1KO ti lapo nabele izwe ngenkato li be inzuzo, m pakamisele kuJehova isipo, indawo e ingcwele yezwe; ubude bo ba izinhlanga ezinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu, nobubanzi izinkulungwane ezi ishumi. Le i ya kuba ngcwele emaceleni onke ayo ekuzungezeni.
2Kule zo ba kona kuko oku ingcwele ezingamakulu amahlanu ngobude, nezingamakulu amahlanu ngobubanzi ezinhlangotini ezine ekuzungezeni; nezingalo ezingamashumi amahlanu indawo yayo engapandhle ekuzungezeni.
3Futi ku lesisilinganiso wo linganisa ubude bezinkulungwane ezingamashumi amahlanu, nobubanzi bezinkulungwane ezi ishumi: ko ti indawo e ingcwele i be kuyo noku ingcwele koku ingcwele.
4E ingcwele kulo izwe yona i ya kuba e yabateteleli abakonzi bendawo e ingcwele, aba sondela ukukonza kuJehova; i ya kuba ku bona indawo yezindhlu zabo, indawo e ingcwele kuko oku ingcwele.
5Ko ti izinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu zobude, nezinkulungwane ezi ishumi ububanzi, zi be kubaLevi, aba izikonzi zendhlu, kubona inzuzo ngamakamelo amashumi amabili.
6Ni ya kuti ni nike inzuzo yomuzi, izinkulungwane ezi isihlanu zobubanzi, nobude obu zinkulungwane ezingamashumi amabili nesihlanu kanye naso isipo sendawo e ingcwele; i ya kuba kuyo indhlu yonke ya seIsraeli.
7Futi inxenye yo ba kuso isikulu ngalapa nangalapa kwesipo esi ingcwele, na kuyo inzuzo yomuzi, ngapambi kwesipo sendawo e ingcwele, ngapambi kwenzuzo yomuzi, ku suke ehlangotini lwa sentyonalanga ngasentyonalanga, na kulo uhlangoti lwa sempumalanga ngasempumalanga; futi ubude bo ba ekuhlanganeni nesahlukaniso esinye, ku suke eceleni la sentyonalanga ku ze ku be seceleni la sempumalanga.
8Ezweni ko ba kuso ku be inzuzo eIsraeli; futike izikulu zami a zi yi ku hlupa abantu bami; zona zo nika izwe kuyo indhlu ya seIsraeli njengemindeni yabo.
9Njalo i tyo iNkosi uJehova ma kwanele kini Zikulu za seIsraeli; dedisani ukuhlupa nokucita, nenze ukwahlula nokulunga, ni suse iziteliso ezihlupisayo kubantu bami, i tyo iNkosi uJehova.
10Ko ba kini izilinganiso zezisindo ezilungileyo, neefa elungileyo, nenbate elungileyo.
11Indinganiso nebate, zi ya kuba isilinganiso sinye, ukuze indinganiso i bambe inxenye kweziyishumi zehoma: isilinganiso salo so ba ngokwehoma.
12Ishekeli li ya kuba amagera a amashumi amabili: amashekeli amashumi amabili, amashekeli amashumi amabili nesihlanu, amashekeli a ishumi nesihlanu, a ya kuba imane kini.
13Yiloku isipo e ni ya ku si pakamisela: inxenye kwezitupa zendinganiso kulo ihoma lokolweni, nenxenye yo kwesitupa yendinganiso kulo ihoma lebale.
14Futi umteto wamafuta, ibate lamafuta, ni zo nikela inxenye yeshumi yebate kulo ikori, eli la ihoma mabate a ishumi; ngokuba amabate a ishumi a ihoma.
15Imvana enye kuzo izimvu ezingamakulu amabili, yemfunda enamanzi ya seIsraeli; i be umnikelo wokudhla no wokutyisa, no wezibongo, ukuhlaulela bona i tyo iNkosi uJehova.
16Bonke abantu bezwe ba ya kupa ku lesisipo, kanye nesikulu esi seIsraeli.
17Futi ko ba pezu kwesikulu ukunika umnikelo wokutyiswa, nowokutela emibutweni, na ngezinyanga ezitwasileyo, na ngamasabata; na ngemizuzu yendhlu ya seIsraeli; sona si ya kwenza umnikelo wokona, no wokudhla, no wokutyisa, no wezibongo, ukuhlaulela indhlu ya seIsraeli.
18Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngenyanga yokuqala ngosuku lokuqala lwenyanga, wo tabata inkunzi e yitole lenkomo e nge nacala, u hlaulele indawo e ingcwele.
19Ko ti umteteleli a tabate kulo igazi lomnikelo wokona, a li beke ezinsikeni zendhlu ngasemagumbini amane endawo yokwenyuka latini, na sezinsikeni zesango letanga elingapakati.
20Na njalo u ya kwenza ngolwesikombisa lwenyanga ngenxa yomuntu o pinda ukona na ngoyisiula; njalo ni ya kuhlaulela indhlu.
21Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga ku ya kuba kini ipasika umbuto wezinsuku ezi isikombisa; isinkwa esi nge namvubelo si ya kudhliwa.
22Ngalolusuku isikulu si ya ku zenzela nabantu bonke bezwe inkunzi yomnikelo wokona.
23Futi ngezinsuku ezi isikombisa zombuto si ya kwenza umnikelo wokutyisa kuJehova, izinkunzi ezi isikombisa nezinqama ezi isikombisa ezi nge nacala ngemihla lezizinsuku ezi isikombisa; nomnikelo wokona impongo yezimbuzi ngosuku.
24Futi si ya kwenza umnikelo wokudhla indinganiso kuyo inkunzi, nendinganiso kuyo inqama, namafuta ihini kuyo indinganiso.
25Ngenyanga yesikombisa, ngosuku lweshumi nesihlanu lwenyanga, si ya kwenza njengaloku embutweni izinsuku ezi isikombisa, njengomnikelo wokona, na njengawo wokutyiswa, na njengawo wokudhla, na njengawo wamafuta.