1KWA tike ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yesitatu, ngosuku lokuqala lwenyanga, kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
2Ndodana yomuntu, Kuluma kuFaro inkosi ya sEgipite, na kuso isixuku sake; U ya fana nobani ebukulwini bako na?
3Bheka iAshuri li isedare la seLebanoni lihle ngamagatya, ihlati eli netunzi, lide ngokudepa amaqabunga alo a be pakati kwamahlahla enileyo.
4Amanzi a li kulisa, ulwandhle lwa li pakamisa; ngemifula yalo li hamba ngokuzungeza ekutyalweni kwalo; na ngemisele yalo la tuma kuyo yonke imiti yomhlabati.
5Ngako ukudepa kwalo kwa pakama nga pezu kwemiti yonke yomhlabati, namagatya alo a vama, namahlahla alo a jobelelwa ngokuvama kwamanzi eku wa pumiseni kwalo.
6Zonke izinyoni zezulu zaka emagatyeni alo, na pansi kwamahlahla alo, izilwane zonke zomhlabati za zala, na setunzini lalo za hlala izizwe zonke ezikulu.
7Lona la ba lihle ebukulwini balo, ebudeni bamagatya alo, ngokuba impande yalo ya ba semanzini amaningi.
8Amasedare ensimini ka Tixo a ka li sitanga; amaberoshi a ka fananga namagatya alo, nemiharimone a i banga njengamahlahla alo, a u fananga nalo ngobuhle umuti nawodwa ensimini ka Tixo.
9Ngi lenzile li be lihle ngobuningi bamagatya alo; kwa ti yonke imiti ya sEdene e bi sensimini ka Tixo ya ba nomona ngalo.
10Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba u zipakamisile ngokudepa, lona la beka amaqabunga alo pakati kwamahlahla enileyo, nenhliziyo yalo i pakamile ngobude balo;
11Mina ngi li nikile esandhleni sonamandhla wezizwe; yena u ya kwenza kulo impela; ngobubi balo ngi li xotyile.
12Nabafo aba nolaka bezizwe ba li nqumile, ba li lahlile; ezintabeni na sezigodini zonke amagatya alo a wile, namahlamvu alo a pulwa ngasemiseleni yonke yezwe nabantu bonke bomhlaba ba pumile etunzini lalo, ba li shiyile.
13Pezu kwenciteko yalo zonke izinyoni zezulu zo hlala, nezilwane zonke zezwe zo ba pezu kamahlahla alo.
14Ukuze nawodwa wemiti e ngasemanzini u zipakamise ngokudepa kwawo, futi u nga beki amaqabunga awo pakati kwamahlahla, futi u nge mi ngokwawo ekupakameni kwawo, nayo imiti yonke e puza amanzi; ngokuba yonke i nikiwe ekufeni, emhlabeni pansi, pakati kwamadodana abantu, kanye nabatyonayo emgodini.
15Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngosuku lokweukela kwalo esheoli, ngenza ukulila; nga sibekela ulwandhle ngalo, nga vimbela imifula yalo, namanzi amaningi a valelwa; ngenza ukuba iLebanoni li lile pezu kwalo, nemiti yonke yomhlabati ya dangala ngalo.
16Ngomsindo wokuwa kwalo nga tutumelisa izizwe, lapo nga li tyonisa kona esheoli kanye nabatyonayo emgodini; futi imiti yonke ya sEdene, emihle, nelungileyo ya seLebanoni, yonke e puza amanzi yo zitokozisa emhlabeni pansi.
17Yona nayo ya tyona kanye nalo esheoli, kubo abahlatyiweyo ngenkemba; kanye nabo aba be ingalo yalo, aba hlala etunzini lalo pakati kwezizwe.
18U ya fana nobani ekukazimleni nasebukulwini pakati kwemiti ya sEdene na? wena wo tyoniswa nemiti ya sEdene emhlabatini pansi; wo lala pakati kwaba nejwabu kubo abahlatyiweyo ngenkemba. Lo u nguFaro nesixuku sonke sake, i tyo iNkosi uJehova.