi izinxenye zayo, i tyo iNkosi uJehova.
30Iloku ukupuma komuzi ku suke ohlangotini lwa senyakato izinkulungwane ezine namakulu amahlanu zokulinganisa.
31Amasango omuzi o tiwa ngamagama emindeni ya seIsraeli; amasango amatatu ngasenyakato; elinye isango la seReubeni, nelinye isango la seJuda, nelinye isango la seLevi.
32Futi ngasohlangotini lwa sempumalanga izinkulungwane ezine namakulu amahlanu; namasango amatatu; elinye isango la seJosefa, nelinye isango la seBenjamini, nelinye isango la seDani.
33Futi uhlangoti lwa seningizimu izinkulungwane ezine namakulu amahlanu zokulinganisa; namasango amatutu; elinye isango la seSimeoni, nelinye isango la seIsaka, nelinye isango la seZebuloni.
34Futi uhlangoti lwa sentyonalanga izinkulungwane ezine namakulu amahlanu, namasango amatatu ayo: elinye isango la seGadi, nelinye isango la seAsheri, nelinye isango la seNaftali.
35Kwa ba sekuzungezeni izinkulungwane ezi ishumi neshiyagalombili zokulinganisa; Ko ti igama lomuzi ku suke ku lolusuku li be, uJehova u lapa.