1KWA ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
2Ndodana yomuntu, za ba kona izifazana ezibili, amadodakazi omfazi munye:
3Za ti za pinga, Egipite; za pinga ebutyeni bazo; lapo za donsa amabele azo, na lapo za cindezela imibele yokutomba kwazo.
4A ti amagama azo a be uAhala o yisikulu, noAholiba udade wabo; za be zi ezami zona, za ti za zala amadodana namadodakazi, A ti amagama azo a iSamaria uAhala, neJerusalema uAholiba.
5Wa ti, uAbala wa pinga e se owami; wa kanukela abatandi bake, a ba ti, aba seAshuri aba seduze naye.
6Be gqoka okuluhlaza ababusi nezinduna, amadoda amatya a mahle onke, izinkweli zi kwele emahashini.
7Yena wa nika ukupinga kwake ku bona, bonke abahle bamadodana ba seAshuri, na ngabo bonke a ba kanukelayo yena; na ngazo zonke izitombe wa zingcolisa.
8Futi ukupinga kwake kwa sEgipite a ka ku yekanga; ngokuba ba lala naye ebutyeni bake, bona ba cindezela imibele yokutomba kwake, ba tela ukupinga kwabo pezu kwake.
9Ngako ngi m nikile esandhleni sabatandi bake, esandhleni sabaAshuri a ba kanukelayo yena.
10Bona ba hlubula ubunqunu bake; ba tabata amadodana ake namadodakazi ake, kepa ba bulala yena: wa ba negama pakati kwabafazi; ba kwenza ukwahlula pezu kwake.
11Lapo udade wabo uAholiba wa bona, wa ngcolisa ukukanuka kwake ku naye, nokupinga kwake nga pezu kokupinga kuka dade wabo.
12Wa kanukela amadodana a seAshuri, ababusi nezinduna ezi seduze naye, be gqoke okuhle impela; izinkweli zi kwele emahashini, amadoda amatya amahle onke.
13Nga se ngi bona ukuba wa zingcolisa, indhlela inye i be kubo bobabili.
14Futi wa pinda ukupinga kwake; wa ti wa bona amadoda a fanekiswa odongeni imifanekiso yabaKaldea be fanekiswa ngebomvu.
15Be binca izibopo okalweni lwabo, be vama nemishuqulo e namabala, ngokomkuba wamadodana a seBabulona eKaldea, izwe lokuzalwa kwabo.
16Wa ti ukubona ngamehlo ake, wa kanukela bona, wa tuma izigijmi kubo eKaldea.
17Kepa amadodana a seBabulona e za kuye okukweni lotando, a m ngcolisa ngokupinga kwawo, wa ti wa ngcoliswa iwo, wa ti umpefumlo wake wa hlukaniswa kuwo.
18Wa bonisa ukupinga kwake yena, wa bonisa nobunqunu bake; kwa ti umpefumlo wami wapulwa kuye njengaloko umpefumlo wami wapulwa kuye udade wabo.
19Kepa wandisa ukupinga kwake, ngokukumbula izinsuku zobutya bake, e be e pingile ngazo ezweni la sEgipite.
20Wa ti wa kanukela abatandi bake a benyama yabo i yinyama yezimbongolo, nokutela kwabo ku ukutela kwamahashi.
21U ti u kumbula ukwenakala kobutya bako, ekucindezeleni Egipite imibele ngenxa yamabele obutya bako.
22Ngako, Aholiba, njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina, ngi ya kuvusa abatandwa bako ngakuwe, umpefumlo wako u hlukaniswe kubo, ngi ya ku ba zisa pezu kwako ekuzungezeni.
23Amadodana a seBabulona nabaKaldea bonke, uPekodi, noShoa noKoa, onke amadodana ka Ashuri kanye nabo; amadoda amatya amahle onke, abakulu, aba nodumo, abakwele emahashini bonke.
24Ba ya kuti be ze ngakuwe be nezikali, nezincwele, namasondo, nebandhla labantu, ba mise ngakuwe ngasekuzungezeni isihlangu nehau nesigqoko; ngo beka pambi kwabo ukwahlula, ba kwahlule njengokwahlula kwabo.
