1NGOMNYAKA weshumi, ngenyanga yeshumi ngosuku lweshumi nambili lwenyanga, la ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti;
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako nga kuye uFaro inkosi ya sEgipite, wazise nga kuye, na nga kulo iEgipite lonke.
3Kuluma u tyo, ukuti, njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka, mina ngi nga kuwe Faro Nkosi ya sEgipite, ingwenya enkulu e lala emifuleni yayo, e tyilo ukuti, umfula wami u ngowami, ngi wenzile mina.
4Kepa ngo faka isongo lami emihlatini yako, ngo namatelisa izinhlanzi zemifula yako kuzo izingqwecwe zako, ngi ya kuti ngi ku kupule u pume emifuleni yako, futi izinhlanzi zonke zemifula yako zo namatela kuzo izingqwecwe zako.
5Ngo ti ngi ku ponse pansi ehlane wena nezinhlanzi zonke zemifula yako; wo wa wena ebusweni bomhlabati; a u yi ku hlanganiswa, a u yi ku butwa; Ngi ku nikile u be ukudhla kuzo izilwane zomhlabati, na kuzo izinyoni zezulu.
6Bona bonke aba hlezi Egipite ba ya kwazi ukuba ngi uJehova, ngokuba ba be intonga yohlanga kuyo indhlu ya seIsraeli.
7Lapo ba ku bamba kona ngesandhla, wa coboza, wa dabula ihlombe lonke labo; na lapo bencika pezu kwako, wa fehleza, wenza lu me ukalo lonke lwabo.
8Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngi ya kuzisa pezu kwako inkemba, ngi nqume kuwe umuntu nesilwane.
9Ko ti izwe la sEgipite li be ihlane nencitakalo; ba ya kwazi bona ukuba ngi uJehova; ngokuba yena wa tyo, ukuti, Umfula u ngowami, ngi wenzile.
10Ngako bheka mina ngi nga kuwe, ngi nga kuyo nemifula yako; futi ngo nikela izwe la sEgipite ekucitakaleni impela, ku be ihlane ku suke enqabeni ya seSyene ku ze ku be seceleni la seKushi.
11A ku yi ku dabula kulo unyawo lomuntu a ku yi ku dabula kulo nonyawo lwesilwane, a ku yi ku hlalwa kulo iminyaka i ngamashumi amane.
12Ngo ti ngi beke izwe la sEgipite li be ihlane pakati kwamazwe a citakeleyo, nemizi yalo pakati kwemizi ebuleweyo yo ba incitakalo iminyaka e ngamashumi amane; futi ngo hlakaza aba sEgipite ezizweni, ngi ba hlwanyele emazweni.
13Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova ekupeleni kweminyaka e ngamashumi amane ngo buta aba sEgipite kuzo izizwe a ba hlakazwa kuzo.
14Futi ngo buyise izitunjwa za sEgipite, ngi ba buyise ezweni la sePathrosi kulo izwe loku zalwa kwabo ba ya kuba kona umbuso okotamekileko.
15Li ya kuba okotamileyo kuyo imibuso; a li yi ku zipakamisa futi pezu kwezizwe; futi ngo ba ncipisa funa ba buse ezizweni.
16Lona a li sa yi ku ba kuyo indhlu ya seIsraeli itemba, li kumbuze ububi bayo ekupendukeni kwabo emva kwabo; ko ti bazi ukuba ngi iNkosi uJehova.
17Kwa ti ngomnyaka wamashumi amabili nesikombisa, ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala lwenyanga la ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
18Ndodana yomuntu, uNebukadrezari inkosi ya seBabulona, wenza impi yake i konze inkonzo enkulu nga kulo iTire; izinhloko zonke zenziwa zi be impandhla, namahlombe onke a gudhlulwe; kodwa wa e nge nankokelo, nempi yake, i vele ku Tire, ngenxa yenkonzo o wa yi konza nga kulo.
19Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngo nika uNebukadrezari inkosi ya seBabulona izwe la sEgipite; yena wo tabata isixuku, a gcugce ingcugco yalo, a pange impango yalo; kona ko ba inkokelo yempi yake.
20Ngenxa yomsebenzi a konza ngawo kulo ngi m nikile izwe la sEgipite, ngokuba ba ngi sebenzela i tyo iNkosi uJehova.
21Nga lolusuku ngi ya kwenza lu kahlele upondo lwendhlu ya seIsraeli, ngi ku nike ukukamisa komlomo pakati kwabo, bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.