25Ngo ti ngi beke umona wami nga kuwe, ba ku pate ngokuvuta, ba suse impumulo yako nezindhlebe zako; insali yako i ya kuwa ngenkemba, ba tabate amadodana ako namadodakazi ako; nokuseleyo kwako ko dhliwa umlilo.
26Ba ya kuhlubula izambato zako, ba tabate izivunulo zokuhloba kwako,
27Ngo ti ngi pelise ukonakala kwako nokupinga kwako okwasezweni la sEgipite: a u yi ku pakamisa amehlo ako kuko, u nga kumbuli iEgipite futi.
28Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngo ku nikela esandhleni sake o m zondayo, esandhleni sabo umpefumlo wako u hlukanisiwe kubo.
29Bo ti ba ku pate ngenzondo, ba tabate inzuzo yako yonke, ba ku shiye u ze, yebo uze; ubuze bokupinga kwako bo hlubulwa, yebo ukonakala kwako, nokupinga kwako.
30Ngi za kwenza loku kuwe ngokuya kwako emva kwezizwe ukupinga, ngokuba u ngcoliswe ngezitombe zazo.
31U hambile ngendhlela yodade wenu, ngi ya kuti ngi nike umkele wake esandhleni sako.
32Njalo i tyo iNkosi uJehova wo puza umkele wodade wenu ukujula nobubanzi bawo: wo ba nokuhlekwa nokulaulelwa; kukulu ukupatwa.
33Wena wo gcwaliswa ukudakwa nokudabuka, umkele wokusabeka nokuciteka, umkele wodade wenu iSamaria.
34Wena wo puza wona, u wu kotuluza u hlafune izihlepu, u hlepule amabele ako; ngokuba mina ngi kulumile i tyo iNkosi uJehova.
35Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova, ngokuba u ngi kohlile u ngi lahlile emva komhlana wako, ngakoke pata wena ukonakala kwako nokupinga kwako.
36Lapo uJehova wa tyo kimi ukuti; Ndodana yomuntu, wo mahlula uAhala noAholiba na? ba bonise pela ukunengeka kwabo.
37Ngokuba ba pingile, igazi li sezandhleni zabo, ba pingile nezitombe zabo, futi amadodana abo a ba wa zele kimi ba wa dhlulisela wona emlilweni uku wa tyisa.
38Futi benzile loku kimi; bonakalisile okuyingcwele kwami ngalo lona lolo usuku, ba ngcolisile amasabata ami.
39Ba ti ukububisa amadodana abo ezitombeni, be za pakati kokuyingcwele ngalo lona usuku uku ku ngcolisa; bhekake, benze njalo pakati kwendhlu yami.
40Futi ngokuba u tumele amadoda a vele kude, isitunywa sa tunywa kuwo, bhekake, e za: o wa zihlanzela wona, wa wa becela amehlo ako, wa wa hlobela izivunulo.
41Wa hlala embedeni omuhle, u netebula elilungiselwe pambi kwawo, o bekile pezu kwalo impepo yami namafuta ami.
42Futi izwi labaningi aba hlezi nje kuye: futi kanye nabantu abavamayo, abantu abaSabea a ba veliswe ehlane, a ba faka amasongo ezandhleni zabo, nemicele emihle emakanda abo,
43Nga se ngi ti kuye o pelele ekupingeni. Ba zo funa ukupinga naye, yena nabo na?
44Ba ti ba ngena kuye njengaloku ba ngena kumfazi o isifebe, njalo ba ngena kuAhala na kuAholiba, abafazi abonakalayo.
45Ko ti abantu abalungileyo ba bahlule ngokwahlula kwabafazi abapingayo, na ngokwahlula kwa ba palaza igazi; ngokuba ba izipingi bona, futi igazi li sezandhleni zabo.
46Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova, Ngo leta ibandhla pezu kwabo, ngi ba nikela ukukatazeka, nokupangwa.
47Ko ti ibandhla li ba kande ngamatye li ba qobe ngezinkemba zalo; li ya kubulala amadodana abo, namadodakazi abo, li tyise izindhlu zabo ngomlilo.
48Ngo ti ngi pelise ukonakala ezweni; futi abafazi bonke ba ya kufundiswa, ba ngenzi njengokonakala kwenu.
49Ba ya kuti ba pindisele ukonakala kwenu pezu kwenu, ni ya kupata nezono zezitombe zenu; nazi ukuba mina ngi yiNkosi uJehova.